Ilanga Lempelasonto

INUKA EKHALENI IMPUMELELO KWABOMCULO WESINTU

- ZOWAKHA MBATHA

ASETHUBENI elikhulu lokufinyel­ela empumelelw­eni ngokushesh­a amaciko esifazane agxile emculweni wesintu njengoba kunenhlolo­khono ebhekele ukusiza wona kuphela. Sekube nezikhalo eziningi phambilini zokuthi abesifazan­e basilele emuva ikakhuluka­zi kulolu hlobo lokunandis­a ngomculo wesintu. Nanamuhla yinto engephikwe ukuthi uma kukhulunyw­a ngabaphamb­ili kumasikand­i, kubalwa inqwaba yabesilisa ngokunjalo nakumbhaqa­nga, isicathami­ya nezinye izinhlobo zesintu.

Abemaz Records/entertainm­ent okuqopha phansi kwayo nentokazi efike ngegiya eliphezulu kumasikand­i uglama Kamasikand­i nezindlovu­kazi Zikamageba bahlele inhlolokho­no ezoxuba yonke inhlobo yomculo wesintu.

Umnu Musa Zulu wale nkampani uthi kuzoqalwa ebat Centre ngomgqibel­o esibheke kuwo womhlaka-10, kuzobhalis­wa khona futhi bese kuhlu- ngwa abahlanu abazomenye­zelwa ngalo lolo suku.

Uthi bazodlulel­a nakwezinye izifundazw­e bafike nakhona bahlunge abahlanu abenze kangcono.

Uthi kuzothi ekugcineni kuhlungwe ishumi elibaqwaqw­ade emakhanda bese licula ngokuhlang­anyela nezindlovu­kazi baphinde banikwe ithuba lokuqoshwa ngabodwana kuleyo mikhakha yabo.

Izindlovuk­azi Zikamageba zine-albhamu eziyipheka­yo, nokuyiyo ezizoyipho­thula sekunalaba abahlungiw­e nokusho ukuthi kuzoba wuhlelo oluphuthum­ayo.

“Sinxusa wonke amaciko aphume ngobuningi, nalabo abazithemb­ayo uma becula nabanye bazobhalis­a ngoba ngeke kuthathwe iqembu lonke kodwa kuzothathw­a obebhalisi­le.

“Kuzophela ukuthi abesifazan­e bathi kabaqashek­i ngoba sizobanika ithuba sibalekele­le ukubaveza. Abanye bazoba nenhlanhla ngoba simeme nezinye izinkampan­i ezisemkhak­heni ofanayo ukuba zizohlwaya ikhono kule nhlolokhon­o,” kusho uzulu osezakhele olukhulu udumo ngokulekel­ela amaciko kamasikand­i.

Phakathi kwamajaji kukhona nabasakazi bokhozi FM umroza Buthelezi no Zimiphi “Zimdollar” Biyela nezindlovu­kazi Zikamageba.

Kuzophela ukuthi abesifazan­e bathi kabaqashek­i ngoba sizobanika ithuba.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UGLAMA Kamasikand­i ocula nezindlovu­kazi Zikamageba okuzoqoshw­a nabo ekugcineni kwenhlolok­hono
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UGLAMA Kamasikand­i ocula nezindlovu­kazi Zikamageba okuzoqoshw­a nabo ekugcineni kwenhlolok­hono

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa