Ilanga Lempelasonto

ULAXAZE INKAMPANI NGENXA YENKONTILA­KI

- LUCKY CAIN

UGCINE esayine nesikhondl­akhondla senkampani umculi odunyazwe yizinkampa­ni ezidumile zomculo ethekwini, umuseeq IQ.

U-museeq IQ, ogama lakhe langempela ngusiphiwe Khumalo, uthole ikhaya elisha enkampanin­i esabalalis­a umculo i-universal Music.

Ngokuthola KWELANGA Langesonto ngemithomb­o eyahlukene, U-IQ (njengoba ebuye abizwe kanjalo), udunyazwe yizinkampa­ni ezimbili ezidumile ethekwini, imayonie Production­s ne-afrotainme­nt ngaphambi kokuba asayinwe yi-universal.

Umthombo osondelene nalo mculi udalule ukuthi U-IQ ungene kulo mkhakha engaphansi kwenkampan­i imayonie Production­s kazakes Bantwini.

Kule nkampani kunezingom­a azenzile, ezinye ezize zaphuma nakuma-albhamu amaciko abengaphan­si kwemayonie okubalwa UDJ Sndara, ubeezory noshon G.

“Ngesikhath­i sekumele akhiphe i-albhamu yakhe U-IQ, uzakes naye ubesefuna ukukhipha eyakhe. Ngesikhath­i uzakes eseyikhiph­ile eyakhe akabange esayinaka indaba ka-iq.

“Yilapho U-IQ eqoqe okungokwak­he wayilaxaza imayonie Production­s,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa ngenxa yokusondel­ana nalo mculi.

Imayonie izokhumbul­eka ngokuvundu­lula isilomo se-kwaito, ulvovo Derrango naye osayilaxaz­a le nkampani.

Ngemuva kokuphuma emayonie lo mculi uzame inhlanhla e-afro- tainment.

Omunye umthombo udalule ukuthi nakhona lapho akuhamba- nga njengamaga­ma enkehli njengoba ayethenjis­we izulu nomhlaba.

“Kunezingom­a akwazile ukuzikhiph­a e-afro kodwa kuthe sekumele akhiphe i-albhamu egcwele kwathiwa makalinde. Ulinde waze wakhathala kwazise nezingoma ubeseqedil­e ukuzenza kodwa engazi ukuthi inkinga ikuphi,” kuchaza omunye umthombo ojwayelene namaciko ase-afro.

Lo mculi onengoma edlalwa kakhulu emsakazwen­i kulezi zinsuku esihloko sithi" “Brand New” uzifikele mathupha amahhovisi aleli phephandab­a.

Echaza ngalezi zinkampani udalule ukuthi inkinga kube yizinkonti­leka.

“Kuzo zombili lezi zinkampani uma sekumele banginike inkontilek­a bekuba yinkinga. Inkinga ekhona lapha ethekwini wukuthi kusetshenz­wa kakhulu ngobungani nangokwaza­na bese okwebhizin­isi kusala ngaphandle nokuyikhon­a okubalulek­ile.

“Mina ngeke ngikwazi ukusebenza ngobungani nangokwaza­na nomuntu ngoba ngisuka emkhakheni lapho yonke into ibiyenzeka ngendlela yesivumelw­ano futhi kubhalwe phansi,” kusho lo mculi obesebenza enkampanin­i yezimoto zohlobo oluphambil­i.

Uthi kulezi zinkampani ubebachaze­la abanikazi bazo ukuthi uzimisele ngani futhi nakhona noma eseshiya ubesibeka isizathu sokushiya kwakhe bese bemnikeza izibusiso.

U-IQ ubonge umdu Ngcobo wenkampani itouch Africa ngokumxhum­anisa nezikhulu zakwaUnive­rsal njengoba zigcina ngokumsayi­na ngokugcwel­e kule nkampani.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? U-MUSEEQ IQ ugcine esayiniswe yi-universal Music ngemuva kokungabi nayo inhlanhla ezinkampan­ini zasethekwi­ni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E U-MUSEEQ IQ ugcine esayiniswe yi-universal Music ngemuva kokungabi nayo inhlanhla ezinkampan­ini zasethekwi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa