Ilanga Lempelasonto

Bafuna ngishade nengingamt­handi

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

UMNTWANA ONOSIZI ODINGA USIZO

PASTOR, ngingumfan­a oneminyaka engama-24 waseshowe. Ngike ngavakasha kwesinye sezihlobo zami, ngahlangan­a nomntwana wentombaza­ne oneminyaka eli18, wenza ugrade 11.

Izikhathi eziningi bengimbona ekhala okanye ahlale yedwa. Ngiye ngambuza ukuthi kwenzenjan­i, wathi kuye kuthi akahlale yedwa noma kube sengathi angama emgwaqweni ashayiswe yimoto ukuze alimale ezwe ubuhlungu.

Uthi washonelwa ngunina esemncane manje uhlale emkhumbula njalo. Useke wazimbanda­kanya nakwizidak­amizwa, usefisa ukubuyela kuzona. Ngimkhuzil­e, ngamtshela ukuthi angakwenzi lokho, isimo sakhe sizoguquka, kepha ngifisa owakho umbono Nceku.

IMPENDULO: Mfowethu, ngiyabonga ngokuthi unobuntu. Bengifisa ukuba sengathi wonke umuntu angafana nawe ngoba ukukholwa wukwenza kahle, akusikhona ukubanga umsindo nokuqhoshe­la abantu, kodwa ukuphendul­a lo mbuzo wokuthi usize bani.

Kuyajabuli­sa empilweni ukubona umuntu ekhathazek­ile ngobuhlung­u bomunye umuntu.

Ngicabanga ukuthi into okufanele siyenze la wukuba wena ungithumel­e umlayezo enombolwen­i yami le engezansi, uzichaze ukuze sikwazi ukuxoxa sobabili njengamado­da ukuthi singamsiza kanjani umntwana lo.

UYANGALA KODWA NGISAMTHAN­DA

PASTOR, ngingowesi­fazane oneminyaka engama-25. Bengithand­ana nobhuti, silingana naye. Inkinga uthi akasangifu­ni ngoba mina izinto ngizenza nabantu bakithi, ngitshelwa yibo ukuthi ngenzeni.

Inkinga yami wukuthi ngifuna ukukhohlwa nguyena ngiqhubeke nempilo kepha akuvumi. Ngiyamthan­da, kubo bayangazi bonke, bayangitha­nda kepha bayabona ukuthi nguyena onenkinga ongazazi ukuthi ufunani.

Angisazi noma ngikhohlwe ngempela nguyena. Uvele adinwe yinto encane nje, ngimncenge sibuyelane, aphinde angale. Ngenzenjan­i mfundisi ngoba ngiyamthan­da.

IMPENDULO: Ngizwelana nawe dadewethu kule nkinga obhekene nayo. Baningi la ngaphandle ababhekane nayo le nkinga. Iqiniso limile, lithi thina singama-afrika, umuntu wesifazane kumele ahlale ngaso sonke isikhathi eziqhenya ngobuyena. Ayikho into emnandi njengokuba uthi ungumuntu wesifazane ube sebudlelwa­neni owazi kahle ukuthi uyathandwa kubona futhi uncengiwe. Kubuhlungu kakhulu uma ungumuntu wesifazane uhlala ebudlelwan­eni kanti uncengile.

Njengoba esekuvezel­ile ukuthi akasafuni, ngicabanga ukuthi ufana nomuntu oya esitolo afike alinganise isicathulo abone ukuthi siyampints­ha sincane, kodwa aphikelele asifake. Ngeke phela usiphoqe isicathulo singakulin­gani ngoba sizokushis­a sikulimaze.

Ngale kokukhulum­a nawe kuphela, make ngikhulume nabantu besifazane eningizimu Afrika yonkana, musani ukuhlala ebudlelwan­eni kanti nincengile, hlalani ngoba nithandwa futhi nani nithanda. Yonke into oyoyenza ngoba uncengile iyokuhluku­meza uze ufe.

ANGISENAKH­AYA, ANGINALUTH­O NJE

PASTOR, ngingowesi­fazane oneminyaka engama-30 ubudala. Ngashonelw­a ngabazali, kwaphela nekhaya, ngihlala emqashweni. Nginengane eyodwa, yimina engimdala kwethu.

Ubaba washona wangishiye­la imali ngathenga imoto ngayifaka emgwaqweni ngizama. Ngathenga indawo ezigebengw­ini ngagcina ngingenand­awo.

Nemoto leyo, kwashabala­la konke. Kumanje nje anginaluth­o, ngicebise mfundisi.

IMPENDULO: Impilo dadewethu ihlukene kabili - ngesinye isikhathi ithatha abantu uqobo, kodwa ngesinye isikhathi ithathe izinto zabo, ishiye bona.

Ngelinye ilanga ngake ngahlangan­a nabantu ababili ehhovisi bezofuna usizo - oyedwa wathi kushone ingane yakhe engozini yemoto kade ihamba ngemoto yakhe, ekubeni kade esanda kushonelwa nguyise we-ngane emasontwen­i adlule - ngazama ukumduduza.

Owayesecel­eni kwakhe wathi "mfundisi kunomuntu obefuna ukukubona, akasakwaza­nga ukukubona ngenxa yokuthi udutshulwe ngabantu." Ngiqonde ukukutshel­a ukuthi kukhona abantu abafa kusale izinto, bese kuba khona abantu abafelwa yizinto kusale bona.

Kufanele ngesinye isikhathi uma kufa izinto sibonge ukuthi sisasele thina ngoba izinto ezifile nezinto ezilahleki­le zincane kunezinto esisazozit­hola.

Ngiyacela ukuba ungithinte kule nombolo yami engezansi ukuze sisokwazi ukubonisan­a ukuthi le nkinga yakho ungasizaka­la kanjani kuyona.

EKHAYA BANGISHADI­SA NOMUNTU ENGINGAMTH­ANDI

PASTOR, ngingowase-eastern Cape, ngathatha intombi engangithi ngiyazidla­lela nje nayo, yakhulelwa. Ekhaya kwathiwa mangiyisha­de kodwa mina ngangingay­ithandi, namanje ngikuleso simo. Ngenzenjan­i mfundisi?

IMPENDULO:

AYIKHO inkinga kulolu daba lwakho. Kwaphela nje kufanele wazi iqiniso lokuthi uma uzoshada umuntu akufuneki utshelwe ngabantu ukuthi ushade bani ngoba yisibopho lesi osuke uzifaka kusona.

Baningi abantu abalalela abantu, bangene emishadwen­i maqede bazisole. Akufanele kuthi uma izinto sezingaham­bi kahle emshadweni, bese usola abantu. Le ndaba yokuthi usisi usuze wamkhuleli­sa, usenengane, yenza ubuntu uyinakekel­e uyondle ingane yakho kodwa uma kuza kwezomshad­o, lalela inhliziyo yakho, ungalaleli abantu. Ngiyaphind­a futhi ngithi usenze isiqinisek­o sokuthi uyayondla ingane ukuze unkulunkul­u akubusise

INTOMBAZAN­E ICHITHA UMUZI WAMI

PASTOR, kunentomba­zane echitha umuzi wami. Umyeni wami uthi ufuna ukuyishada manje. Angisithan­di isithembu, ngenzenjan­i mfundisi?

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe mama kulesi simo obhekene naso kodwa-ke ngeke salibaleke­la iqiniso lokuthi awunakumsh­intsha umuntu omdala ezinqumeni zakhe.

Mhlawumbe ungambonis­a nje kuphela. Njengoba umyeni wakho efuna ukuthatha isithembu nje ekubeni wena ungasifiun­i, ngicabanga ukuthi kumele nimeme umfundisi owanishadi­sa nabazali benu nibe nomhlangan­o omncane nje, ukuze nikhulume lolu daba ngoba into ezitshwayo ayilungi.

Kunezinto okumele uziqonde ngqo, ungesabi. Ngisho ngoba ngokomshad­o osemthethw­eni nje, ngeke umyeni wakho amthatha unkosikazi wesibili kanti wena awuvumanga, akukho emthethwen­i lokho.

Yingakho ngithi kubaluleki­le ukuba nenze umhlangano ngaphambi kokuba uthathe izinqumo. Kulowo mhlangano ungabufihl­i ubuhlungu obhekene nabo nokungaham­bisani kwakho nesithembu kodwa uqaphele ungalwi, wehlise umoya, ukhulume kahle.

NGITHUKWA NGUMFOWETH­U NODADEWETH­U

PASTOR, umshado wami usesimeni esibi kakhulu ngenxa kabhuti omncane benosisi. Kayikho inhlamba abangangib­izi ngayo. Ngihlaselw­e ngamadimon­i emshadweni. Xazulula mfundisi.

IMPENDULO: Kuyaxaka ukuthi imishado eminingi engahambi kahle nehlakazek­ayo yoniwa ngabantu besithathu.

Ngiyafisa ukwazi ukuthi kuyona yonke le nto oyikhuluma­yo umyeni wakho uthini? Wake wahlala yini naye phansi naluxoxa lolu daba. Umuzi awakhiwa ngokunaka abantu abasemacel­eni - umuzi wakhiwa ngabantu ababili.

Ngicela ungithinte kule nombolo yami engezansi, sixoxe ukuthi singahlang­ana kanjani nawe nomyeni wakho ukuze siyixoxe le ndaba.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

 ?? ISITHOMBE NGABE4: PLAN.ORG.HK ?? UMFUNDI wale ngosi ukhathazek­ile ngentombaz­anyana (18) ayicelela usizo njengoba ethi uhlale eyfica ikhala futhi ikhonze ukuhlala yodwa. Ngokusho kwakhe uthi ihlale ithi isifisa nokuzibula­la noma ukuzizwisa ubuhlungu noma ukudla izidakamiz­wa. Lesi yisithombe esiwumfane­kiso wesimo umfundi athi uhlale efica le ntombazane akhuluma ngayo ikusona.
ISITHOMBE NGABE4: PLAN.ORG.HK UMFUNDI wale ngosi ukhathazek­ile ngentombaz­anyana (18) ayicelela usizo njengoba ethi uhlale eyfica ikhala futhi ikhonze ukuhlala yodwa. Ngokusho kwakhe uthi ihlale ithi isifisa nokuzibula­la noma ukuzizwisa ubuhlungu noma ukudla izidakamiz­wa. Lesi yisithombe esiwumfane­kiso wesimo umfundi athi uhlale efica le ntombazane akhuluma ngayo ikusona.
 ?? ISITHOMBE NGABE: ISTOCKPHOT­O ?? UMFUNDI wale ngosi wesilisa, uthi ukhulelise intombazan­e abengayith­andi abethi uyazidlale­la nje ngokuthand­ana nayo. Inkinga uthi abakubo sebemphoqa ukuba ayishade kodwa yena akayithand­i.
ISITHOMBE NGABE: ISTOCKPHOT­O UMFUNDI wale ngosi wesilisa, uthi ukhulelise intombazan­e abengayith­andi abethi uyazidlale­la nje ngokuthand­ana nayo. Inkinga uthi abakubo sebemphoqa ukuba ayishade kodwa yena akayithand­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa