Isimanga sezingane ezidla utshwala
Kwethulwa umkhankaso yokuqwashisa ngophuzo
ITHUSA abaningi imibiko yokuthi ngisho izingane ezineminyaka emine zicwila ezinkambeni zikafaro. Iphini likangqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kuzwelonke unkk Hendrietta Bogopane Zulu, uthi ngenxa yalesi sizathu kufanele imikhankaso eqwashisa ngophuzo oludakayo iqale ezinganeni ezineminyaka emithathu.
Ubekhuluma emcimbini obusegoli ngolwesine, lapho inhlangano i-aware.org beyethula khona umkhankaso wokuqwashisa ngokusetshenziswa budlabha kophuzo oludakayo, obizwa ngokuthi # awareoftomorrow.
“Yingakho lo mkhankaso kumele uqale ezinganeni ezineminyaka emithathu uma uzoqwashisa ngotshwala.
"Kuhle izingane zifundiseke ngotshwala ukuza zikhule zinolwazi ngezingozi ezingadalwa wutshwala ezingqondweni nakwezinye izinto,” kusho yena.
Iningizimu Afrika ngelinye lamazwe abhekene nenkinga yezinga eliphezulu labantu abacwila ezinkambeni zikafaro.
Leli lizwe kubikwa ukuthi lingunombolo 19 emhlabeni kanti lilele isithathu ezwenikazi i-afrika ohlwini lwamazwe acwila kakhulu ezinkambeni zikafaro.
Unkk Ingrid Louw, oyisikhulu esiphezulu senhlangano i-aware. org, wethule ngokusemthethweni i# awareoftomorrow, okuwuhlelo oluzosatshalaliswa ezikoleni nasezindaweni ezahlukene kuleli.
Lo mkhankaso ugxiliswe kakhulu etsheni.
Unkk Louw wethule inkulumo kulo mcimbi obuhanjelwe yizicukuthwane okubalwa kuzo izikhulu zezinkampani ezikhiqiza utshwala. Unkk Bogopane Zulu udalule ukuthi babalelwa ku-34% abantu baseningizimu Afrika abacwila ezinkambeni zikafaro. “Nakuba abanye bangabona sisincane lesi sibalo kodwa ezweni elisathuthuka siyingozi. Kubalukile ukuthi siqinisekise ukuthi abaphuza utshwala baphuza ngendlela ehlelekile, bangeqisi bacabange nokuthi lisekhona ikusasa, bangaphuzi sengathi bayagcina,” kutho unkk Louw obonge izinkampani ezikhiqiza utshwala ngokweseka lo mkhankaso.
Unkk Bogopane Zulu ukhulume ngezinkinga ezidalwa wuphuzo oludakayo eningizimu Afrika. Phakathi kwezinto azibalulile wukunyuka kwesibalo sabantu abaphila nokukhubazeka, wukwanda kwabantu abaphila nesandulela-ngculaza, nezingozi zemigwaqo.
Lo mkhankaso uzohambisana nezikhangiso ezizobonakala kumabonakude, ezinkundleni zokuxhumana nasemsakazweni.
Kuhle izingane zifundiseke ngotshwala ukuze zikhule zinolwazi...