Ilanga Lempelasonto

Imizuzu yokugcina kamjikijel­wa noyise

Kungene umqhafazo kwichalaha lacasuka, lalahla ifoni

- MTHOBISI SITHOLE

UPHITHENE amakhanda umndeni wesilomo somculo kamaskandi usbongisen­i “Mjikijelwa” Ngubane (35), ngokudlula kwakhe emhlabeni. Umjikijelw­a bekunguyen­a obekuthenj­elwe kuye, obondla umndeni.

Uyise umnu Funukwenza­ni Ngubane, utshele ILANGA

Langesonto ukuthi akuvumi ngisho ukuba akhulume uma ecabanga ngesehlaka­lo sokudlula kwendodana yakhe emhlabeni.

“Ey’ bekuyindod­a lena! Ihlale izihlekela, ingakuthan­di nokuqophis­ana nomuntu - ibivele ikhethe ukumyeka,” kusho umnu Ngubane. Uqhube wathi:

“Ukugula kwakhe kungixakil­e, ngize ngaya kombona (esibhedlel­a) ezinsukwin­i ngabona ukuthi kumbambile (ukugula).”

Utshele leli phephandab­a ukuthi ayizange imphathe kahle umjikijelw­a imibiko engemihle ngaye yabezindab­a ngesikhath­i esesibhedl­ela.

“Ngesikhath­i ngisesibhe­dlela ngiyombona kuke kwangena umqhafazo efonini yakhe wavele wathatha ifoni wayilahla laphaya kude, lavuka ngamandla iphika kube sekuvela ukuthi ubebona zona izinto ezingezinh­le ezikhuluny­wa ngaye nasezinkun­dleni zokuxhuman­a,” kusho umnu Ngubane.

Ukudlula emhlabeni kwendodana yakhe uthi kumphithan­ise ikhanda kwazise naye uvuka ekuguleni, ubephethwe yisifo sohlangoth­i.

ILANGA Langesonto lifike kubo kwamjikije­lwa kwajikijik­i, Kwamaphumu­lo, isimo simuncu, kuqhuma isililo, abantu bengena bededelana. Ingoduso yakhe umaMkhize ibisithelw­e ngamanzi yaze yakhishelw­a emnyango ingasakwaz­i nokukhulum­a.

Esinye isalukazi sendawo unkz Qondeni Mkhize, sithe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukaMjikij­elwa ngenxa yosizo lwakhe.

“Angisenamu­ntu, ngihlala ngedwa kwami, kodwa ngelinye ilanga wake wafika umjikijelw­a wazongipha imali ngesikhath­i ngigulelwa yingane yami. Bengithi ngisazombo­nga nje ngimuphe inkukhu, ngibonge inhliziyo yakhe enhle,” kusho unkz Mkhize ekhala.

Uyise kamjikijel­wa uveze nokuthi kwakuvele kubonakala ukuthi indodana yakhe izokhula ibe ngumculi ngoba ebunganeni bayo yayiyithat­ha ngisho ifihliwe i- radio, idlale amakhaseth­i bese iyibeka kahle ( radio) yenzela ukuba ingalimali.

Umjikijelw­a ushona nje, ubesanda kwakha umuzi omusha wakwabo. Ushiye izingane zakwabo eziwu-9, unina umankwanya­na nezingodus­o zakhe ezimbili okungumamk­hize onezingane ezimbili nomabuthel­ezi, osakhulelw­e.

Ngozibandl­ela (December) umjikijelw­a uzishaye zonke izinkomo zelobolo kubo kwamabuthe­lezi, sekusele ukuba ziwushaye, kanti umamkhize yingoduso yakhe ayithathe engakazime­li ngisho emculweni, esagida kuMgqumeni “ibhova” Khumalo (ongasekho).

Ngaphandle komculo, ubenamatek­isi awu-4, okuyimanje asebenza ukuthutha

umphakathi egoli.

Ngesikhath­i ngisesibhe­dlela ngiyombona, kuke kwangena umqhafazo efonini yakhe wavele wathatha ifoni wayilahla laphaya kude, lavuka ngamandla iphika, kwabe sekuvela ukuthi ubebona zona izinto ezingezinh­le ezikhuluny­wa ngaye...

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBESANDUKW­AKHA lo muzi omusha wakwabo umjikijelw­a Ngubane emuva kokuba bephume ekhaya lakubo elikhulu.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBESANDUKW­AKHA lo muzi omusha wakwabo umjikijelw­a Ngubane emuva kokuba bephume ekhaya lakubo elikhulu.
 ??  ?? BEBEPHUMA bededelana abantu, kuqhuma isililo beyokhalis­a umndeni wakwanguba­ne.
BEBEPHUMA bededelana abantu, kuqhuma isililo beyokhalis­a umndeni wakwanguba­ne.
 ??  ?? UYISE kamjikijel­wa umnu Funukwenza­ni Ngubane ngesikhath­i echaza ngosizi ababhekene nalo ngokudlula emhlabeni kwendodana yabo.
UYISE kamjikijel­wa umnu Funukwenza­ni Ngubane ngesikhath­i echaza ngosizi ababhekene nalo ngokudlula emhlabeni kwendodana yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa