IZINDLELA EZINGENZA KUSHAYE UMOYA ENDLINI
ABANTU abaningi bafuna ukuthi uma behleli endaweni ethile bakhululeke futhi bazizwe besekhaya - kungaba yindawo yokuchitha isizungu, ngeyokudlela noma yisekhaya uqobo.
Izindawo zokuphumula zesimanje kazisefani nezakudala lapho obuthola khona ukuthi nakanjani e- sitting room kumele kube khona osofa ne- room divider.
Muva nje sekuya ngawe ukuthi indawo yakho uthanda ibe njani futhi kumele ichaze okuthile ngawe, njengokuthi mhlawumbe ungumuntu othanda ubuciko noma ubuchwepheshe. Isithombe ngawe sivezwa yindlela indawo ehleleke noma ehlotshiwe ngayo.
Uma ukhetha indlela yokuhlobisa kuthiwa kubalulekile ukugxila ezintweni ezincane. Lokhu kakusho ukuthi izinto ezinkulu ezifana nefenisha nopende, ngokujwayelekile kuba yizinto ezincane ezidala umehluko endlini.
Uma kukhulunywa ngezinto ezincane mhlawumbe kungaba wumbala waphansi noma yindlela ifenisha emesha ngayo i- wallpaper, izithombe zasodongweni noma ama- cushion akusofa.
Sibheka izinto ezingenisile kwezokuhlobisa ngowezi-2018
WALL ART
Kakukhathalekile ukuthi uyenza kanjani noma mhlawumbe kumele zime kanjani izithombe. Indlela izithombe ozibeke ngayo odongeni nayo igcina iyisitayela kwayona.
Okumele ukuqaphele wukuthi kumele izithombe zime ziqondane namehlo uma umile - zingabi phezulu kakhulu noma sezansi kakhulu.
Ungasebenzisa izithombe zomndeni, umsebenzi wezandla opendwe ngabantwana esikoleni noma uthenge izithombe esitolo esidayisa amasekeni ngoba imidwebo yobuciko iyabiza.
IZITINI
Ezindaweni zokudlela, ezokucisha ukoma sekusetshenziswa kakhulu izitini ezibomvu uma kwakhiwa - ziyayihlobisa indawo. Ukusetshenziswa kwalezi zitini bekwandile ngeminyaka yama- 1900.
Bezisetshenziswa kakhulu ngoba zingambi eqolo kodwa manje ukusetshenziswa kwazo sokuyindlela yokuhlobisa. Lezi zitini zenza kubukeke kahle endlini, kube sengathi yisitayela sokwakha sasemafemini.
Ngokujwayelekile le ndlela yokwakha ibisebenza kuma- loft nasezakhiweni ezinomlando ( historical buidlings), kodwa manje nasemakhaya isibukeka kahle.
Uma uzolandela le ndlela yokwakha, qinisekisa ukuthi i- bed- ding set yakho yinhle futhi yehlukile.
ANIMAL PRINTS
Ukusebenzisa ama- animal print kungenisile, kusukela ekusebe- nziseni isikhumba njengomata. Uma wesaba ungasisebenzisa kancane kusukela kumalambu, kuma- vase, ama- ottoman, ama-side table nakokunye.
IZIHLAHLA NOMA IZIMBALI
Ukuhlobisa endlini ngezihlahla noma ngezimbali, kakukaze kuphume esitayeleni kodwa kulo nyaka zisetshenziswa kakhulu.
Ukusebenzisa izihlahla noma izimbali kakumbi eqolo kanti futhi kwengeza umoya ohlanzekile wendalo endlini. Izihlahla noma izimbali zingabekwa ekhishini, endlini encane, eduze kukasinki noma kobhavu noma ekamereni, kodwa kumele uqinisekise ukuthi uyazi ngokudingwa yisitshalo sakho njengokuthi ezinye zidinga ukukhanya kakhulu.