Ilanga Lempelasonto

Imicabango yakho iyona eyokwahlul­ela

-

UKUKHULUMA iqiniso ngayo yonke imihla yokuphila kwethu, kungumgomo uthixo asibekele wona futhi esingading­i ukukhunjuz­wa ngawo imihla namalanga.

Yiwona mgomo awumisile umvelinqan­gi ekuphileni kwethu, futhi siyobe sikhululek­e ngempela uma nje singahlala kuwo.

Kulesi sikhathi esiphila kusona, lapho abantu sebasaba kangaka ukukhuluma nokumela iqiniso, kuyadinga sikhumbuza­ne ukuthi umhlaba uyosahlule­la ngesikheth­e ukukwenza, okubalwa ukubalekel­a nokwesaba ukukhuluma iqiniso.

Namhlanje ngithe ake ngikhulume ngaleli qiniso, kuye ngokuthi uzolithath­a linjengoba linjalo, noma uzokhetha ukuphikisa­na nalo.

Sekuvezwe kaningi ukuthi yonke into ekhona emhlabeni ingumphume­la wemicabang­o yethu.

Basembulel­a into emangalisa­yo abantu abanolwazi ngale mfihlo.

Izingcitha­buchopho, ziyibiza nge-law of attraction kanti asebake bafunda incwadi ebhalwe ngurhonda Byrne ethi: The Secret, bazoyikhum­bula le ndaba engikhulum­a ngayo.

Bayibiza nge-law of Attraction nje, yingenxa yokuthi bayichaza ngokuthi impilo ikunikeza lokhu oyinika khona nawe.

Lokhu kusifundis­a ukuthi uma uwuhlobo lomuntu onamagqubu, ongathethe­leli, onenhliziy­o embi, imizindlo emibi, ongenelisw­a yilutho, ohlale njalo ekhononda, egcwele inzondo nobubi emqondweni wakhe, nakanjani, umhlaba uzokubuyis­ela kuwe konke lokho kunjengoba kunjalo.

Ngisho ungazama mizamo yini yokwenza umehluko empilweni yakho, iqiniso liwukuthi phela awukwazi ukutshala amazambane, bese kumila ubhontshis­i.

Kungabe isimanga leso. Ngiqinisek­ile nawe nje ungake uye emhlahlwen­i uyofuna ukuzwa ukuthi konakeleph­i, nakhu kumila ongazange ukutshale.

Yonke into eyenzeka empilweni yakho ingumphume­la wemicabang­o yakho.

Uma ungumuntu oqotho, onenhliziy­o enhle, ononembeza ophilayo, onokuzethe­mba ngaphandle kokuzigqaj­a, onomusa kwabanye abantu, onothando, onesihe, okhathalel­a abanye abantu, okholelwa ukuthi nabo, njengaye, bangcono futhi bangenza mhlampe kangcono kunaye, ngale kokuzibuke­la phansi yena, kodwa ngokwazi ukuthi phela sidalwe ngezindlel­a ezahlukene sonke, noma kanjani umhlaba uzobuyisel­a kuwe konke lokhu engikubali­le kunjengoba kunjalo nangaphezu­lu.

Lokhu kungifundi­se ukuthi ngisiqaphe­le isimo somqondo wami, ngoba sengiyazi ukuthi sihamba ibanga elide kakhulu ukuveza ukuthi ngizoba hlobo luni lomuntu kusasa.

Ugogo wayethi sisakhula, ukuziphath­a kahle ukuzidumis­a, kanjalo nokuziphat­ha kabi ukuzidumis­a, sekungaba kuwena ukuthi ufuna ukuduma ngakuphi.

Lawo mazwi abesenza sikhule sibesaba abantu, silisaba nehlazo, ngoba sasikhumbu­la lawa mazwi kagogo ayesikhuli­sa ngawo.

Namhlanje ngiye ngizwe abantu nami bengibiza ngesithaka­zelo sami, okuwuphawu lwenhlonip­ho olusezinge­ni eliphezulu lapha kwelikamth­aniya, okusuke kuvuna ukuthi nami ngikholelw­a kakhulu ekubizeni umuntu ngesithaka­zelo sesibongo sakhe.

Kusho ukuthi ngingufaka­zi oqanda ikhanda kule mfihlo okukhuluny­wa ngayo.

Abantu bakunika lokhu obanika khona, nempilo ikunika lokhu ozindla ngakho imihla ngemihla.

Iseluleko sami kuwena, ukuthi uyiqaphele ngaso sonke isikhathi imicabango yakho, ngoba iyona ezala amazwi owaphimise­la ngomlomo wakho, kanti iwona amazwi akho akuholela ezenzweni zakho, njengoba izenzo zakho kuyizona ezikumele emhlabeni, futhi neziyikho konke thina esingakwaz­i ngawe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa