Uxoshwe ukuqhuma kwamabhomu e-europe
ULUCKY Nguzana (27) ongumgadli webaroka FC uphuthwe yithuba lokuzakhela igama e-europe ebuyiswa wukuqhuma kwamabhomu edolobheni laseturkey esegijima kwi-umraniyespor yakhona.
Lo mdlali udabuka Kwamakhutha, eningizimu yetheku.
Udlale ibhola emazingeni aphansi kuleli lokishi ekhuliswa nguMlungisi Mchunu obebajica nabangani bakhe.
Ufunde ezikoleni eziningi ngenxa yokuhanjiswa yilona ibhola. Ufunde esewula Primary, wadlulela emagama High, waya esidelile High School okuyilapho efeyile khona umatikuletsheni. Ukufeyila akumthenanga amandla njengoba ebuyele eshayabantu High, esweetwater, nakhona wawufeyila.
Ube esebhekisa amabombo enorth West edlalela i-als Puk Tawana obekuyikilabhu engaphansi kwesikhungo semamelodi Sundowns.
Ufakwe esikoleni sakhona esibizwa ngeseiphemelo High bamuqalisa phansi kwa-grade 11. Akabange esaqeda washiya phakathi.
Uthi inhliziyo yakhe isakulangazelela ukuqhubeka nesikole aqedele umatikuletsheni wakhe. Lo mdlali uthole inkontileka yokudlala esigabeni esiphezulu kwidowns esemncane kakhulu.
Akahlalanga isikhathi eside njengoba idowns inqume ukumchitha kwazise ibinabadlali abangama-50 abebejima neqembu elikhulu.
Emuva kokuxoshwa yidowns, udlale kwifc Cape Town esiyaziwa ngobuntu Cape Town, AmaZulu FC, kwilamontville Golden Arrows, kwiplatinum Stars nakwiUmraniyespor.
Ingxoxo YELANGA Langesonto
( IL) nonguzana ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
IL: Uchithe isikhathi esiningi ngaphandle kwabazali.
Nguzana: Yebo, empeleni bekunzima ukuhlala ngaphandle kwabo. Ngenxa yokuthi umuntu ubezama ukufeza iphupho lakhe lokugqama ebholeni kwaphoqeleka ukuba ngihlukane nabo.
IL: Nibangakhi kwenu?
Nguzana: Sibane ekhaya. Nokho ngeke ngikhohlwe yisandla sikamama, uthelisile Nguzana kwazise uwe evuka nami ngenxa yokuthi ubaba (ujames Nguzana) wadlula emhlabeni ngowezi-2007.
Kukhona uncengi Nguzana omdala kuze uzakithi “Zah” Nguzana kube ngukhu Nguzana kanti ngingumagcino wekhaya. IL: Uyakwazi ukupheka?
Nguzana: Kahle kakhulu futhi ngiyalishaya ibhodwe. Ngithanda kakhulu ukuzenzela ichicken Lasagne noma ipizza.
IL: Usugcagcelwe?
Nguzana: Cha, nokho ngihlela ukuqedela zonke izinkomo ungakapheli unyaka kwazise ukhona engizwana naye, umama wendodana yami, u-abelo (3). Umama ka- Abelo ngusandisiwe Nunu Nyoni. Kukhona nomunye ongazalwa nguSandisiwe engamthola. Igama lakhe nguthando Ndlovu, uneminyaka emine.
IL: Wenzani uma ungekho matasa ebholeni?
Nguzana: Ngikhonze ukuyoshisa inyama ebomvu esilaheni, kodwa njengoba isizini iqhubeka kuyangiphoqa ukuba ngidle ukudla okunomsoco. Kodwa uma ngingenzi lutho ngiziyela enxanxatheleni yezitolo nabangani bami kumbe ngizibukele umabonakude.
IL: Ungumuntu onjani?
Nguzana: Ngiyabahlonipha abantu. Kangikuthandi ukusukelwa. Ngikhonze ukuhleka kakhulu nokugcona abantu. Ngilikhonzile ibhola kakhulu.
IL: Iyiphi i-soapie oyikhonzile?
Nguzana: Ngithanda kakhulu ithe Queen. Umlingisikazi engimthandayo ngugoodness (uzenande Mfenyana).
IL: Yisiphi isiqholo othanda ukusisebenzisa?
Nguzana: Yipaco Rabane The Invictus EDT. Ingishaya ngaphakathi.
IL: Yiluphi uhlobo lomculo olukhonzile?
Nguzana: Yigqom Music ikakhulukazi ekaprince Kaybee, iclub Controller.
IL: Uphatha uhlobo olunjani lukamakhalekhukhwini?
Nguzana: Ngisebenzisa i-iphone 6 nesamsung J7.
IL: Uzifela ngaliphi izwe?
Nguzana: Yifrance engiyithandayo. Iyizwe elihle kakhulu yize ngingakwazanga ukuthola ithuba elihle lokuyibona kahle ngesikhathi sihamba ngokomsebenzi.
IL: Utshabaza ngamotoni?
Nguzana: Yipolo Comfortline 1,6. Ngiyashishiliza ngayo, ngikwazi ukusuka ngayo epolokwane ngifike qathatha ekhaya ngaphandle kwenkinga.
IL: Yikuphi okokuqala okwenzayo uma uvuka ekuseni?
Nguzana: Wukuxubha amazinyo. Ngibheke isikhathi bese ngilungiselela ukuyozivocavoca.
IL: Yiziphi izinhlelo onazo uma usubeke amakhokho ethala?
Nguzana: Ngihlele ukungena ebhizinisini lokudayisa izindlu nokunye ukuze ngingazisoli uma sekuphele amandla ebhola.
IL: Yisiphi isigameko esike sakwehlela ongasithandi empilweni yakho?
Nguzana: Nakuba ingicasula le ndaba kodwa ngiyafa yizesheli zezitabane. Okubuhlungu akuve zingeshela kangisazi ukuthi inkinga yabo ikuphi ngize ngizinuke amakhwapha ukuthi yini inkinga yazo ekubeni nginomuntu wami engimthanda ukufa.
IL: Ngubani ojwayele ukuhlala naye uma usekhempini?
Nguzana: Ngu-vigril Vries odabuka enamibia. Ungifundisa kakhulu izinto zasebholeni futhi ezinhle.
IL: Uthini umyalezo wakho entsheni?
Nguzana: Ngibone okuningi empilweni nokho ngakwazi ukushintsha ngayibona indlela eqondile yokuphila kulo mhlaba. Kangifisi ukubona umuntu osakhula engena ogibeni olwacishe lwangijuqa. Kumele intsha ingazihlanganisi nogwayi notshwala namantombazane. Kumele izitholele umuntu wesifazane ongeke abe wuhlupho empilweni yayo.