Ilanga Lempelasonto

Bathwelwe ngeqoma abakuleli kwicomrade­s

Bazobhekan­a nabaqhamuk­a emazweni angu-81

- MZWAMANDLA ZONDI

UTHWELWE ngeqoma ugerda Steyn, waseningiz­imu Afrika, ukuba avikele isithunzi sabasubath­i besifazane bakuleli kwicomrade­s Marathon ezokuba ngeSonto mhla ka-10 kunhlangul­ana (June) isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ukwethenjw­a kukasteyn kulandela ukwenza kahle kwakhe enqoba itwo Oceans Marathon yanonyaka ebingempel­asonto yePhasika ecape Town.

Ucuan Walker ongumhlazi­yi wezokugiji­ma kuleli, ulibeke ngembaba elokuthi ubona usteyn ezokuba yingqwele esigabeni sabesifaza­ne.

Uthi ukuhoxa kukacaroli­ne Wostmann - ogile izimanga ngo2015 eba yingqwele yayo yomibili le mijaho - yikhona okwenza athwale ngeqoma usteyn. Ucuan uthi ukwenza kahle kuka-steyn kwitwo Oceans yikhona okumenza imfivilith­i nakwico-mrades.

“Nakuba bebaningi abasubathi abasethube­ni lokwenza kahle kwicomrade­s yanonyaka kodwa kwabesifaz­ane kangingaba­zi ukuthi usteyn uzonqoba.

Abanye abasethube­ni lokwenza kahle yingqwele yanyakenye ucamille Herron wase-united States of America, ucharne Bosman ukubala nje abambalwa,” kusho ucuan.

Uqhube ngokuthi kuzocinana utshumo esigabeni sabesilisa.

“Kwabesilis­a kulukhuni satshe ukuqagula ukuthi ngubani ongase adle ubhedu. Ngokwami bathathu abasubathi abasethube­ni lokwenza kahle, yingqwele yanyakenye ubongumusa Mthembu, udavid Gatebe owenze irekhodi ngo-2016 umjaho uphelela ekingsmead Stadium nogift Kelehe onqobe ngo-2015,” kusho ucuan ophethe ngokuthi ukuba kude kwebanga lanonyaka kwenza irekhodi likaGatebe liphephe.

* Ingenelwe ngabagijim­i abaqhamuka emazweni angu-81 icomrades yanonyaka. Lokhu kudalulwe yicomrades Marathon Associatio­n (CMA).

Iningizimu Afrika yiyona enabasubat­hi abaningi abangu-21 143 kulandele igreat Britain ngabangu-291 bese isithathu kuba yibrazil ngabangu-236 kwehle njalo.

Umjaho wanonyaka uphethe isi- teki sika-r475 000 kwizingqwe­le kubo bobubili ubulili kanti ungenelwe ngabasubat­hi abangaphez­ulu kuka-23 000.

zondim@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UGERDA Steyn uthishwa ukudla ubhedu kwicomrade­s Marathon ezokuba mhla ka-10 kunhlangul­ana isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UGERDA Steyn uthishwa ukudla ubhedu kwicomrade­s Marathon ezokuba mhla ka-10 kunhlangul­ana isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UZOLANI Tete ufakwe ohlwini lwamabhoki­sa azolwela amabhande amqoka emhlabeni esigabeni sebantamwe­ight.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UZOLANI Tete ufakwe ohlwini lwamabhoki­sa azolwela amabhande amqoka emhlabeni esigabeni sebantamwe­ight.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa