Bakhala "ngokuqolwa" owokhozi FM
Usolwa ngokungabakhokheli imali yabo yokubaqasha
KUDUMA upotiyane kwizilomo zabaculi bowokholo abakhala ngesilomo esiwumsakazi wokhozi FM, usipho “Sgqemeza” Mbatha, osolwa ngokucasha ezintangeni nemali yabo.
Laba baculi abebeqashwe wuSgqemeza ukuba banandise emcimbini abewuhlele ezindaweni ezahlukene, obizwa ngokuthi yicity to City, bakhala ngokuthi abasamtholi manje nasezingcingweni ukuze achaze ngosekumbambe ukuba akhokhe.
Usgqemeza ushayela olunye lwezinhlelo ezisemqoka, olubizwa ngokuthi yivuka Mzansi, oluba sekuseni kulo msakazo onezigidi zabalaleli.
Umthombo osondelene nabaculi abakhala ngokungakhokhelwa yilo msakazi uthe:
“Kunzima ngoba sekuphele cishe izinyanga ezintathu luphelile lolu chungechunge (lwale micimbi) kodwa namanje abakayitholi imali yabo.
"Okubacasula kakhulu wukuthi akasatholakali ocingweni lwakhe futhi akabachazeli ukuthi kungani bengakayitholi imali yabo.”
Lo mthombo udalule amagama alaba baculi abathi abakhokheliwe. Phakathi kwabo kubalwa uthinah Zungu, Malusi Mbokazi, Tho-bekile, Abongile Mangala, Ga Ndlela, Ndumiso Mathe, Noluthando, Linda Ntuli nethimba Le-africa.
Ethintwa YILANGA Langesonto uthinah uvumile ukuthi ungomunye wabaculi ababe yingxenye yalolu chungechunge kodwa akayihambelanga yonke.
Uthi ikhona imali akhokhelwe yona kodwa igcine ingaphelelanga.
“Ngesikhathi ngigcina ukukhuluma nosgqemeza ungitshele ukuthi uzokhokha uma omasipala abebengabaxhasi sebekhokhile, kodwa sesiside lesi sikhathi akasho lutho. Akasicaciseli ukuthi kwenzakani, nokuyinto esidumazayo nje-ngabaculi,” kusho uthinah.
Imenenja kama-lusi Mbokazi, usthembiso Zungu, ukhale ngokuba sebumnyameni ngokuthi kwenzakalani ngenkokhelo yabo. Ukuqinisekisile ukuthi abakaze bakhokhelwe ngokuba yingxenye yalo mcimbi.
“Ngabe kungcono ukuba uyasichazela ukuthi kwenzekani kunokuba azibe izingcingo zethu.
"Siyamhlonipha njengomsakazi wesiteshi esikhulu kodwa manje sekuyazwela uma engasho lutho ngenkokhelo yethu,” kusho usthembiso odume ngelika-xivoom.
Imanenja kathobekile, umoses Jojo, nayo ikhale ngokuthi lo msakazi akabachazeli lutho ukuthi kubhajwephi ngenkokhelo yabo.
Naye umoses uvumile ukuthi lo msakazi akakaze abakhokhele ngokucula kule micimbi yakhe.
Lolu chungechunge lwecity To City luha-mbela izindawo okubalwa kuzo iport Shepstone, yitheku, Mandeni, Vosloorus, Daveyton, Skhaleni, Newcastle nepietermaritzburg. Umthombo uphinde wabala negama lesilomo somfundisi wezinkulumo ezakhaya upastor Sthembiso Zondo, naye okuthiwa akakhokhelwe, kodwa yena akatholakalanga ukuba aphawule.
ILANGA
Langesonto lizame kaningi ukuthola usgqemeza ocingweni lwakhe, obelu- lokhu lukhale njalo kodwa engaluphenduli.
Intatheli iqale ukumshayela kusukela ngolwesithathu kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela izolo engatholakali. Nomqhafazo athunyelelwe wona ngolwesihlanu akawuphendulanga.