BAGXEKE UNONDWEBA KUDLIWA USUTHU ETHEKWINI
UWUBHEKISE kunondweba umunwe umqeqeshi wamazulu FC ucavin Johnson ezakhe ziguqiswa ngo-3-1 yimamelodi Sundowns kowe-absa Premiership ngolwesihlanu kusihlwa eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Amagoli abekwe enethini nguRicardo Nascimento ngomzuzu wama-21 obekuyiphenathi edaleke ngesikhathi usadate Okoriko wosuthu edlalisa kabi upercy Tau ebhokisini okuholele ekutheni ukhulasande Qongqo obengunondweba abeke iphenathi.
Usuthu lukwazile ukubuyisa ithemba umhlengi “Mgijimi” Cele eshaya i-free kick yokulinganisa ngomzuzu wama-36 okwenze kwayiwa ekhefini zibambene ngo1-1.
Idowns ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili usibusiso Vilakazi washaya amagoli amabili ngomzuzu wama-49 nangowama-60.
Ujohnson usola uqongqo ngokuthatha izinqumo ezingagculisi.
Uthi ibuhlungu lento yokuthi njalo imiphumela yemidlalo icaciswe ngumuntu oyedwa.
"Besiwuthwele umdlalo unondweba wavele wawona enza izinqumo ezingaqondakali.
Kunegoli okucacele ngisho ingane ukuthi ngele offside kodwa yena walinika isundowns.
Yimbi lento ibulala umsebenzi esiwenza isonto lonke kanzima.
Kuzofanele isukunyelwe ngokushesha lento ngoba kusazokonakala,” kusho ujohnson.
Lo mdlalo uke wama isikhathi eside abalandeli bekhala ngegoli lesithathu likavilakazi bethi liyioffside.
Bajikijele enkundleni kubonakala ukuthi kabeneme.
Nokho umdlalo ubuye waqhubeka.
Upitso “Jingles” Mosimane ( osesithombeni) ocija idowns akafunanga ukuphawula ngezinqumo zikanondweba ezeseka ngokuthi usekhathele wukuhlawuliswa.
“Okungijabulisayo wukuthi sithole amaphuzu amathathu kulo mdlalo yilokho ebesikuzele.
Ngifuna ukuncoma umqeqeshi wamazulu wenze umsebenzi oncomekayo kule kilabhu idlala ibhola elisezingeni eliphezulu.
Isinike umdlalo omnandi siwajulukele amaphuzu,” kusho umosimane.