PHILANI NCALANE
okhokhelayo, yiyona ebukeka isikhiqiza abadlali ngemultiChoice Diski Challenge (MDC).
Isafa yona imatasa nezinhlelo zokhetho oluzokuba mhla zingama-24 kwephezulu egoli.
Izifunda ziyatatazela zisingatha izinketho kanti ezinye kubikwa ukuthi kazilandeli ngisho umthethosisekelo kodwa azikhuzwa ngenxa yokuthi zisenkanjini esezintanjeni zobuholi obukhona njengamanje esafa House.
Kunamathuba amakhulu okuthi ukhetho lwesafa luphonselwe inselelo ezinkantolo ngoba kuyaxhanyazelwa okungenza ukuthi ubuholi buqokwe ngabantu abakhethwe ngendlela engekho emthethweni ezifundeni abaqhamuka kuzona.
Yize udanny Jordaan onguMengameli wesafa emakhulu amathuba okuthi abuyele esikhundleni, kodwa kuyomsiza ukuthi azinuke amakhwapha ngomonakalo omkhulu awudale ezifundeni zale nhlangano njengoba ngapha- nsi kwakhe ibhola libukeka liza ngemuva kunemibango yezikhundla.
Okubuhlungu wukuthi kukhona abaholi ababonayo ukuthi ezinye izinqumo zikajordaan kazinembi khona kodwa abasabayo ukumkhalima ngenxa yokuthi nabo bayakleza kulo mbele ogwansile.
Bancamela ukufela ngaphakathi ngoba ujordaan uyaziwa ukuthi ubaphilisa kanzima abanemibono ehlukile kweyakhe.
Siyincoma kakhulu IPSL ngokulokhu iqhubeke njalo ukukhathalela unobhutshuzwayo kuleli.
Le nhlangano yethule imultiChoice Diski Shield ezonikeza inqwaba yabadlali abasebancane ithuba lokudlala.
Lokhu kuzolithuthukisa kakhulu ibhola njengoba libonakala iqhaza LEMDC ebholeni lakuleli.
IPSL yiyona esakhathalele ibhola kuleli njengoba abanomthwalo wokulithuthukisa (isafa) bematasa nokulobizela izikhundla.