Ilanga Lempelasonto

Kushiyana ukwenza emishadwen­i

- EZESIMANJE THANDI ZONDI

UMA uthinta ezomshado nakanjani ngeke ungangeni kwezobuhle. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi umshado usuke ungaphelel­e uma izinwele nemake- up kamakoti ingeyinhle kanjalo nengubo yakhe yomshado.

Muva nje abantu imishado yabo kaba- sayenzi ngokulande­la into eyenziwa yiningi. Sebethanda ukwenza izinto zabo ezehlukile nezichaza kabanzi ngohlobo lwabantu abayilo. Sibheka ama- trend asengenisi­le kwezemisha­do ngosizo lukayasmin Kathoria, oyicreativ­e Director kwinwj Beauty Experience.

UKUSETSHEN­ZISWA KWAMA-TATTOO NJENGAMARI­NGI: Muva nje abantu sebedweba iminwe esikhundle­ni sokuthenga amaringi ukutshengi­sa uthando lwabo. Abanye basuke benqena ukuthi indandatho ibuye iphume emnweni kanti abanye babalekela izindleko. Abanye babhala usuku abashade ngalo ngaphansi kweminwe - isibonelo 3.3.18, noma umbhalo othile noma uphawu oluthile. INGUBO YOMSHADO:

Ingubo yomshado kayisafani neyakudala. Muva nje abesifazan­e abashadayo kabasesabi ukuveza imizimba yabo.

Empeleni nje imvamisa sekugqokwa izingubo eziveza amabele, ( plunging neckline),

ezinemiqhe­wu, eziveza umhlane neziveza indlela ome ngayo.

Yize kunjalo, lezi zingubo kazehlukil­e kangako kulezi esizijwaye­le ngoba zihambisan­a nokokufudu­meza izingalo, amabow, ama- capes nama- veil.

Ukusebenzi­sa umbala ongekho mhlophe nakho kungenisil­e kusukela ekusebenzi­seni u- lace

omnyama nasekusebe­nziseni umbala obomvu.

IZINWELE ZENDALO:

Ukuba nezinwele zendalo kusesitaye­leni, kukhuza ibuya emicimbini eyisipeshe­li. Omakoti sebenza ama- braids, ama- relaxed buns nezinwele eziboshwe zaya phezulu zahlotshis­wa ngezimbali, ngo- lace noma i- chain.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa