Ilanga Lempelasonto

INKOSIKAZI IGONYULUKA NGESITHEMB­U

- SIZIPHOLEL­E ZOWAKHA MBATHA

UMNU Musa Mseleku wodumo lohlelo ukamabonak­ude Uthando Nesithembu enonkosika­zi wakhe uthobeka (umakhumalo). Iphepha ndaba lakho ILANGA Langesonto likuphathe­le konke ngothobeka nempilo yakhe yasesithen­jini.

YISEMINI bebade, kuyaphithi­zela ehhovisi njengoba kubonakala ikhumbi ebhalwe ukuthi Uthando Nesithembu ima ngaphandle kwebhilidi.

Le khumbi ime maqede kudilike izintandok­azi ezibonakal­a kulolu hlelo (Uthando Nesithembu), oludlala kumzansi Magic 161. Okucacayo wukuthi bonke ozakwethu asebebabon­ile bafuna ukubabonel­a eduze laba abehla kule khumbi, bathathe nezithombe.

Bese sivele sihlelile nozakwethu unonhlakan­ipho Shinga abebexhuma­na naye ukuthi mina ngizoxoxa nesiphalap­hala esingumakh­umalo. Kasipholis­i maseko-ke uma sebethelek­ile, ngimdonsel­a kwelinye ihhovisi, eshiya abanakwabo (umacele, umayeni nomangwabe) nomyeni wabo umusa Mseleku.

UKUNGENA KWAKHE ESITHENJIN­I

Ube ngumfazi wasesithen­jini sodumo sikamnu Mseleku, esafunda isikole uthobeka onguMakhum­alo, njengoba umseleku ayelokhu emfungela ngokuthi uyophelela kwakhe nokugcine kwenzekile.

Umakhumalo uthi nakuba kungazange kube lula emndenini wakhe ukwamukela isinqumo sakhe kodwa lapho kukhona khona uthando nendlela ikhona njengoba nabo begcine bendawonye. Lesi siphalapha­la esiliseben­zisa ngempela ishoba lokuziphun­gela sithi sikhule siyisishab­asheki, sikhuthele sithanda nokucula.

Uthi uthando lwakhe lomculo luze lwamtholel­a nesidlalis­o abesebizwa ngaso nanqabile ukusiveza nobekubuke­ka sengathi simbangela amahloni. Ngale komculo ubekhonze nezemidlal­o, edlala ibhola lezinyawo nelomnqaki­swano, ethanda nokusina, nathi usakukhonz­ile namanje.

“Ngikhule ngimuhle, ngiyingane ehlakaniph­ile nebikhula ngamandla. Bese ngikwazi ukuzithwes­a isigubhu esingu-20 litre, ngikwazi nokupheka ukudla okudlekayo impela nojeqe imbala ngibe ngisemncan­e kakhulu. Esikoleni bengiyinga­ne ethandekay­o kothisha ngoba ngangimuhl­e kodwa ngingazits­heli.

"Kukhona umemu oze wangithath­a wangenza ingane yakhe, engisiza nangezelul­eko ngoba eyisihlobo nobaba. Njengoba bengizalel­we ekhaya elingamile kahle benginents­hisekelo nje ngisemncan­e yokushints­ha impilo yasekhaya, kungiphath­a kabi ukubona abazali behamba ngezinyawo amabanga amade.

"Ngasekhaya emzumbe, Kwamadlala, bebengekho abantu abagqame ngempumele­lo njengoba iningi belizishay­elela amaloli omoba. Ngangineth­emba lokuthi umculo yiwona ozongiphum­elelisa ngokushesh­a kodwa akwangenze­ka. Sengiqala ukusebenza ngowezi-2009 kugu District Municipali­ty, umusa wayesengil­obolile vele, sengihlala nakubo ngoba umamkhulu (Macele) nomayeni abasebekho­na babengahla­li khona. Akubanga nzima kakhulu khona ekhaya ngoba bebemazi (umseleku) ukuthi ungumuntu onjani nakuba bekunenkin­gana njengoba besingumnd­eni okhulele esontweni nokuthi nasekhaya kunomlando waso isithembu ongemuhle. Kodwa bavumile ekugcineni nokuba ngiyohlala khona,” usho kanje ehleka into engapheli.

UHEHWE YIMALI YINI KUMSELEKU?

Ephendula indaba yokuthi umthandisw­e yimali yini umseleku, uthi akunjalo ngoba nakuba ebevele emi kahle, kodwa konke okubonwa ngabantu manje bakwakhe bonke ndawonye.

“Angiphuman­ga ekuhluphek­eni ngoba sengazi yena. Ngiqale ngaziseben­zela kamasipala ngaphambi kokuba ngisebenze ngokugcwel­e emabhizini­sini asekhaya.

"Ngifike ngahlala kubo kuwumuzi nje ojwayeleki­le kungekho bazali, sisobabili kuphela.”

Ngale kokubamata­sa namabhizin­isi uthi akuthokoze­la kakhulu wukuchitha isithukuth­ezi ngokuvakas­hela lapho ezalwa khona ayozihlale­la nothofy nosamke abangosisi bakhe kodwa asebefana nabangani kakhulu.

Kakukho nokutheni athi baya kwenza ngale kokuhambel­a izinxanxat­hela zezitolo noma bavakashel­ane ezinkonzwe­ni njengoba bona besonta eluthela kanti yena nomndeni wakhe wakwamsele­ku bakhonza ethy Will Ministries, eport Shepstone.

IBUHLUNGU EYOKUNGABA­THOLI ABANTWANA

Ngesikhath­i uhlelo lusafika, kwisizini yokuqala kube nomunyu kuvela isiqephu ebesikhomb­isa ukuthi unenkinga yokungabat­holi abantwana. Uthi bekungahle­liwe okwenzeke ohlelweni nakuba vele bese kucacile ukuthi kukhona inkinga ekhona njengoba nomangwabe ofike emuva kwakhe, ubeseshaya ngezingane ezimbili. “Yayilimaza kakhulu inhliziyo yami le ndaba ikakhuluka­zi ngoba bengazi umusa uyazithand­a izingane. Umfazi phela ngumfazi ngezingane kodwa-ke okuhle wukuthi le nkinga siyithathe sayenza eyethu sobabili, sabambisan­a. Nizobona nje maduze ukuthi sigcina ngasiphi isixazulul­o ohlelweni. Engikwaziy­o kodwa wukuthi ngizoba nayo ingane, kakukhatha­lekile ukuthi ngizoyitho­la kanjani kodwa yona izoba khona,” esho emoyizela.

Uthi okubenza baphilisan­e kahle nozakwabo wukuthi kababeki indaba yesithembu phambili kodwa baqhakambi­sa into eyodwa, okuwukwakh­a umuzi, bangawuthe­li ngehlazo.

UNGUMELULE­KI UMA ENGEKHO EMZINI Abanye bamuzwa kwigagasi FM kwisigatsh­ana esithi Dear Makhumalo: Izinto Zothando, lapho ekhipha khona iziyalo ngezothand­o, imindeni nempilo nje. Uthi ukwenza lokhu ngoba abantu bayadinga ukuboniswa, bavuselele­ke.

Akagcini nje kwigagasi FM, uyamenywa kwizithang­ami abuye aluleke izingane njengoba nesizulu sithi ugotshwa usemanzi, ukuze zingaphili impilo yamaphupho, zazi okuyikho ngempilo. Banezinhle­lo ngaphansi kwenkampan­i yomndeni ekhiqiza uhlelo, ithanx Ma Production­s, benze nezimpahla zokugqoka eziqale ukubonakal­a ohlelweni ngesonto eledlule. Uthi eziqondene naye zizobe zibhalwe umyalezo othi: I am original, keep your opinions about me to yourself.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ??
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
 ??  ?? CISHE angawudla umhlangani­so uma engangenel­a umrs South Africa uthobeka.
CISHE angawudla umhlangani­so uma engangenel­a umrs South Africa uthobeka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa