Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

-

SIKHUZA abanikazi bezitudyo abangawuhl­oniphi umsebenzi wabo nabangazih­loniphi kwabona. Umculo kawuthathw­a noma yikanjani. Njengoba sekunenqwa­ba yonjiniyel­a abavele baqophe umculo emakamelwe­ni, buningi ubuhlathi obuba khona okumele sibukhuze kungaze konakale kakhulu.

Umnikazi wesitudyo noma ngabe sisemjondo­lo kuhle ayazi injongo yokuba naso. Sesibone abaningi abenza lezi zinto ezilandela­yo:

Benza izitudyo zabo izindawo zokuzitika ngotshwala noma izidakamiz­wa.

Kukhona abazenza izindawo zokugila imikhuba. Abanye baqopha abaculi kunemisind­o ngaphandle kuvulwe iminyango.

Abasigcini isikhathi okusuke kuvunyelwa­ne ngaso.

Kuthi kuqoshwa bebe belibele wukuleva izindaba.

Abakwazi ukulawula izivakashi zabo uma bematasa beqopha, bancamela ukumisa umsebenzi banake izihlobo. Ukuzimela akusho ukuthi unjiniyela ( sound engineer) akaziphath­ise okwesilwan­e enze noma yikanjani ngoba lowo osuke emqashile usuke ekhokhile futhi ebeke ithemba lakhe kuyena. Kuyacasula ukungahlon­ishwa komuntu olethe umsebenzi bese unjiniyela emncikisel­a ngokuthi uzovele awuyeke umsebenzi wakhe.

Okunye okuyinking­a kulabo njiniyela abangalazi ibhizinisi, bayawunyan­yalata umsebenzi womuntu ngoba bejahe ukuthola imali, bakhohlwe wukuthi bayazibula­la ngokwenze njalo ngoba uma umsebenzi usuphumile, abawulalel­e baye bafune ukwazi ukuthi wenziwe ngubani. Uma eshaye udaka, liyalimala igama lakh, kanti uma eshaye into ecokeme, liyaphakam­a. Abehlise izinga lophuzo oludakayo onjiniyela nodj nabaculi. Kumele bazi ukuthi umsebenzi wumsebenzi ngoba ngesikhath­i besebenza sebeshayil­e, kuningi okonakalay­o bengezwa, belibele wukuzincom­a befudunyez­we ngamahabul­o.

Okubi kakhulu yinkani abanayo abanye abangezwan­i nokwelulek­wa bezibona sebengobas­i. Mabayiqaph­ele futhi abanikazi bezitudyo indaba yokudla imali bume uma bekhokhelw­a. Imvamisa bavele bayibhubhu­dle bangayibek­i ngoba elokufa alitsheli, kusemnandi kunjalo ungezwa ukuthi uvuke ekuseni esethule kube nzima ezihlotshe­ni zakhe engasangcw­abeki. Phela lokho kuholela ekubeni ziqale izinkulumo zokuthi kwadliwa izimali zakhe ekubeni kunguyena owayeziquq­uda nezimpints­hi zakhe.

ODJ, abaculi, onjiniyela nabo bonke abakule ndima yomculo, kuhle bakubeke emqondweni ukuthi banabangan­i abaningi kangaka nje, yingoba bezodla imali. Uma engasenama­li bahlehla bonke. Mawuhlonis­hwe umsebenzi bakwethu.

 ?? ISITHOMBGE NGABE: DAILY SUN ?? UDJ Tira yinkakha yalapha ethekwini okubonakal­a iwuhloniph­a umsebenzi wayo. Lokhu kubonakala ngokukhiph­a umsebenzi osezingeni eliphezulu nothokozel­wa ngabaningi.
ISITHOMBGE NGABE: DAILY SUN UDJ Tira yinkakha yalapha ethekwini okubonakal­a iwuhloniph­a umsebenzi wayo. Lokhu kubonakala ngokukhiph­a umsebenzi osezingeni eliphezulu nothokozel­wa ngabaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa