ABE-LEOPARDS BASONGA UKUVUKA NGE-REAL KINGS
BAFUNA ukuvukela esiswini njengotshwala izitha abeblack Leopards ezovavana inkani nereal Kings kowenational First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Ujoel Masutha ocija ileopards utshele ILANGA Langesonto ukuthi umdlalo wabo nekings unzima kakhulu futhi basophe ukuzama ngazo zonke izindlela ukuvuka ngayo kwazise kuningi abangakuzuza.
Uthi ukubeke kwacaca kubadlali bakhe ukuthi kufanele bathole igoli ngokushesha ukuze ikings ithwale kanzima.
Umasutha uthi lo mdlalo yiwona ozobacacisela ngekusasa labo elibheke kwi-absa Premiership njengoba kungumbango wasesicongweni.
“Ngikholwa wukuthi kuzokuba nzima kakhulu kwikings ngoba ngeke nangengozi sipake ibhasi ngizolwela amaphuzu agcwele. Uma sizimisele ngokufeza iphupho lethu kufanele sizishayele thina ikings.
“Ngiyazi ukuthi ikings isithuse abantu abaningi kodwa kulo mdlalo wethu nayo ngikholwa wukuthi ifike ekugcineni.
"Abadlali bami sebewulungele lo mdlalo. Ngenhlanhla enkulu bonke bakhona sizofika futhi bafithi. Kangimesabisi usimo Dladla umqeqeshi wabo ngiyamhlonipha kakhulu ngomsebenzi asewenzile kule kilabhu,” kusho umasutha.
Ulindokuhle “Maleven” Mtshali olihlikihla esiswini kwikings, utshele leli phephandaba ukuthi kunomoya wobumbano kwezabo yingakho bezoyiqumba phansi ileopards.
Uthi wonke umdlali ulwela ukuthola indawo eqenjini eliqalayo nokwenza kube nokuncintisana. Uthi umqeqeshi wabo ukubeke ngokusobala ukubaluleka kwalo mdlalo ngoba uma
bengase bawudedele bazokona izinhlelo zabo.
Ileopards igabe ngomwape Musonda ongalibheki ipali noEden “Nono” Nene odlala esiswini kanti ikings igabe ngonkosingiphile “Mapo” Phewa nophumelele “Ace” Bhengu nabo abangalibheki ipali.
Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto imi kanje: E-athlone Stadium: Cape Town All Stars vs Stellenbosch FC 15h30.
Evosloorus Stadium: Jomo Cosmos vs Ubuntu Cape Town 15h30.
Eking Zwelithini Stadium: Real Kings vs Black Leopards 15h30.