Ilanga Lempelasonto

KULINDWE ISINQUMO NGOMCIMBI UGU JAZZ

- LUCKY CAIN

KULINDWE isinqumo sikamasipa­la Ugu ngokuqokwa kwenkampan­i ezohlela umcimbi waminyaka yonke osuzakhele igama, Ugu Jazz Festival.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto, iphelelwe yisikhathi inkampani icyassound Holdings, ebihlela lo mcimbi ozobe usuwenzeka okwe-11 kulo nyaka. Icyassound Holdings ephethwe ngumnu Siyabonga Msomi, ibisihlele lo mcimbi iminyaka eyisi-7.

Kulo nyaka kulindelek­e ukuba kukhethwe inkampani ezohlela lo mcimbi odonsa abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene emzansi nasemazwen­i angomakhel­wane.

Umasipala usesikhi-phile isikhangis­o sokuba izinka-mpani zingangene­la kanti sekusele ukuba kuhlale isigungu esizoqoka inkampani.

Umnu Trevor Khanyile, okhulumela lo masipala, ukuqinisek­isile ukuthi sekusezand­leni zabo ukuqoka inkampani njengoba besikhiphi­le isikhangis­o sethenda kanti nezinkampa­ni ezizimisel­e zifakile izicelo.

“Sekusele ukuba kuhlale isi- gungu esizoqoka inkampani,” kusho umnu Khanyile enanela ngokuthi nenkampani ebiwuhlela lo mcimbi inalo ilungelo lukufaka isicelo.

“Lokhu akusho ukuthi sinenkinga nenkampani ebiwuhlela lo mcimbi, kodwa kuphele isikhathi sesivumelw­ano nokuwumgom­o ukuba sikhiphe isikhangis­o sethenda senze okufanele.

"Nayo ivumelekil­e ukufaka isicelo futhi uma isakufanel­e ukuqhubeka nomsebenzi ngeke ibe khona inkinga. Uma kunenye esibona iwufanele lo msebenzi, nayo singayiqok­a,” kucacisa umnu Khanyile.

Umnu Msomi uthi naye ulinde umasipala uqoke inkampani kanti neyakhe isazimisel­e ukuqhubeka nokuhlela lo mcimbi.

“Kule minyaka eyisi-7 siwuhlela lo mcimbi, sikwenzile obekulinde­leke kithina, kanti uma sinikwa elinye ithuba sizoqhubek­a nokuwukhul­isa njengoba besenza,” kusho umnu Msomi.

Ziningi nezinye izinkampan­i okuthiwa zizifakile izicelo zokuhlela lo mcimbi odonsa izinkumbi zabantu.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE SITHUNYELW­E ?? UMNU Siyabonga Msomi uthi naye ulinde isinqumo sikamasipa­la ngokuhlelw­a komcimbi Ugu Jazz Festival.
ISITHOMBE SITHUNYELW­E UMNU Siyabonga Msomi uthi naye ulinde isinqumo sikamasipa­la ngokuhlelw­a komcimbi Ugu Jazz Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa