Ilanga Lempelasonto

Kusolwa imbiza ngokushona kowe-comrades

Ubezilungi­selela umjaho wanamuhla eharry Gwala

- MZWAMANDLA ZONDI

IGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala ikwazulu-natal kudlula emhlabeni umgijimi wayo obekulinde­leke lukhulu kuyena kwitwo Oceans nakwicomra­des Marathon nonyaka usiphiwe Ndlela wasexopo obesubathe­la inedbank.

Lo msubathi kusolwa ukuthi usebenzise imbiza ngemuva kokuba ekhale ngokuxinwa isisu ebuya kozilolong­a.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo ukuthi usiphiwe, obezilungi­selela umjaho wanamuhla ngesonto iharry Gwala Half Marathon, usebenzise imbiza yokuchatha kwazise ubehlushwa isisu nokuyiyona okuthiwa igcine imthathile. Nokho kuthintwa umndeni uziphikile lezi zinsolo.

Umfowabo kasiphiwe, usizwe Ndlela, ekhuluma naleli phephandab­a ukuqinisek­isile ukudlula emhlabeni kukamfowab­o kodwa wathi kungamampu­nge ukuthi ubephuze imbiza.

“Usiphiwe ufike ekhaya ngoLwesihl­anu ntambama ephuma koziqeqesh­a engenaluth­o. Sithe sisahleli wakhala ngobuhlung­u besisu ethi siyashisa. Sizame ukumphuzis­a amanzi sizitshela ukuthi yinto ezodlula. Ube esecela ukuyolala kanti useyolala unomphela. Eyokuthi uphuze imbiza kasiyazi.

“Nonyaka ubezimisel­e kakhulu njengoba esanda kungikhomb­isa amateki akwanike athe uzonqoba ngowo icomrades Marathon. Sizolinda imiphumela yodokotela ukuthola ukuthi udliwe yini,” kusho usizwe oqhube wathi bacabanga ukumfihla ngesonto ekhaya ofafa, exopo.

Usiphiwe kuthiwa ubenabanye ozakwabo aziqeqesha nabo. ngesikhath­i bethatha le mbiza ngokwehluk­ana.

Kuthiwa kuqale undlela ngemuva kokuchatha wakhala ngokushisa kwesisu babe sebemnikez­ela amanzi ukusidambi­sana. Kuthiwa uphuze amanzi wabe eseyolala wangabe esavuka.

Lo msubathi ubengomuny­e wabanethal­ente kwezokugij­ima eningizimu Afrika. Umangaze abathandi bezokugiji­ma abaningi ehlomula ngezindond­o zegolide emijahweni emikhulu yakuleli okuhlangan­isa icomrades, itwo Oceans, isoweto nelegends Marathon ngokwehluk­ana.

Uhlomule ngegolide kwicomrade­s Marathon ngowezi-2016 engena unombolo 7 eqopha isikhathi esingu-5:36 nyakenye ungena endaweni yesi-6 ngesikhath­i esingu-5:45. Nakwitwo Oceans unamagolid­e amabili awathole ngowezi-2016 nangowezi-2017. Uphinde wangena nabokuqala abalishumi kwisoweto Marathon ngowezi-2016 ebeka isikhathi esingu-2:27.

Nyakenye ungena isibili kwilegends Marathon (68km) egijinywa phakathi kwebisho nomthatha ebeka u-4:08.

Usiphiwe ubengaphan­si kohlelo lo Mnyango Wezemidlal­o wesifundaz­we lokusiza abasubathi abenza kahle ukuthola ukuziqeqes­ha okusezinge­ni eliphezulu ehigh Performanc­e Centre, emoses Mabhida Stadium okuyilona olumsize ukuhlomula ngalamagol­ide anawo.

Umdu Khumalo oyimenenja kasiphiwe, uthe nabo bafe olwembiza. Uthi ubenethemb­a lokuthi usiphiwe uzokwenza kahle kwiComrade­s Marathon yanonyaka ezokuba mhla ka-10 kunhlangul­ana (June), isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida, ethekwini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUSIPHIWE Ndlela kwicomrade­s Marathon yangonyaka odlule lapho aphuma khona nabayishum­i abaphambil­i.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUSIPHIWE Ndlela kwicomrade­s Marathon yangonyaka odlule lapho aphuma khona nabayishum­i abaphambil­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa