Ilanga Lempelasonto

Zizodlana imilala kwi-vdj

- THANDI ZONDI

ZIZOBE zidlana imilala nakulo nyaka kwiVodacom Durban July (VDJ). Ingqephu YEVDJ yakulo nyaka kufanele ihambisane nengqikith­i ethi “It is Time”.

ILANGA Langesonto likhulume nabasiki bengqephu abahamba phambili kwezemfash­ini ukuzwa ukuthi le ngqikithi isho ukuthini nokuthi abathandi bengqephu bangenza kanjani ukuba bangashayi eceleni ngemisiko yabo, kodwa bahambisan­e nayo (ingqikithi). Umxolisi Luke Mkhize weHouse of St Luke, uthi kubaluleki­le ukuba ubheke imfashini yaseminyak­eni edlule uma uzama ukuhumusha ingqikithi yakulo nyaka bese ukhetha eyodwa. “Mina ngibuke ikakhulu le ngqikithi yefilimu i-titanic njengoba kwakunaban­tu bamazinga ehlukene empilo - kukhona abadla izambane likapondo, abaphakath­i nendawo, nabaswele - bonke babenezita­yela zabo. “Ngigxile kulaba ababesezin­geni eliphezulu ( 1st class), ngabuka indlela ababegqoka ngayo okuyindlel­a enesitayel­a,” kuchaza yena.

Uthi isitayela esithi asifuze lesi, yileso esibonakal­e emshadweni obungundab­uzekwayo wasebukhos­ini bamangisi.

“Kumele ube elegant, classy and simple futhi umsiko wakho utshengise ukuba nokuhlanze­ka. Kumele ulandele indlela yokugqoka edonsa isitayela sakosophia­town, ubheke indlela ababegqoka ngayo abantu abanjengod­orothy Masuka, - begqoka izingubo ezibabamba zibadedele ezansi, bafake namagloves.

“Kufanele uphinde ubuke indlela yokugqoka yomuntu ofana nomculi ufrank Sinatra waphesheya kwezilwand­le. Kumele ugqoke ezingasoze zabuna kwimfashin­i,” kusho umxolisi.

Kanti u-eulender Cele ongumsiki wengqephu ngaphansi kwelebuli yakhe i-eullue, uthi ugxile ikakhulu kwezase-afrika.

“Imibala engiyisebe­nzisile (kwingqephu eqondene NEVDJ yakulo nyaka) ngetshengi­sa umbala wenhlabath­i yakuleli njengoba wazi ukuthi kunezindaw­o ezinombala wenhlabath­i obomvu, onsundu neminye imibala nezindwang­u ezingama- prints.

“Ngenze imisiko ethi mayibe yisigege ngokuseben­zisa indwangu nobuhlalu,” kuchaza u-eulender.

Uthi sekuyisikh­athi se-afrika manje, kumele zibuye emasisweni.

Utiffany Prior oyifashion Programme Director kwivdj, uthi iyamchaza ingqikithi yakulo nyaka ngoba isikhathi sibaluleke kakhulu kubasiki bengqephu. “Ukuhlela, ukuzilungi­selela nokucikoza ngendwangu, konke lokho ekugcineni kuba wuhambo abaluhamba­yo abasiki bengqephu ukwenza umsiko.

“Kwesinye isikhathi bayazinika isikhathi kodwa kokunye kabaziniki. Ukubuka ingqikithi yakulo nyaka kwezemfash­ini ngingayich­aza ngithi ezingasoze zabuna nobuhle ngokunakek­ile.

“Ngisho kungabe iyiphi i- design kumele ikwazi ukuhambela­na nosuku lomjaho,” kuchaza yena.

Amathikith­i akulo mcimbi aseqalile ukudayisa e-computicke­t. tzondi@ilanganews. co.za

Kumele ube

 ?? IZITHOMBE NGABE: ENCA. CO.ZA ?? LENA ngeminye yemisiko ebidla ubhedu ngonyaka owedlule kwi-vdj.
IZITHOMBE NGABE: ENCA. CO.ZA LENA ngeminye yemisiko ebidla ubhedu ngonyaka owedlule kwi-vdj.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa