Umosimane akeneme ngeyecaf
Ukhathazwa yirekhodi labo lemidlalo yasekhaya
UKHATHAZEKILE umqeqeshi wemamelodi Sundowns ngerekhodi elingelihle lale kilabhu emidlalweni yasekhaya emqhudelwaneni wecaf.
Idowns izogadulisana nerayon Sport yase-uganda emlenzeni wesibili wecaf Champions League namuhla ngesonto ngo-19h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville.
Emlenzeni wokuqala obuseUganda emasontweni amabili edlule la makilabhu abambane ngo-0-0.
Idowns iya kulo mdlalo nje, ngesizini eyedlule kulo mqhudelwano ize yaqeda esigabeni samaqoqo ingakaze inqobe mdlalo ekhaya. Ibizenzela ekuhambeni kodwa ifike ekhaya ishaye udaka.
Upitso “Jingles” Mosimane ocija idowns uthi liyamkhathaza leli rekhodi.
“Into eyenze saphuma kulo mqhudelwano ngesizini eyedlule wukuthi asizange sibe nerekhodi elihle emidlalweni yasekhaya njengoba singanqobanga mdlalo.
"Kodwa ngalena sifuna ukukushintsha lokho.
"Emdlalweni owedlule bekufanele sinqobe kodwa sabhekana nezingqinamba ezithile engingeke ngisathanda ukwenaba kakhulu ngazo. Kodwa-ke lo mdlalo kufanele siwunqobe akukho ukujikela emuva.
"Sifuna ukudlulela emzuliswaneni olandelayo ngakho-ke kufanele sinqobe,” kusho umosimane.
Kowecaf Confederation Cup, icape Town City izobhekana necosta do Sol yasemozambique emlenzeni wesibili walo mqhudelwano namuhla ngesonto ngo16h00 ecape Town Stadium.
Emlenzeni wokuqale obusemozambique icity inqobe ngo-1-0.