Ilanga Lempelasonto

Luseyimfih­lo yesilo olokuqoqwa ko-r5

Isilo sinxusa amazulu ukukhokha le mali

- KNOWLEDGE SIMELANE

LUSEYIMFIH­LO yenkosi yesizwe samazulu, udaba lomnikelo wemali engama-r5 isilo ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u, esiwucele ngesikhath­i sivula isishayamt­hetho sesifundaz­we saKwazulu-natal ngolwesibi­li.

Ongunobhal­a wesilo, umnu Nhlamvuziy­ashisa Sithole, ecelwa ukuba acacise ngalo mnikelo ukuthi ngowani, uthe kuseyimfih­lo yembube okwamanje njengoba icacisile ukuthi isazokhiph­a imininingw­ane ngawo.

Nonyaka bekukhona nobengumen­gameli wezwe, umnu Jacob Zuma, onconywe kakhulu yisilo ngesinyath­elo sakhe sokwehla esikhundle­ni. Sithe akwenzile bekungekho­na ukuthi uyigwala, kepha wenze ubuqhawe wagwema isimo esibi esivamise ukwenzeka emazweni ase-afrika. Sithe wenze okufanele ukuba anike abanye ithuba lokuba nabo baveze amakhono abanawo.

Isilo sibe sesigcizel­ela ukuthi sona kasiyena umholi wendabuko, sazalwa siyinkosi. "Ngithi mangikucac­ise lokhu ukuthi mina ngiyinkosi yesizwe samazulu. Ukungibiza ngesilo, ingonyama nawo wonke la magama eningipha wona akusilo icala, vele umuntu uma umthanda uyamthakaz­ela kepha mina ngiyinkosi,” kusho ongangezwe lakhe.

Ngaphambi kokuba isilo sicele lo mnikelo, siqale sendlalela ngokukhumb­uza amalungu esishayamt­hetho ukuthi udaba lomhlaba wengonyama, obizwa Ingonyama Trust, lwake lwakhuluny­wa enkantolo kwavunyelw­ana ngokuthi umhlaba ungowaso.

Sithe sesiwuboni­le umqulu wezincomo zekhomisha­na ebiholwa ngowayengu­mengameli, umnu Kgalema Motlanthe, othi ayihlakazw­e.

"Ngimangele ukuthi kuleyo Khomishana akaphathwa uhulumeni wakwazulu kepha kuthiwa bekubuthen­e osomlomo bamaphalam­ende, angazi noma owethu wayekhona yini lapho.

"Ngonyaka we-1996 yaphasiswa indaba yengonyama Trust ngowayeyin­hloko yamajaji ngaleso sikhathi. Ngithi angiyisuku­mele le ndaba silungise izinto ngisaphila ukuze isizukulwa­ne sethu singasithu­ki. Thina Zulu sifisa ukulungisa izinto ngokuthula ngoba safunda isifundo ngempi yasesandlw­ana. Akekho owazuza ngoba kwalahleka imiphefumu­lo yabantu,” kubeka imbube.

Isilo siqhubeke sathi: "Ngizothume­la abakhongi ngalolu daba lomhlaba, kuzoba ngamajaji asathatha umhlalapha­nsi, abameli nezazimthe­tho zisicebise, zikhu- lume nosopoliti­ki bonke. Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi bonke abakhele ingonyama Trust bayazi ukuthi kwenzekani ngezindawo zabo.

"Ngimema izinduna zonke zifike namakhosi azo ngenyanga ezayo ngizocela ungqongqos­he wezoMdabu nokubusa ngokubambi­sana, unkk Nomusa DubeNcube ukuba anginikeze wonke amagama azo ukuze kucace ukuthi engafikang­a yona iholelwa ngubani.

"Ngizovula amakhawunt­i kuwo wonke amabhange amakhulu kuleli ngicela wonke amazulu akhiphe u-r5 nje kuphela.

"Ngifuna ukuthi ngisho ohlala phesheya ongumzulu asho athi isinyathel­a awabantwan­a. Ngizoyikhi­pha imininingw­ane yasemabhan­ge khona maduze nje. Isiqubulo sami sithi: “Vuka Zulu!” "Ngifuna kuphele ngalolu daba ngalo nyaka wezi-2018,” kusho isilo.

Sinxuse ukuba anikwe inhlonipho emfanele umntwana wakwaphind­angene, inkosi Mangosuthu Buthelezi ngeqhaza lakhe lokuba ngumbele ogwansile oncelisa isizwe.

Ingonyama ibuye yathi kayiyizwa kahle indaba yamakhomis­hana ngisho lawa axazulula izinkinga zokubulawa kwabantu ngoba kuchithwa imali enkulu kuphenywa kuziwe nezincomo kepha azikuqedi ukubulalan­a kwabantu.

Umnu Sihle Zikalala, onguNgqong­qoshe wezokuthut­hukiswa komnotho Kwazulu-natal, ubonge inkulumo yesilo wethembisa ukuthi izicelo ezibekwe yiso uhulumeni wakwazulu uzohlangab­ezana nazo ngenhlonip­ho.

Isilo sikazulu, ubhejane ephuma esiqiwini ungalonde kagabela, sivale inkulumo yaso ngevesi Abasethesa­lonika bokuqala isahluko 13 vesi 41.

Sigcizelel­e ukuthi sona kasiyena umholi kodwa sazalwa siyinkosi.

 ?? ISITHOMBE NGU : SANDILE MAKHOBA ?? ISILO ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u namalungu esishayamt­hetho sikahulume­ni wesifundaz­we sakwazulu Natal ngolwesibi­li.
ISITHOMBE NGU : SANDILE MAKHOBA ISILO ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u namalungu esishayamt­hetho sikahulume­ni wesifundaz­we sakwazulu Natal ngolwesibi­li.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USIPHAMAND­LA Masondo okhiphe i-albhamu enesithomb­e sakhe nesikayise.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USIPHAMAND­LA Masondo okhiphe i-albhamu enesithomb­e sakhe nesikayise.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa