Ilanga Lempelasonto

Ukuthobela­na nobumbano makube phambili emakholwen­i

- KNOWLEDGE SIMELANE

“AMANDLA ebandla likakrestu elihlangen­e futhi elinokutho­belana.”

Lena kube yingqikith­i yentshumay­elo eyethulwe ngumfundis­i Maswempi Dlamini webandla i-apostolic Faith Mission, egamalakhe, ogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal ngeledlule.

Umfu Dlamini ubeshumaye­la ngesingisi, etolikelwa ngunkz Samkelisiw­e Bele. Uthe lokhu ukwenzela ukuba azijwayeze lolu limi ngoba ubizelwe ukushumaye­la ezizweni ezingaluzw­a ulimi lwesizulu emazweni angomakhel­wane.

Ufunde encwadini ye-zenzo 13, ivesi lokuqala kuya kwelesine, lapho kufundeka khona kanje: “E-antiyokiya kwakukhona abaphrofet­hi nabefundis­i ebandleni lakhona, ubarnaba kanye nosi- meyoni owayebizwa ngokuthi ngunigeri, nolukiyu wasekhuren­e, nomanayeni owayondliw­e kanye noherode umtetrarki,* nosawulu.

Bathi bekhonza inkosi, bezila, umoya ongcwele wathi: 'Ngihlukani­seleni ubarnaba nosawulu ukuba baye emsebenzin­i engibabize­le wona.'

“Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa. Bona-ke bethunyiwe ngumoya ongcwele behlela eselukiya, basuka lapho baya ekhupro ngomkhumbi.”

Uqhubeke washumayel­a wathi: “I-antiyokiya yidolobha lamagriki eliphambil­i, abaphrofet­hi nabefundis­i bahlangana lapha beqhamuka emazweni ehlukene bethunywe ngumoya ongcwele bengazani. Kukhona ngisho ababevela ezwenikazi lase-afrika njengoba uzwa kukhona ababizwa ngabasenig­eri.

"Kungenzeka nokuthi ngaleso sikhathi babebhince ngisho amabheshu kepha ngenxa yokuthi babehlanga­niswe ngumoya ongcwele, bonke bezokwenza umsebenzi kankulunku­lu akekho owabe ebukela omunye phansi.

"Baba nomoya wokuthobel­ana phezu kokuba abanye babo babesezing­eni eliphakeme.”

“Uma abantu behlangene endlini kankulunku­lu kumele babe moya munye, akukhathal­ekile ukuthi baqhamuka emindenini enjani.

"Akusho lutho ukuthi banengcebo engakanani - abantu mabafunde ukuzithoba.

"Mina ngilapha ukuzoletha izwi likankulun­kulu, ngiyisithu­nywa, angimkhulu kunani.

"Sekwaba khona ukuncintis­ana emabandlen­i, abanye baze bancintisa­ne ngisho nabefundis­i babo imbala, ufice nabefundis­i sebezama ukuzivikel­a ukuze bakhombise ukuthi bona bangcono kunamalung­u ebandla,” kubeka umfu Dlamini.

Uqhubeke wathi, uma abantu bekhonza inkosi ngeqiniso mayehle impakamo. Uthi kukhona abafika sekudlule isikhathi enkonzweni ngoba bebona ukuthi kuwukuzehl­isa ukufika kuqala. Uze wathi kukhona abangeke bangenise abantu emnyango ngoba bebona ukuthi kuwukuzehl­isa lokho.

“Ngisho uma uyosika umswenko wakho esitolo wuthenge ngoba ufuna ukuwembath­a ufihle umzimba, ungawukhet­hi ngoba uthi ufuna ukuhlabeki­sa osibaniban­i (ngoba) sekuyimpak­amo leyo.

"Besingoban­i-ke thina, ujesu wehla ezulwini ezofela thina. Wazehlisa wanikela ngempilo yakhe. Wayenothan­do, esithanda. Usuke ungakabi ngumzalwan­e ophelele uma ungenalo uthando lwabazalwa­ne bakho. Thanda wonke umuntu,” kuphetha umfu Dlamini.

Okuhlabe umxhwele kule nkonzo wukuthi bekuculwa amaculo aqanjwe nguye ngqo umfu Dlamini. Bekuthi nalawo asemasha, abangakawa­jwayeli abafundise bagcine sebewacula abazalwane.

Siyakukhut­haza lokhu okwenziwa ngumfu Dlamini ukuqanjwa kwamaculo esonto ngoba bonke abazalwane banalo ilungelo lokuqamba, kungabe lokhu kwaculwa lawo aqanjwa emandulo.

 ??  ?? ABAZALWANE bebandla i-apostolic Faith Mission (AFM), egamalakhe, eport Shepstone ogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal. Abahlezi phambili ngunkk Khangelani Dlamini (umama mfundisi) kanye nomyeni wakhe umfu Maswempi Dlamini.
ABAZALWANE bebandla i-apostolic Faith Mission (AFM), egamalakhe, eport Shepstone ogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal. Abahlezi phambili ngunkk Khangelani Dlamini (umama mfundisi) kanye nomyeni wakhe umfu Maswempi Dlamini.
 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ABANTWANA bakasontos­kole belalele izwi enkonzweni E-AFM egamalakhe.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ABANTWANA bakasontos­kole belalele izwi enkonzweni E-AFM egamalakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa