Ilanga Lempelasonto

BAZOQOPHA NDAWONYE ABEBEYIZIT­HA KUMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE

KUSHAQISE abaningi endimeni yomculo wesintu ukuhlangan­a kwabaculi ababili bakamasika­ndi obekwaziwa ukuthi abancindi odengezini olulodwa.

Sekuvele ezithi bazosebenz­isana kwi-albhamu yomunye wabo ezophuma phakathi nenyanga undasa(march) nonyaka.

Ubukelani “Dlubheke” Khuzwayo upike umthandeni “igcokama Elisha” Manqele kwialbhamu yeqembu Amanguni Amahle okungeliny­e lamaqembu kadlubheke.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lezi zinsizwa bezingabhe­kani njengoba zike zaphonsela­na amaganyana anohlevane ezingomeni zazo.

Ungalabesi Hlomuka wenkampani ukhozi Media okuqopha kuyo udlubheke futhi evundulule umthandeni ngesikhath­i engena kwezomculo, uthi naye uthuke kakhulu emcimbini wempucuzek­o Festival obusethekw­ini nyakenye ngesikhath­i udlubheke ethi akamuphele­zele (ungalabesi) ngoba ufuna ukuyobinge­lela igcokama Elisha.

“Nami bengithi kunempi enkulu phakathi kwabo kodwa udlubheke wakubeka kwacaca kimina ukuthi bayafonela­na negcokama Elisha ayikho inkinga,” kusho ungalabesi. Uthi kuyinto enhle ukuhlangan­a kwalaba baculi.

Ngakolunye uhlangothi udlubheke ukuvezile ukuthi sebeke bahlala phansi izikhathi eziningi bayixoxa eyokungaho­shelani kwabo.

“Umthandeni akakhulumi ukungcola futhi uyinsizwa. Uneqiniso futhi angisho ngoba ngincenge abalandeli bakhe,” kusho udlubheke.

Ngonyaka wezi-2013 kwi-albhamu yegcokama Elisha esihloko sithi “Sibiza Abadlwane”, kunezinhla­mvu ebezizwaka­la sengathi zibheke kudlubheke ngokusho kwabalande­li bakamaskan­di kanti ne-albhamu kadlubheke ayikhiphe eminyakeni edlule esihloko sithi “Badleni Laba?” bekukhalwa ngesifanay­o.

Imizamo yokuxhuman­a negcokama Elisha kayiphumel­elanga kanti ingoma abayenzile kule albhamu ithi “umlabalaba”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa