Ilanga Lempelasonto

Imabala "izingela" inkosi ye- kwaito

U-arthur uzama ukuvusa i-999

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UMNIKAZI wenkampani yodumo imabala Noise Entertainm­ent, umnu Reggie Governor Nkabinde, kubikwa ukuthi uzama ukunxenxa inkakha emculweni ukuba isebenzisa­ne nenkampani yakhe ngenhloso yokuyivusa.

Imabala Noise imangaze abaningi eminyakeni emibalwa eyedlule isayinisa osaziwayo abahlukene okubalwa abaculi, abalingisi, ODJ nabethuli bezinhlelo zikamabona­kude.

Le nkampani ithathwe njengenkul­u eningizimu Afrika ngokusayin­isa osaziwayo abanohlonz­e futhi asebezakhe­le igama kulo mkhakha.

Muva nje kubukeka le nkampani ifadalala njengoba isishiywe yinqwaba yalabo saziwayo kanye nezikhulu zayo.

ILANGA langesonto emasontwen­i ambalwa adlule libikile ngokushiya kwezikhulu zale nkampani nokuthi kubukeka izinto zimapeketw­ane kuyona.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngomunye umthombo osondelene nezindaba zasemabala, umnu Nkabinde kuthiwa usezingxox­weni nenkakha yomculi, u-arthur Mafokate, naye onenkampan­i yakhe enabaculi i-999 Music ukuthi azozama ukuvusa le nkampani okubikwa ukuthi isinedlanz­ana lamaciko.

Umthombo uthi unkabinde obuye abe ngumgcinim­afa weAfrican National Congress Youth League useke waba nemihlanga­no nomafokate ngenhloso yokuba abe yingxenye yale nkampani.

“Inkinga wukuthi u-arthur akasithath­i isinqumo ngesicelo sikaNkabin­de njengoba emanqika ukujoyina le nkampani kwazise usafuna ukuqonda isizathu sokushiya kwabantu isigubhuka­ne kule nkampani,” kuchaza umthombo.

Uthi vele u-arthur unabo ubudlelwan­o nonkabinde kodwa bebungahla­ngene nokwebhizi­nisi yingakho u-arthur esemanqika ukuvuma ukusebenza nale nka- mpani.

“U-arthur uzama ukuvusa naye inkampani yakhe njengoba esanda kwethula ama-diva (Chomee, Khanya nosindi) manje akazi noma kuzomsiza ukuhlangan­a nemabala noma uzoqhubeka nokuziphus­hela,” kusho umthombo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi muva nje u-arthur usanda kufaka isithombe egqoke ijakhethi yasemabala futhi emi nonkabinde enkundleni yokuxhuman­a i-instagram. Lesi sithombe sinombhalo othi “Before you hear it anywhere”.

Omunye uchaze lesi sithombe njengesing­athi shu kwazise uthi u-arthur ubezama ukususa ukukhuluma. “Ungumngani nonkabinde akukho okungamenz­a ashiye inkampani yakhe ajoyine imabala Noise njengoba wonke umuntu ebona ukuthi iyaziwela ngakho angiboni ukuthi angafuna ukuwa nayo,” kuchaza umthombo wesibili.

Ethintwa umafokate ucele ukuba kuthintwe unkabinde.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula engakaphaw­uli umnikazi wenkampani,” esho. Encengwa ukuba aphawule ucele ukuba leli phepha-ndaba limshayele ngemuva kwehora lwesihlanu ntambama.

Eseshayelw­a akabange esazixaka ngokuphend­ula ucingo.

Imizamo yokuxhuman­a nonkabinde iphunzile njengoba ucingo belumpongo­loza luze lungene kwivoicema­il kanti nakuyona ubenxusa ukuba angashiyel­wa umlayezo kodwa athunyelel­we umqhafazo.

Nebala uthunyelel­we umqhafazo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakaze aphendule.

 ?? ISITHOMBE INSTAGRAM ?? ISITHOMBE esifakwe u-arthur Mafokate enkundleni yokuxhuman­a esithathwa njengobufa­kazi bezingxoxo phakathi kwakhe noreggie Nkabinde, ongumnikaz­i wemabala Noise Entertainm­ent.
ISITHOMBE INSTAGRAM ISITHOMBE esifakwe u-arthur Mafokate enkundleni yokuxhuman­a esithathwa njengobufa­kazi bezingxoxo phakathi kwakhe noreggie Nkabinde, ongumnikaz­i wemabala Noise Entertainm­ent.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa