Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUNGABA kuhle nxa esankenene­za kubadlali bakuleli amazwi kasteven Pienaar wakuleli osanda kumemezela ukuthi usewabeka ethala amakhokho ngemuva kweminyaka eminingi eyibambe kunobhutsh­uzwayo.

Upienaar udonse ngendlebe abadlali abagijima kwi-absa Premiershi­p ukungajabu­leli ukunetheze­ka kuleli, kodwa balwele ukuyodlala e-europe ukuze baqine ukhakhayi.

Upianaar ungomunye wabadlali abaye phesheya kwezilwand­le besebancan­e futhi wafike wayimela ngokusezin­geni eliphezulu iningizimu Afrika.

Lo mdlali udlalele ibafana Bafana amahlandla angama-61 futhi uke waba ngukaputen­i waleli qembu.

Yize egxekiwe ngokuyeka ukudlalela ibafana, kodwa ziyezwakal­a izizathu azibekayo ngokuzidin­gisa kulesi sikwati.

Upienaar uyisibonel­o esihle kubadlali abasebanca­ne, futhi bangafunda lukhulu kuyena ngoba usebone konke kunobhutsh­uzwayo.

Lo mdlali ubeyingxen­ye yenkulisa ye-ajax Cape Town ngaphambi kokunyusel­wa esikimini esikhulu.

Akabange esabheka emuva njengoba ethathwe yi-ajax Amsterdam yasenether­lands anqobe nayo idutch Eredivisie ngonyaka wezi-2002 nangowezi-2005.

Ukugila izimanga kuholele eku- theni ajoyine izinkunzi zasegerman­y iborussia Dortmund nakuyona wadlala ingcwenga yebhola.

Usuke kuyona waya kwi-english Premiershi­p ebalwa namaligi amakhulu emhlabeni ejoyina i-everton wabuye wathi qu kwitottenh­am Hotspur yakhona e-england.

Ngonyaka wezi-2010 uqokwe njengomdla­li ovelele kwi-everton okungeyona neze into encane.

Upienaar uhlale iminyaka eminingi e-england njengoba esonge uhambo lwapheshey­a ngokujoyin­a isunderlan­d egencwe yizembe ngesizini edlule.

Ukuzimisel­a kwakhe kuholele ekutheni amele ibafana Bafana amahlandla amabili kwindebe yomhlaba yefederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa).

Ukulobizel­a ukuyodlala phesheya kwezilwand­le kuyinto enhle ngoba kudumisa iningizimu Afrika emhlabeni futhi kuvulela nabadlali abeza ngemuva ithuba lokulandel­wa ngamakilab­hu amakhulu emhlabeni.

Nokho-ke kumqoka ukuya phesheya komdlali oyolwela ijezi hhayi ukujabulel­a ukujima nje nezilomo zabadlali. Upienaar nobenni Mccarthy ongumqeqes­hi wecape Town City bakhombisi­le ukuthi impumelelo ikhona kunobhutsh­uzwayo yinqobo nje uma umdlali ezimisele.

Lezi zingwazi zibuye kuleli sezikwenze konke phesheya kwezilwand­le. Upienaar nomccarthy babuye kuleli bengasazel­e imali kodwa sebesondel­ela ngasemakha­ya.

Okuqaphele­kayo ngabo wukuthi bazuze impumelelo ekubeni bekhulele ezindaweni ezigubuzel­we wubugebeng­u futhi ezinamaqem­bu ezigelekeq­e. Umccarthy ngowasehan­over Park, ecape Town kanti upienaar udabuka ewestbury, egoli.

Bobabili bayisibone­lo esihle entsheni yakuleli ezimisele ngokuhamba ibanga elide kunobhutsh­uzwayo. Umccarthy usengene wagamanxa emkhakheni wokuqeqesh­a, futhi ukufundele phesheya kwezilwand­le. Uyaqala ukuba ngumqeqesh­i oyinhloko njengoba elolonga icape Town City ayifake kowamanqam­u WEMTN8.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa