Ilanga Lempelasonto

Kwabakwele­ta umasipala

Kabazuvale­lwa ugesi kunalokho bazosebenz­isa i-pre-paid

- ZOWAKHA MBATHA

UTHEMBISE inkululeko kwabasindw­a yizikwelet­u ethekwini, oyimeya uzandile Gumede, ethula isabelo mali saleli dolobha ngolwesine emini, ecity Hall.

Uthi labo abanezikwe­letu eziphezulu zikagesi ngeke nje bavalelwe ugesi bese behlala ebumnyamen­i kodwa bazolekele­lwa ngokuba banikwe amamitha angama- pre-paid uma besahlela ukukhokha izikweletu.

“Kakuyona into enhle ukuvalelwa ugesi, yingakho sesiqale uhlelo lokuba umuntu akhokhe amainstalm­ent ukulungisa isikweletu sakhe kodwa akwazi ukuthenga nge- pre-paid ugesi azobe ewusebenzi­sa.

“Sinenselel­o yabantu abathola ama- bill amakhulu abagcina bengakwazi ukuwakhokh­ela, yingakho sesiqala uhlelo olusha oluzokwazi­wa ngo-80/20 noluzoleke­lela umphakathi,” usho kanje.

Enkulumeni yakhe ugqamise kakhulu ukulekelel­wa kwabahlwem­pu nokulwa nenkohlaka­lo nakuba abanye bebekhala ngokubhece­ka kukamasipa­la wakhe kuyo inkohlakal­o.

Kuzokhumbu­leka ukuthi muva nje kuphume imibiko yokusatshi­swa kweziseben­zi zehhovisi lomcwaning­i wamabhuku ebezicwani­nga amabhuku kulo masipala, zaze zashiya phansi umsebenzi.

Ephawula ngamabhuku ezimali ethekwini uthe konke kuhamba kahle.

“Asidli la, siyasebenz­a, silwa nenkohlaka­lo. Ngibavumel­ile abaphenyi ukuba benze umsebenzi wabo ngokukhulu­leka, kuboshwe okufanele baboshwe. Sesisungul­e ikomidi lokuqondis­a izigwegwe nelokusula izinkampan­i ezingasebe­nzi ngendlela.

“Zingama-42 kuyimanje esezivaliw­e, kwaboshwa abebedayis­a izindlu zomxhaso, abebethemb­isa abantu imisebenzi bese bebathathe­la izimali nabebedayi­sa opla- stiki bakadoti,” kusho yena.

Uqhube wathi: “Ishaka Marine NE-ICC okuyizinda­wo zethu eziphethwe ngabesifaz­ane zithole imibiko yabacwanin­gi mabhuku engenagcob­ho.

“Kakusho mina kodwa kusho osolwazi, itheku liqhelelen­e kakhulu nesimo sokuba kuvucu. Kuningi khona okumele kulungiswe kwezomnoth­o njengoba uqhoqhobel­we ngabamhlop­he, ama-ndiya nabavela kwamanye amazwe.

Kumele sikhulise ezokuvakas­ha emalokishi­ni, osomabhizi­nisi abakhulu nabancane babelane. Abekho abanelunge­lo lokwesabis­a abanye kodwa kumele kwabelwane, likhulu kakhulu leli khekhe.”

Ephawula mayelana nokuthathw­a ngodli komhlaba osekuyinsa­kavukela umchilo wesidwaba ezindaweni ezahlukene ezweni uthe kabahambis­ani nakho.

Uthe ezinye zalezo zindawo basuke bezibekele ukuziseben­zisa ukuthuthuk­isa imiphakath­i.

Okunye akubalulil­e wuhlelo lokwenyusw­a kwesibalo samaphoyis­a omkhandlu kusukela ngolwesihl­anu (01 June), wukusabala­liswa ko- plumber asebebaqeq­eshile ukulwa nokuvuza kwamapayip­i amanzi, wukwandisw­a kwezindawo okuzothola­kala kuzo i-wifi yamahhala zifinyelel­e ku-140 ngaphambi kokuphela konyaka nokunye.

zowakha@ilanganews.co.za I-EFF izimisele ngokuba kudilizwe esikhundle­ni imeya yetheku, unkk Zandile Gumede. Leli qembu likhala ngokuthi kalimethem­bi unkk Gumede. Ngolwesine ngesikhath­i imeya yethula inkulumo yayo ngesimo setheku (State of the City Address) I-EFF ishaye edume ngazo, yaduba yaphuma.

Ngesikhath­i imeya isandlalel­a inkulumo yayo, I-EFF iqale umsindo ingafuni ukuba aqhubeke. Kuqale umholi wayo emkhandlwi­ni, ukhansela Bonginkosi Ngiba, onxuse ukuba kuqalwe odabeni abebelupha­kamise kusomlomo womkhandlu ngayizolo.

Usomlomo umnu William Mapena, uphendule ngokuthi kasikho isidingo sokuphazam­isa inkulumo ngoba ubebaphend­ulile phambilini, kwabe isisukile. Bebelokhu behhomuzel­a ngesikhath­i iqhubeka nenkulumo. Emuva kwalokho bathathe izikhwama zabo baphuma.

Engxoxweni abe nayo NELANGA Langesonto umnu Ngiba, uthi bacasulwe wukuthi usomlomo uhubhuze amanga wathi indaba abebeyipha­kamisa ixoxiwe, kwadlulwa kuyo ekubeni kungenzeka­nga.

“Uzokhumbul­a ukuthi zolo lokhu kube nokusatshi­swa kwabapheny­i mabhuku emkhandlwi­ni, ngakho imeya kasisayeth­embi.

“Sengibe kulo mkhandlu iminyaka kodwa kuningi okuvele kwashintsh­wa yimeya kanti thina besifuna luxoxwe lolu daba. Bona bavele bakufuqe ngemiqingo sekuyiwa emhlanganw­eni, nongadinga cishe inyanga yonke ukuyifunda,” kusho umnu Ngiba.

Uthe imeya ithe ifika nje yathatha ihhovisi ebelibheke umnyango wezezimali yalifaka ngaphansi kwayo. Uthe bafuna yehle esihlalwen­i ngokushesh­a ukuze kubuye ithemba nesithunzi setheku.

 ?? ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA ?? IMEYA yetheku unkk Zandile Gumede, ingena ecity Hall.
ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA IMEYA yetheku unkk Zandile Gumede, ingena ecity Hall.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa