Ngabe bayizixhwanguxhwangu labo somabhizinisi?
Kumele bakuqonde ukuthi ebhizinisini kuyancintiswana
SEKUKANINGI sizwa futhi sibona izigameko zodlame ezishaqisayo nezenyanyekayo zokuhlaselwa, kushaywe, kubulawe abashayeli bezimoto ezincane ezithutha umphakathi ezisebenza ngohlelo lwakwa-uber nolwakwa-taxify.
Akugcini nje lapho, kuze kuhlukunyezwe ngisho abagibeli imbala njengoba sike sabona kwenzeka ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi esunnyside, epitoli, nasesandton, egoli nakwezinye izingxenye.
Yisona lesi sizathu sokwanda kwezigameko ezingabekezeleleki okuholele ekubeni umphakathi ugcwale izitaladi epitoli ngoLwesihlanu, ukhuza lolu dlame. Wudlame olungenasidingo lolu, othi uma ulandela isisusa salo, uthole ukuthi lususwa ngabantu abangogombela kwezabo futhi abangakwazi ukucabanga ngokujilile nokusebenzisa umqondo ngendlela ephusile.
Phakathi kwezinto esilokhu sizwa ukuthi bakhala ngazo abama- metered taxi, okuyibona esazi ukuthi kabahambisani nokusebenza kwabasebenzisa uhlelo lwe-uber ne-taxify, wukuthi bathi babaqedela umsebenzi, bawisa ibhizinisi labo futhi babathathela namakilayenti.
Zikhona-ke nezinye izizathu abazibekayo engingezongena kakhulu kuzona, kodwa lezi nje engizibalulile zikhombisa ngokusobala ukuthi sibhekene nenkinga yabantu abacabanga bangajuli futhi okuthi besebhizinisini kodwa bahluleke wukuqonda izindlela eliqhutshwa ngayo.
UKUNCINTISANA
Bonke laba bantu abathutha umphakathi sibathatha njengabantu abangosomabhizinisi abancane ngoba bayazisebenza, ngakho-ke wonke umuntu ongusomabhizinisi kufanele ngabe uyakuqonda ukuthi emabhizinisini kuyancintiswana. Kufanele bakuqonde ukuthi ukuncintisana lokhu akusho ukuthi kuyaliwa.
Uma nje uya edolobheni noma enxanxatheleni yezitolo, ufica izitolo ezidayisa imikhiqizo efanayo. Zonke lezo zitolo zihweba endaweni eyodwa - umthengi uphuma kwesinye angene kwesinye.
Asikaze sizwe kuthiwa sekuxabene upick ‘n Pay noshoprite, noma u-edgards nomr Price bebanga amakilayenti. Kuyenzeka nezindawo zokudlela ( restaurants) uthole ukuthi zisendaweni eyodwa, zidayisa ukudla okufanayo, kodwa asikaze sibone abanikazi bazo sebekhiphelana imimese lena esidla ngayo iziteki, sebegwazana, basolane ngokuthi omunye untshontsha amakhasimende omunye.
Pho yini edala ukuba laba abathutha umphakathi balwe? Ngisala nombuzo othi ngabe lolu dlame luyinkomba yokuthi labo somabhizinisi abahlasela abanye bayizixhwanguxhwangu noma bayizigebengu?
Thina siwumphakathi sizobathemba kanjani ukuthi bazosifikisa siphephile lapho sifuna ukuya khona? Abacabangi yini ukuthi kungenzeka singabuye sisababheka nhlobo ngenxa yalezi zigameko zodlame?
MABAZINUKE AMAKHWAPHA
Empeleni indaba ayikho ku-uber noma ku-taxify kodwa ikubo ngqo abama- metered taxi. Kufanele bazinuke amakhwapha, bazibuze ukuthi uma bebalekelwa ngamakilayenti, ngabe lokho kudalwa yini. Okokuqala nje okufanele bakwazi wukuthi amakilayenti yiwona aneqhaza elikhulu ekuthuthukeni nasekuweni kwebhizinisi, yingakho kusemqoka ukuba ngaso sonke isikhathi liphathwe ngendlela efanele futhi egculisayo.
Umuntu onolwazi ngokuphathwa kwebhizinisi uyazi ukuthi kubalulekile ukuphathwa kahle kwamakilayenti futhi kusemqoka nokuthuthukisa ibhizinisi lakho lihambisane nezimfuno zomphakathi osebenzisa amasevisi owahlinzekayo.
ISIFUNDO NOKUHLELEKA KWEBHIZINISI
Uma usebhizinisini kufanele uhlale ubheka njalo izindlela zokulithuthukisa. Kufanele ngabe ukufika kuka-uber ne-taxify kwenze abama- metered taxi bazihlupha ngokuthi yini abangayenza kangcono ukuze ibhizinisi labo lingashabalaliswa wukufika kwalobu buchwepheshe bo-uber no-taxify.
Okokuqala nje into esidonsayo singabagibeli kwa-uber nakwa- Taxify, wukuthi imali yokugibela iphansi uma kuqhathaniswa nemali ekhokhwa kuma- metered taxi, futhi uthi ugibela nje usuke usukulindele ukuthi uzokhokha imali engakanani.
Ngaphezu kwalokho ibhizinisi lakwa-uber nelakwa-taxify lihleleke ngendlela ehambisana ngqo nezimfuno zamakilayenti. Kulula ukuthola imoto uma ufuna ukuhamba, futhi kunezindlela zokukhokha ezahlukene ezilula njengoba bethatha namakhadi.
Enye yezinselelo ngamametered taxi wukuthi isikhathi esiningi kufanele ufune inombolo yalapho ungathola khona imoto, ushaye ucingo, ulinde ize ifike. Kuyenzeka kuthathe isikhathi eside esingaphezu kwemizuzu engama-30 noma ngaphezu kwehora ingafikile.
Ngezinye izikhathi kuyenzeka utshelwe ukuthi kayikho imoto ekhona, zonke zisematasa. Okunye okufike kucasule wukuthi kuvele kufike imoto egugile ongazi noma izokufikisa yini lapho uya khona noma cha. Ngaphezu kwalokho uthole ukuthi ingcolile, iyanuka.
Akuzona-ke izinto esizidingayo lezo singamakilayenti njengoba sengishilo ukuthi sidinga ukuphathwa ngendlela enenhlonipho.
Okunye futhi okungaba wumthelela wokubaleka kwamakilayenti, wukuthi nemali ekhokhwayo ihluka kakhulu - yilowo mshayeli ubiza imali ayithandayo, ikakhulukazi labo abangasebenzisi umshini wokubala ( meter).
Omunye umshayeli ethekwini ngake ngathi ngimbuza ukuthi kungani engibiza imali enkulu ngibe ngihamba ibanga elifishane wathi yingoba ngiyisivakashi edolobheni, esho ngivele ngihlala khona ethekwini. Kwangixaka nalokho ukuthi kungani izivakashi zibizwe imali eyeqile kwefanele.
Siyathemba nje ukuthi bonke abenzi bobubi bazobanjwa futhi bajeziswe, buqedwe nya lobu bugebengu. Uhulumeni namaphoyisa kudingeka ukuba baqhamuke nesu lokuqinisekisa ukuthi siwumphakathi siphephile njengoba nathi sithelwa ngamachaphazelo.