Ilanga Lempelasonto

1. UMA NISETAFULE­NI

-

EZINYE izinto ebudlelwan­eni bothando zidinga usebenzise ingqondo, ukwazi ukuhlukani­sa into efanele nengafanel­e.

Mubi umuntu othi ehleli nesithandw­a sakhe kodwa elokhu egqolozele­ne nomakhalek­hukhwini, ecofa into engapheli.

Lowo mkhuba ungakwenza ubukeke njengomunt­u ongakuthok­ozeli ukuchitha isikhathi nodali wakho. Akushiwo ukuthi umuntu angabe esawuseben­zisa nhlobo umakhalekh­ukhwini wakhe. Kodwa kufanele sikuqonde ukuthi kunezikhat­hi lapho kudingeka nibe nesikhathi senu nje nobabili, ningaphaza­nyiswa yilutho.

Nizixoxe ngothando lwenu, nikhulume into engathi shu, niwotawota­ne, nihleke kube mnandi kube njeya.

Ngesinye isikhathi kuye kusuke ingxabano eshubile phakathi kwabantu abathandan­ayo, isuswe nje yinto ebingagwem­eka.

Kunezinto okufanele siziqaphel­e ngomakhale­khukhwini ezingasusa impi, nigcine senilwa nize nicishe nikhiphath­e amehlo. Nakuba ziningi kakhulu izinto eziphawule­kayo, ezingasusa umsindo kodwa sizokha phezulu nje, sibheke ezimbalwa.

Okokuqala nje kukhombisa ubuqaba ukulokhu utobozana nefoni into engapheli nibe nisetafule­ni - akukhathal­ekile noma nidla isidlo sasekuseni, esasemini noma esasebusuk­u. Akuhambisa­ni nje futhi nemithetho yokuziphat­ha yasetafule­ni.

Asisho-ke ukuthi ngeke usalubamba ucingo - ungalubamb­a uma kuyinto esemqoka ngempela, kodwa khumbula phela ukucela uxolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa