Imabala "izingela" inkosi ye- kwaito
U-arthur uzama ukuvusa i-999
UMNIKAZI wenkampani yodumo imabala Noise Entertainment, umnu Reggie Governor Nkabinde, kubikwa ukuthi uzama ukunxenxa inkakha emculweni ukuba isebenzisane nenkampani yakhe ngenhloso yokuyivusa.
Imabala Noise imangaze abaningi eminyakeni emibalwa eyedlule isayinisa osaziwayo abahlukene okubalwa abaculi, abalingisi, ODJ nabethuli bezinhlelo zikamabonakude.
Le nkampani ithathwe njengenkulu eningizimu Afrika ngokusayinisa osaziwayo abanohlonze futhi asebezakhele igama kulo mkhakha.
Muva nje kubukeka le nkampani ifadalala njengoba isishiywe yinqwaba yalabo saziwayo kanye nezikhulu zayo.
ILANGA langesonto emasontweni ambalwa adlule libikile ngokushiya kwezikhulu zale nkampani nokuthi kubukeka izinto zimapeketwane kuyona.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomunye umthombo osondelene nezindaba zasemabala, umnu Nkabinde kuthiwa usezingxoxweni nenkakha yomculi, u-arthur Mafokate, naye onenkampani yakhe enabaculi i-999 Music ukuthi azozama ukuvusa le nkampani okubikwa ukuthi isinedlanzana lamaciko.
Umthombo uthi unkabinde obuye abe ngumgcinimafa weAfrican National Congress Youth League useke waba nemihlangano nomafokate ngenhloso yokuba abe yingxenye yale nkampani.
“Inkinga wukuthi u-arthur akasithathi isinqumo ngesicelo sikaNkabinde njengoba emanqika ukujoyina le nkampani kwazise usafuna ukuqonda isizathu sokushiya kwabantu isigubhukane kule nkampani,” kuchaza umthombo.
Uthi vele u-arthur unabo ubudlelwano nonkabinde kodwa bebungahlangene nokwebhizinisi yingakho u-arthur esemanqika ukuvuma ukusebenza nale nka- mpani.
“U-arthur uzama ukuvusa naye inkampani yakhe njengoba esanda kwethula ama-diva (Chomee, Khanya nosindi) manje akazi noma kuzomsiza ukuhlangana nemabala noma uzoqhubeka nokuziphushela,” kusho umthombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi muva nje u-arthur usanda kufaka isithombe egqoke ijakhethi yasemabala futhi emi nonkabinde enkundleni yokuxhumana i-instagram. Lesi sithombe sinombhalo othi “Before you hear it anywhere”.
Omunye uchaze lesi sithombe njengesingathi shu kwazise uthi u-arthur ubezama ukususa ukukhuluma. “Ungumngani nonkabinde akukho okungamenza ashiye inkampani yakhe ajoyine imabala Noise njengoba wonke umuntu ebona ukuthi iyaziwela ngakho angiboni ukuthi angafuna ukuwa nayo,” kuchaza umthombo wesibili.
Ethintwa umafokate ucele ukuba kuthintwe unkabinde.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula engakaphawuli umnikazi wenkampani,” esho. Encengwa ukuba aphawule ucele ukuba leli phepha-ndaba limshayele ngemuva kwehora lwesihlanu ntambama.
Eseshayelwa akabange esazixaka ngokuphendula ucingo.
Imizamo yokuxhumana nonkabinde iphunzile njengoba ucingo belumpongoloza luze lungene kwivoicemail kanti nakuyona ubenxusa ukuba angashiyelwa umlayezo kodwa athunyelelwe umqhafazo.
Nebala uthunyelelwe umqhafazo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaze aphendule.