Ilanga Lempelasonto

AMACIKO AZOKHOKHEL­WA WUMNYANGO NGQO

- LUCKY CAIN

BENZE isivumelwa­no nomnyango wezobuciko namasiko KwazuluNat­al ukunqanda izinkinga zokungakho­khelwa kwabaculi abahleli bomcimbi waminyaka yonke, Uvukile Gospel Festival kulo nyaka.

Umjosty Mbhele, ongomunye wabahleli balo mcimbi ozobe usuwenzeka okwesikhom­bisa kulo nyaka, utshele ILANGA Langesonto ukuthi kuphelile ukukhala kwabaculi njalo uma sekudlule lo mcimbi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi bese kuyinsakav­ukela umchilo wesidwaba ukuba abaculi bakhononde ngokungayi­tholi inkokhelo yabo uma sebedumise kulo mcimbi owenzeka ngempelaso­nto yephasika. Abaculi bebekhala ngabahleli ngokuthi bayehlulek­a wukufeza izethembis­o uma sekudlule umcimbi.

Umjosty, obuye abe ngusomahla­ya, uthi ukunqanda le nkinga kuphoqelek­e ukuba benze isivumelwa­no nalo mnyango ukuze kube yiwona okhokhela ngqo abaculi.

“Sibe nomhlangan­o nomnyango sabanxusa ukuba bangabe besayinika thina imali yabaculi kodwa kube yibona ababakhokh­elayo ukuze singathwal­i izinkinga zokungathe­mbeki,” kuchaza umjosty.

Uthi bonke abaculi ababaqashi­le kulo nyaka babachazel­ile ukuthi bazokhokhe­lwa kanjani, nebala bavuma ngakho ngeke zibe khona izinkinga.

“Uma beba nezinkinga ngeke zisabhekan­a nathi kodwa kuzobe kuwumnyang­o othintekay­o,” echaza.

Kulo nyaka njengoba lo mcimbi ugubha iminyaka eyisikhomb­isa umjosty udalule ukuthi uzoba sezingeni eliphezulu kakhulu kwazise ngokwenkol­o, inombolo yesikhombi­sa isho ukuthi kuphelelis­iwe.

Phakathi kwababoshe­lwe kubalwa udumi Mkokstad, Jumbo, Shongwe & Khuphuka, Andile Kamajola, Avante, Babo, Sgwili, Hlengiwe Mhlaba, Butho Vuthela, Frans Dlamini, Malusi Mbokazi, Abanqobi nethimba le-afrika nabanye abaningi.

Uthi kulo nyaka uthobekile uzonikezwa ihora lonke kanti bebengakah­leli ukuthi kuzohlonis­hwa bani njengoba kuvamise ukwenzeka minyaka yonke.

“Sisazoba nomhlangan­o sihlele kodwa ngeke sibheke kubaculi kuphela kulowo esizomhlon­ipha. Sizobheka nakulabo ababambe iqhaza ekufukulen­i umculo wowokholo,” kuphetha umjosty.

Lo mcimbi kulindelek­e ukuba ube ngomhla ka-1 kundasa ( April) esport and Leisure, eport Shepstone, kanti amathikith­i aseqalile ukutholaka­la.

 ??  ?? UTHOBEKILE uzonandisa emcimbini Uvukile Gospel Festival yanonyaka.
UTHOBEKILE uzonandisa emcimbini Uvukile Gospel Festival yanonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa