Bafuna ngishade nengingamthandi
UMNTWANA ONOSIZI ODINGA USIZO
PASTOR, ngingumfana oneminyaka engama-24 waseshowe. Ngike ngavakasha kwesinye sezihlobo zami, ngahlangana nomntwana wentombazane oneminyaka eli18, wenza ugrade 11.
Izikhathi eziningi bengimbona ekhala okanye ahlale yedwa. Ngiye ngambuza ukuthi kwenzenjani, wathi kuye kuthi akahlale yedwa noma kube sengathi angama emgwaqweni ashayiswe yimoto ukuze alimale ezwe ubuhlungu.
Uthi washonelwa ngunina esemncane manje uhlale emkhumbula njalo. Useke wazimbandakanya nakwizidakamizwa, usefisa ukubuyela kuzona. Ngimkhuzile, ngamtshela ukuthi angakwenzi lokho, isimo sakhe sizoguquka, kepha ngifisa owakho umbono Nceku.
IMPENDULO: Mfowethu, ngiyabonga ngokuthi unobuntu. Bengifisa ukuba sengathi wonke umuntu angafana nawe ngoba ukukholwa wukwenza kahle, akusikhona ukubanga umsindo nokuqhoshela abantu, kodwa ukuphendula lo mbuzo wokuthi usize bani.
Kuyajabulisa empilweni ukubona umuntu ekhathazekile ngobuhlungu bomunye umuntu.
Ngicabanga ukuthi into okufanele siyenze la wukuba wena ungithumele umlayezo enombolweni yami le engezansi, uzichaze ukuze sikwazi ukuxoxa sobabili njengamadoda ukuthi singamsiza kanjani umntwana lo.
UYANGALA KODWA NGISAMTHANDA
PASTOR, ngingowesifazane oneminyaka engama-25. Bengithandana nobhuti, silingana naye. Inkinga uthi akasangifuni ngoba mina izinto ngizenza nabantu bakithi, ngitshelwa yibo ukuthi ngenzeni.
Inkinga yami wukuthi ngifuna ukukhohlwa nguyena ngiqhubeke nempilo kepha akuvumi. Ngiyamthanda, kubo bayangazi bonke, bayangithanda kepha bayabona ukuthi nguyena onenkinga ongazazi ukuthi ufunani.
Angisazi noma ngikhohlwe ngempela nguyena. Uvele adinwe yinto encane nje, ngimncenge sibuyelane, aphinde angale. Ngenzenjani mfundisi ngoba ngiyamthanda.
IMPENDULO: Ngizwelana nawe dadewethu kule nkinga obhekene nayo. Baningi la ngaphandle ababhekane nayo le nkinga. Iqiniso limile, lithi thina singama-afrika, umuntu wesifazane kumele ahlale ngaso sonke isikhathi eziqhenya ngobuyena. Ayikho into emnandi njengokuba uthi ungumuntu wesifazane ube sebudlelwaneni owazi kahle ukuthi uyathandwa kubona futhi uncengiwe. Kubuhlungu kakhulu uma ungumuntu wesifazane uhlala ebudlelwaneni kanti uncengile.
Njengoba esekuvezelile ukuthi akasafuni, ngicabanga ukuthi ufana nomuntu oya esitolo afike alinganise isicathulo abone ukuthi siyampintsha sincane, kodwa aphikelele asifake. Ngeke phela usiphoqe isicathulo singakulingani ngoba sizokushisa sikulimaze.
Ngale kokukhuluma nawe kuphela, make ngikhulume nabantu besifazane eningizimu Afrika yonkana, musani ukuhlala ebudlelwaneni kanti nincengile, hlalani ngoba nithandwa futhi nani nithanda. Yonke into oyoyenza ngoba uncengile iyokuhlukumeza uze ufe.
ANGISENAKHAYA, ANGINALUTHO NJE
PASTOR, ngingowesifazane oneminyaka engama-30 ubudala. Ngashonelwa ngabazali, kwaphela nekhaya, ngihlala emqashweni. Nginengane eyodwa, yimina engimdala kwethu.
Ubaba washona wangishiyela imali ngathenga imoto ngayifaka emgwaqweni ngizama. Ngathenga indawo ezigebengwini ngagcina ngingenandawo.
Nemoto leyo, kwashabalala konke. Kumanje nje anginalutho, ngicebise mfundisi.
IMPENDULO: Impilo dadewethu ihlukene kabili - ngesinye isikhathi ithatha abantu uqobo, kodwa ngesinye isikhathi ithathe izinto zabo, ishiye bona.
Ngelinye ilanga ngake ngahlangana nabantu ababili ehhovisi bezofuna usizo - oyedwa wathi kushone ingane yakhe engozini yemoto kade ihamba ngemoto yakhe, ekubeni kade esanda kushonelwa nguyise we-ngane emasontweni adlule - ngazama ukumduduza.
Owayeseceleni kwakhe wathi "mfundisi kunomuntu obefuna ukukubona, akasakwazanga ukukubona ngenxa yokuthi udutshulwe ngabantu." Ngiqonde ukukutshela ukuthi kukhona abantu abafa kusale izinto, bese kuba khona abantu abafelwa yizinto kusale bona.
Kufanele ngesinye isikhathi uma kufa izinto sibonge ukuthi sisasele thina ngoba izinto ezifile nezinto ezilahlekile zincane kunezinto esisazozithola.
Ngiyacela ukuba ungithinte kule nombolo yami engezansi ukuze sisokwazi ukubonisana ukuthi le nkinga yakho ungasizakala kanjani kuyona.
EKHAYA BANGISHADISA NOMUNTU ENGINGAMTHANDI
PASTOR, ngingowase-eastern Cape, ngathatha intombi engangithi ngiyazidlalela nje nayo, yakhulelwa. Ekhaya kwathiwa mangiyishade kodwa mina ngangingayithandi, namanje ngikuleso simo. Ngenzenjani mfundisi?
IMPENDULO:
AYIKHO inkinga kulolu daba lwakho. Kwaphela nje kufanele wazi iqiniso lokuthi uma uzoshada umuntu akufuneki utshelwe ngabantu ukuthi ushade bani ngoba yisibopho lesi osuke uzifaka kusona.
Baningi abantu abalalela abantu, bangene emishadweni maqede bazisole. Akufanele kuthi uma izinto sezingahambi kahle emshadweni, bese usola abantu. Le ndaba yokuthi usisi usuze wamkhulelisa, usenengane, yenza ubuntu uyinakekele uyondle ingane yakho kodwa uma kuza kwezomshado, lalela inhliziyo yakho, ungalaleli abantu. Ngiyaphinda futhi ngithi usenze isiqiniseko sokuthi uyayondla ingane ukuze unkulunkulu akubusise
INTOMBAZANE ICHITHA UMUZI WAMI
PASTOR, kunentombazane echitha umuzi wami. Umyeni wami uthi ufuna ukuyishada manje. Angisithandi isithembu, ngenzenjani mfundisi?
IMPENDULO: Ngiyazwelana nawe mama kulesi simo obhekene naso kodwa-ke ngeke salibalekela iqiniso lokuthi awunakumshintsha umuntu omdala ezinqumeni zakhe.
Mhlawumbe ungambonisa nje kuphela. Njengoba umyeni wakho efuna ukuthatha isithembu nje ekubeni wena ungasifiuni, ngicabanga ukuthi kumele nimeme umfundisi owanishadisa nabazali benu nibe nomhlangano omncane nje, ukuze nikhulume lolu daba ngoba into ezitshwayo ayilungi.
Kunezinto okumele uziqonde ngqo, ungesabi. Ngisho ngoba ngokomshado osemthethweni nje, ngeke umyeni wakho amthatha unkosikazi wesibili kanti wena awuvumanga, akukho emthethweni lokho.
Yingakho ngithi kubalulekile ukuba nenze umhlangano ngaphambi kokuba uthathe izinqumo. Kulowo mhlangano ungabufihli ubuhlungu obhekene nabo nokungahambisani kwakho nesithembu kodwa uqaphele ungalwi, wehlise umoya, ukhulume kahle.
NGITHUKWA NGUMFOWETHU NODADEWETHU
PASTOR, umshado wami usesimeni esibi kakhulu ngenxa kabhuti omncane benosisi. Kayikho inhlamba abangangibizi ngayo. Ngihlaselwe ngamadimoni emshadweni. Xazulula mfundisi.
IMPENDULO: Kuyaxaka ukuthi imishado eminingi engahambi kahle nehlakazekayo yoniwa ngabantu besithathu.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi kuyona yonke le nto oyikhulumayo umyeni wakho uthini? Wake wahlala yini naye phansi naluxoxa lolu daba. Umuzi awakhiwa ngokunaka abantu abasemaceleni - umuzi wakhiwa ngabantu ababili.
Ngicela ungithinte kule nombolo yami engezansi, sixoxe ukuthi singahlangana kanjani nawe nomyeni wakho ukuze siyixoxe le ndaba.
*Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.