IBucs ibolise iChiefs ngenduku
Amakhosi agcine esejaha izithunzi
KUPHAZAMISEKE injabulo yemamelodi Sundowns ngesikhathi i-orlando Pirates ixebula ikaizer Chiefs ngo-3-1 emdlalweni weAbsa Premiership izolo ngomgqibelo ntambama EFNB Stadium, enasrec, egauteng.
Amagoli okunqobe ngawo ibucs avalelwe enethini nguthembinkosi Lorch ngomzuzu wama-21 noluvuyo Memela oshaye amabili ngomzuzu wama-46 nangowama-74. Igoli lezimpofana livalelwe nguLeonardo Castro ngomzuzu wama29 okwenze kwayiwa ekhefini kungu-1-1.
Ukunqoba kwebucs kuyenze yaphinda yasala ngamaphuzu amane kwisundowns eqhwakele. Idowns ibisivule igebe lamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kokunenebula Amazulu FC ngo-3-1 ngolwesihlanu kusihlwa eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Ibucs ibukeka izilwela yona namakilabhu asembangweni wesicoco seligi njengoba nedowns iyihlule ngo-3-1 kowe-premiership ukuzigcina isembangweni. Umbango we-premiership ubukeka usushube kakhulu njengoba sekusele imi-dlalo eyisikhombisa kusongwe isizini.
Ichiefs iwuqale kahle lo mdlalo ihlasela kuvalwe amehlo, kodwa yehluleka ukusebenzisa amathuba.
Ngesiwombe sesibili abadlali bechiefs bavele baphenduka izibukeli ikakhulukazi esiswini. Uwillard Katsane ubenza amaphutha abucayi esiswini okuyiwo- na abeholela ekutheni ibucs ifike kuvalwe amehlo emapalini eziMpofana.
Nokho ukushaya into ephansi kukakatsande akuthusanga kakhulu kwazise kade eyofihla unina ezimbabwe ngeledlule.
Kulo mdlalo ichiefs itakulwe ngu-itumeleng Khune ovimbe inqwaba yamabhola abethunyelwa yibucs.
Izimpofana sezilungiselela ukwamukela istellenbosch kowenedbank Cup ozokuba sethekwini.
Izimpofana zizokuya kulo mdlalo zixhuga njengoba engeke abe khona uramahlwe Mphahlele odlala emuva othole ikhadi eliphuzi kowayizolo.
Omunye umdlali wechiefs othole ikhadi eliphuzi kulo mdlalo ngujoseph Malongoane obe nomdlalo omuhle. Umusa Nyatama oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, nguyena ongene kuqala emabhukwini kanondwena.
Umilutin Sredojevic ololonga ibucs ufake umemela kuqala isiwombe sesibili wabingelela ngegoli. Ubengene endaweni kabernard Morrison.
Uphinde wafaka Umpho Makola endaweni kalorch wase evala ngokunikeza ithuba u-augustine Mulenga endaweni kajustin Shonga.
Ukomphela uchibiyele ngogustavo Paez endaweni karyan Moon wabuye wafaka uhendrick Ekstein endaweni kawiseman Meyiwa. Uvale ngokuchibiyela ngobernard Parker endaweni kasiyabonga Ngezana.