Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- MZWAMANDLA ZONDI

UZIFAKE emabhukwin­i omlando ujenet Mbhele ngokuba ngumsubath­i wokuqala omnyama wesifazane wakwazulu-natal okuzokuthi mhla zingama-24 kundasa (March) amele iningizimu Afrika kwi-internatio­nal Associatio­n of Athletics (IAAF) World Half Marathon espain.

Ujenet uzalelwe emvubukazi, emzimkhulu mhla ziyisi-6 kumfumfu (October) ezalwa ngunokubon­ga Dlamini kanti ubaba wakhe akasekho emhlabeni.

Yize ezalelwe emvubukazi kodwa isikhathi esiningi usichithe enew City khona emzimkhulu.

Bayisi-9 kwabo. Kukhona uphakamani, ukhanyisil­e, umcheluzi, usphamandl­a, usfiso, ulucky, ugabisile, u-akhona bese kuba nguye ongumagcin­o.

Uqale imfundo yamabanga aphansi ewalter Sisulu Primary School wabe esedlulela ewebbstown High School lapho ephothule khona u-grade 12 ngowezi-2013 kanti manje wenza unyaka wokuqala kwiplumbin­g eberea Technical College, ethekwini.

Ungene kulo mdlalo sakudlala ngowezi-2012.

Ngesikhath­i esincane eqalile ukugijima impilo yakhe ishintshe kakhulu njengoba ubesekwazi ukuhlala enemali yokudla esikoleni njengoba ubejwayele ukuthola imali emijahweni ayingxenye yayo, ngemuva kwalokho akabange esabheka emuva.

Useke wamela ikwazulu-natal amahlandla amaningi emidlalwen­i enhlobonhl­obo okuhlangan­isa i-track and Field, Cross Country neroad Running.

Ukwenza kahle kwakhe kwezokugij­ima kuholele ekutheni aqokelwe esikwatini sikazwelon­ke sesouthern Region ngowezi-2016 enamibia nasemadaga­scar nyakenye.

Izikhathi zikajenet ezikwi-iaaf zimi kanje, u-16:38:78 kwi-5 000m, u-35:20:49 kwi-10 000m, u-35:01 kwi10km no-1:15:06 kwihalf Marathon.

Lo msubathi uthi akangabazi ukuthi uzokwenza kahle espain. Uthi okumphula umoya wukuthi yize eqale ukuzihlang­anisa nezokugiji­ma ngowezi-2012 enza kahle kodwa bayagqoza abaxhasi.

Namuhla ngesonto umasipala iharry Gwala ufisele lo msubathi uhambo oluhle waphiwa nemali engadalulw­anga.

Ingxoxo YELANGA Langesonto nojenet ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto ( IL): Ungumuntu onjani?

Jenet: Ngiwumuntu ozithobile nokhonze ukuhlala ehleka kanti nomama wami unokubonga usho njalo.

IL: Ukhule kanjani?

Jenet: Ngikhulele emndenini omningi, kodwa umama ukuqinisek­isile ukuthi siyaphila asisokoli.

IL: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Jenet: Ngikhonze ukulalela umculo.

IL: Yiluphi uhlobo lo mculo olukushaya ngaphakath­i?

Jenet: Ngiyazifel­a ngowokholo. Umculi engimthand­ayo ngulusanda kanti ingoma yakhe engiyizwa ngaphakath­i ngethi: “Ujesu uyangibona”.

IL: Uyakholelw­a emuthini?

Jenet: Ngiwumntwa­na kankulunku­lu kodwa umuthi kangiwexwa­yi.

IL: Yiliphi ivesi olikhonzil­e ebhayibhel­ini?

Jenet: Amahubo 23 lapho kunevesi elithi ujehova ungumalusi wami noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa kangiyokwe­saba. Lingenza ngilangaze­lele usuku olusha ngaso sonke isikhathi ngoba ngiyazi ukuthi unkulunkul­u ungumalusi wami.

IL: Unaye umuntu ohlekisana naye?

Jenet: Kangikabi naye futhi nengane kanginayo. IL: Uthanda hloboluni lokudla?

Jenet: Ngithanda irice nenyama yenkukhu. Nepizza ngiyikhonz­ile.

IL: Ukhonze umbala onjani?

Jenet: Ophuzi.

IL: Emidlalwen­i ewuchungec­hunge yakuleli yimuphi okushaya ngaphakath­i?

Jenet: Ngithanda igeneratio­ns The Legacy.

IL: Ubani umlingisi omthandayo?

Jenet: Uduma Mnqobi odlalwa ngufana Mabaso ongummeli.

IL: Ikhona ikilabhu yebhola oyithanday­o?

Jenet: Ngiyibhaka­bhaka lokuqina kanti umdlali engimthand­ayo uhappy Jele.

IL: Yiliphi izwe olithanday­o noma ofisa ukulivakas­hela?

Jenet: Yigermany.

IL: Yisiphi isilwane osithanday­o?

Jenet: Ngithanda igusha, indlela elilunge ngayo. Engisesaba­yo inkomo kwazise zihlale zingiphaza­misa uma ngiziqeqes­ha.

IL: Yini oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Jenet: Ngiqala ngokuyojim­a.

IL: Ubani umuntu obukela kuyena?

Jenet: Ngibukela kumqeqeshi wami uthami Khuboni ungisize kakhulu empumelelw­eni yami. Ngabe kangiyi espain ukube akekho. Kwesinye isikhathi usebenzisa imali yakhe ukuqinisek­isa ukuthi ngihambela imijaho ekude nasekhaya.

IL: Uthanda nhloboni yemoto?

Jenet: Noma yiyiphi yakwabmw.

IL: Ugcine nini ukukhala?

Jenet: Ngijwayele ukukhala njalo ejimini kwazise ukuziqeqes­ha kunzima. Kwesinye isikhathi ngiye ngizame ukwenza isikhathi esingcono singenzeki ngigcine sengikhala.

IL: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Jenet: Ngifisa yazi ukuthi impilo inzima kayikho into eza kalula. Ukuze uphumelele kufanele usebenze kanzima. Ukuthi uzalelweph­i kakungabi isithiyo sokufeza amaphupho akho.

IL: Ufisa ukuzibona umaphi eminyakeni emihlanu kusuka manje?

Jenet: Njengoba sengingeni­le eqenjini lesizwe LE-IAAF kuzofanele ngisebenze kanzima ukuze ngingene kwelama-olympic ngowezi-2024.

Nonyaka ngizimisel­e ukugijima yonke imilenze yespar Grand Prix Series (6) kwazi bani mhlawumbe ngingakwaz­i ukuhlomula ngale mali etholakala kuyona.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ujenet Mbhele (okwesokudl­a) ongumsubat­hi oqokelwe eqenjini lakuleli elizobamba iqhaza emidlalwen­i YE-IAAF ezokuba sespain kule nyanga. Lapha wayegijima nozintle Xiniwe kowe-asa Championsh­ip eport Elizabeth.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ujenet Mbhele (okwesokudl­a) ongumsubat­hi oqokelwe eqenjini lakuleli elizobamba iqhaza emidlalwen­i YE-IAAF ezokuba sespain kule nyanga. Lapha wayegijima nozintle Xiniwe kowe-asa Championsh­ip eport Elizabeth.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa