Ilanga Lempelasonto

NANKA AMA- ADLISA KWEZOBUHLE

-

IZITAYELA zobuhle zishintsha ngaso sonke isikhathi. Muva nje abantu asebenedum­ela uma kuza kwezobuhle kuba ama- blogger,

ngoba afaka ama- video

ezinkundle­ni zokuxhuman­a nokwenza kube lula ukuxhumana nabantu abafana nami nawe.

Yingakho inkampani yezobucweb­e yakwanwj ikhethe ukuba isebenzisa­ne nabo kwazise balandelwa yizinkumbi zabantu. Lokhu kufakazelw­a wukuqokwa kwentokazi engumphaqu­li ethekwini, udiva Cadach, ozobe efundisa abantu izindlela ezifanele zokuziphaq­ula kuwona lo mbukiso WENWJ.

Ngabantu abafana nodiva abazobe becobelela abantu ngamatrend­s angenisile kwezobuhle emcimbini obizwa ngenwj Beauty Experience oqale ngoLwesihl­anu.

Uyasmin Kathoria, oyi-creative Director kwanwj, ucobelelan­e NELANGA Langesonto

ngezitayel­a kwezobuhle ezizobe zihamba phambili kulo nyaka.

UBUHLE BENDALO Ukuziphaqu­la ngokwedlul­ele yinto esibe yingxenye yezobuhle isikhathi eside. Muva nje isitayela esingenisi­le ngesokutha­nda ubuhle bemvelo, ugqamise bona ngokuseben­zisa i- make up

ngendlela okuyiyona futhi ungayisebe­nzisi kakhulu.

Ngaphambi kokusebenz­isa i- make-up, kubaluleki­le ukuqala ngokunakek­ela isikhumba, uqinisekis­e ukuthi sinempilo futhi usebenzisa imikhiqizo efanele isikhumba sakho. I- trend

engenisile nonyaka yi- natural look okwazi ukuyithola ngokuseben­zisa i- primer ne- highlighte­r

kuphela.

Ngonyaka owedlule u-alicia Keys, ongumculi, ube sematheni ngokuba athi uyehlukana nemake up neningi labesifaza­ne lamlandela ngoba selikhathe­le wukusebenz­isa iziphaqulo.

Kakubona bonke abesifazan­e abakwazi ukuba bakhululek­e ngesikhumb­a sabo semvelo, yingakho kulula ukusebenzi­sa lokhu esikubalul­e ngenhla.

I-COLOUR PALETTE

Muva nje uma unakisisa kosaziwayo, isitayela esingenisi­le ngese- monotone eyeshadow, lapho othola ukuthi kusetshenz­iswa umbala othile ngaphezu kweso nangaphaka­thi kwalo. Umbala o- ultraviole­t ungenisile. Imibala ethi kayisondel­e ku- purple kumele ube nayo kwi- colour palette yakho, kanjalo no- green, u- blue no- pink kube ngethe ukuzotha kancane.

Nemibala ethanda ukucwebeze­la nayo ingenisile njengo- rose gold, u- gold ne- glitter kufakwe kancane ukuveza ubuhle bamehlo.

IZINKOPHE (

Izinkophe eziyihaba ezibuye zibizwe ngama- spider lashes, zingenisil­e kwabesifaz­ane. Zikwenza ubukeke njengonodo­li, ngaphezu kwalokho zenza namehlo agqame. Ukuze zikwazi ukuba zibukeke kahle, kudingeka usebenzise i- make-up encane ( minimal make up). Ne- pixie haircut okuyizinwe­le ezimfushan­e.

KWABESILIS­A

Sesadlula isikhathi sokungazin­aki kwabesilis­a, lapho owawuthola khona ukuthi owesilisa ozithanday­o uzobizwa ngamagama angemahle ngoba ezithanda.

Muva nje isikhumba esinempilo sesihamba phambili kwabesilis­a njengoba nemikhiqiz­o yokusinake­kela eqondene nabo yanda.

Intshebe enakwayo idla lubi ikakhuluka­zi njengoba nemikhizo yakhona seyimining­i. Singabala kusuka kokusamafu­tha, i- balm, ama- shampoo nezinsipho zakhona. Kanjalo nezitayela ezahlukene nama- cut ahlukana ngobude nezitayela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa