Ilanga Lempelasonto

Uphendlelw­a umsebenzi kwichiefs

Unerekhodi lemidlalo eminingi ye-derby

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs okungenye yamakilabh­u ahlonishwa­yo e-afrika iphendlela umdlali wayo isikhundla emahhovisi ale kilabhu ngenhloso yokuthi aqhubeke nokusebenz­a kuyo njengoba esehlale isikhathi eside.

Usiphiwe “Shabba” Tshabalala ungomunye wabadlali abathandwa kakhulu kwiChiefs njengoba ekade ewa evuka nayo. Usegijime kuyona iminyaka eli-11. Nguyena obambe irekhodi lokugijima imidlalo eminingi yomkhaya ne-orlando Pirates njengoba izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, esoweto ubedlala owama-31.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mdlali oneminyaka yobudala engama-33 usazimisel­e ngokuphush­a amasizini amabili kule kilabhu bese ewabeka ethala amakhokho akhe.

Kuthiwa ichiefs imatasa izama ukumelulel­a inkontilek­a anayo nale kilabhu ngeminye iminyaka emibili.

Kuthiwa phezu kwalokho imuphendle­la isikhundla sasehhovis­i kule kilabhu.

Leli phephandab­a lithinta ubobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ngalolu daba wale waphetha ukuphawula ngalo wathi abafune zindaba ezizobapha­zamisa emgqigqwen­i wabo njengoba befuna ukunqoba isicoco seligi.

Ujazzman Mahlakgane ophethe izindaba zikatshaba­lala uthe angakuqini­sekisa wukuthi ichiefs ifuna ukwelula inkontilek­a yalo mdlali okunye akanalwazi lwakho.

Uthe ngeke akwazi ukuphawula ngayo kade ngoba bahlela ukuhlangan­a nechiefs kuqala kuyima kucaca yonke into.

 ??  ?? SIMPHIWE Tshabalala
SIMPHIWE Tshabalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa