SIVULA AMEHLO ABACULI:
KUZODALEKA umonakalo omkhulu abazalwane, baphathwe yisifo sokungezwa uma abashayi bamakeyboard ezinkonzweni behlulwa wukulawula ngendlela efanele imisindo ( sound).
Sesibone kaningi lapho kunemicimbi noma izinkonzo abadlali bama- keyboard
noma onjiniyela bemisindo behluleka bencama wukuwulawula bavimbanise ngomsindo ogqabula izindlebe ongabeke-zeleleki.
Kuhle sibakhumbuze bonke abathintekayo ekulawulweni kwemisindo ukuthi uma umsindo umkhulu kakhulu, uzongena kakubuhlungu ezindlebeni, okungenza idilamu lendlebe liqhume, umuntu agcine engasezwa kahle ezindlebeni. Nansi imithetho elawula ukusethwa kwemisndo (sound):
* Izindawo okusuke kufakwa kuzo i-sound ziyahlolwa kuqala kubonakale ukuthi ngamawathi amangaki ezipikha namandla azo okumele zisetshenziswe.
* Uma indawo incane kusebenza izipikha ezincane. Uma indawo inkulu ziba nkulu namandla azo ngokunjalo kodwa noma zinkulu umsindo uyalawulwa ( control).
* Izipikha zangaphandle endaweni evulekile namandla azo kufanele zifanela leyo ndawo, ngeke kusetshenziswe ezangaphandle ngendlela efanayo neyangaphandle.
* Ukulawula umsindo ngaphakathi endlini nangaphandle - yinye indlela yokukwenza lokho, uqale uwuvule kancane uye ngokuwenyusa kube khona olalelayo ukuthi umsindo uyafinyelela yini lapho okumele ufinyelele khona.
* Indlela izipikha ezimiswa ngayo namamonitha kubiza umuntu onolwazi lwalo msebenzi yingakho nje kufuneka owuqeqeshele lo msebenzi ngoba angadala umonakalo kubantu nakuzo izipikha azishise.
* Kufanele unjiniyela akwazi ukusetha ideski, akwazi ukuphakamisa kahle abaculayo nezinsimbi ( balancing).
Ngibuyela kulaba abasuke bedlala emasontweni nasemicimbini beqashiwe. Ave beyinkinga abanye babo ngoba bavele bakhuphule umsindo we- keyboard kuzwakale yona yodwa. Siyabakhumbuza namuhla ukuthi umsebenzi wokudlalwa kwezinsimbi wukuphelezela amaphimbo aculayo, akusiwona amaphimbo aphelezela izinsimbi.
Abantu baphuma ezinkonzweni beshe amazwi ngoba basuke becula befuna ukuzwakala bese bedibana neqembu eliphikayo okuyi- keyboard noma izinsimbi.
Sesitholile ukuthi abanye abadlali bamakeyboard bakwenza ngabomu lokho kanti abanye benziwa wukungazi.
Laba abaziyo basuke bekwenza ngenhloso yokuvala imikhuleko nomculo othunuka inhliziyo okuthatha ukubeke kwelikapawula lesithathu izulu.
Imvamisa abafana abadlala izinsimbi abakholwa iningi labo kepha abazalwane abayinaki leyo nto ukuthi abafana basuke bezozifunela imali.
Kumele ngaso sonke isikhathi abaholi emabandleni bawukhuze lo mkhuba ingakaqali inkonzo, babatshele ukuthi noma bedlala kepha amaphimbo okuyiwo adumisa inkosi awezwakale kakhulu. Sesishilo ukuthi kukhona abangazi, labo-ke basuke benza ababona kwenziwa kwezinye izindawo, bajatshuliswe wukuthi bayanconywa ngokuthi bayayixebula i- keyboard, kungcono okwabo ngoba bangakhuzeka.
Siphetha ngokubakhumbuza futhi abadlali bama-keyboard ukuthi lo mkhuba wabo wokuthi uma kukhulekwa noma kushunyayelwa bebe lokhu beyikitaza, abanye baze baqinise kakhulu uma sebezwa ukuthi abazalwane abasaqedi ukukhuleka, konke lokho abaholi bamabandla yibo okumele babalawule abadlali - uma bekuthanda lokho asisho lutho kepha uma bebengayinaki le nto ukuthi ithi mayimelane nokusuke kwenziwa abakusukumele.
Amabandla asebenza ngezindlela ezahlukene uma ekuthokozela konke lokhu esesikubalile asilawuli, asisho ukuthi abakuyeke besibeka ngolwazi esinalo ngokulawulwa kwemisindo noma yikuphi.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za