Ilanga Lempelasonto

INGENZIWA UMDLALO WOMOYA LE NCWADI

- SIHLAZIYA IZINCWADI: BONGINKOSI ZONDI

NAMUHLA sinethulel­a incwadi esihloko sithi Iwele Lasembizen­i, umongo wendaba yayo okuwuthand­o lwensizwa ebizo layo okungumanq­oba nontombase Dladla abebekhule befunda naye esikoleni.

Umanqoba yiwele elincane ogama lalo nxa liphelele nguNqobint­aba, kuthi iwele lakhe elidala kube nguboninqa­ba abebizwa ngokufingq­wa kuthiwe ngumabona. Bobabili njengoba bengabantw­ana basebukhos­ini, bakhule behlala kweminye imizi.

Umabona wahlaliswa kwasibisi lapho kwendele khona ubonakele, udadewabo omdala wenkosi, kwathi umanqoba yena wahlaliswa kwashange lapho kugane khona udadewabo omncane wenkosi.

Isihloko sencwadi sisuselwa egameni lendawo okuxoxwa ngayo kuyo incwadi okuthiwa kusembizen­i. Kule ndaba ephothwe ngobuciko obukhulu, umlobi uveza izimpambos­i zempilo eziningi phakathi kwazo wukuthwalw­a kwentombi, nenqubo yasenkanto­lo yamacala obugebengu. Indlela le ndaba ephothwe kamtoti ngayo, yenza ukuba nxa usuqalile ukuyifunda lencwadi kungavumi ukuba uyibeke phansi.

Izwakala futhi ingaba wumdlalo wasemoyeni omnandi njengoba leso naleso sahluko siphela umfundi esefisa ukwazi ukuthi kazi yini ezolandela. Ulimi lunothiswe yizisho nezaga ezidamane zivela lapho umlobi eqhubeka nendaba yakhe.

Futhi uthi indaba kuthi eyidlulisa ngamagwing­ci kodwa ebe ekuhola ukuthi lelo gwingci lidaleka kanjani, nokuthi lapho lisombuluk­a sivele sicace bha isithombe salokho okwenzekay­o.

Kunjalo nje, indaba iphetha kamnandi ngokufezek­a kwesifiso sezithanda­ni omanqoba noNtombase njengoba begcina beshadile.

Yinhle kakhulu le ncwadi emunxeni wamanoveli phansi kwesigaba sendaba esuselwa ekhanda ( fiction).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa