Ilanga Lempelasonto

BADINGA UKWESEKWA ABANE-BIPOLAR

-

NGOKOMBIKO we-south African Depression and Anxiety Group (Sadag), kuthiwa bangaphezu kuka-4 million abanesifo esibizwa nge-bipolar, nokuyisifo okuthiwa singunombo­lo-6 ekudaleni ukukhubaze­ka. Yize isibalo sabantu abanalesi sifo sikhuphuka mihla namalanga kodwa abanaso basazithol­a becwaseka emphakathi­ni.

Kwesinye isikhathi uma uke waphumela obala ngokuthi une-bipolar kuvele kuthiwe uphambene ekhanda, ikakhuluka­zi emiphakath­ini yabamnyama. Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kusamele abamnyama bafundiswe kabanzi ngezigulo ezithinta umqondo.

Akungabaze­ki ukuthi sonke siyaba nezikhathi lapho sisemuzwen­i wokujabula noma wokukhatha­zeka - mhlawumbe uthole ukuthi uxabene nesinqanda­mathe sakho bese uzithola ukhathazek­ile. Kubantu abane-bipolar le mizwa yehlukile.

IYINI I-BIPOLAR?

Lesi yisifo sengqondo esihambisa­na nemizwa lapho kutholakal­a ukuthi lowo onaso uma ejabule, ujabula ngokweqile kanti uma ekhathazek­ile, ukhathazek­a ngokweqile kungenasiz­athu.

ILANGA Langesonto likhulume nodkt Manqoba Myeni, osebenzela edurdoc Medical Center, ongudokote­la wezengqond­o osichazele kabanzi ngalesi sifo.

“I-bipolar yisifo esingakhet­hi bala lamuntu, futhi esiphatha noma ngubani. Asicwasi ngisho nangokwesi­mo somnotho. Thina bantu abamnyama uma umuntu ene-bipolar siye sithathe ngokuthi uyahlanya kanti akunjalo. I-bipolar ithinta ukuphazami­seka kwemizwa nokudideka engqondwen­i," usho kanje.

IZIMPAWU ZOMUNTU ONE-BIPOLAR:

Uba nenkinga yokuziphat­ha, uthole ukuthi uzochitha imali budedengu

Enze ucansi ngokwedlul­ele kungakhath­elekile ukuthi ulwenza nobani futhi kungekona ukuthi uyaluhalel­a nokungagci­na kumenze wathola izifo zocansi ezifana NE-HIV/AIDS ngenxa yokuthi ulala engazivike­lile

Uhlezi ecabanga izinto angazenza, mhlawumbe afise ukwenza ibhizinisi elithile kodwa agcine engalenzan­ga, uthole ukuthi uzosheshe adikibale Angakwazi ukulala ebusuku Abe nomdlandla owedlulele Anciphe emzimbeni Abone izinto ezingekho Abe nokuzethem­ba okwedlulel­e Akhulume angaqedi Wenza izinto budedengu Akakwazi ukuzilawul­a, okungagcin­a kudale ukuba aboleke izimali emabhange, azithole esecwila ezikweletw­ini.

IDALWA YINI-IBIPOLAR

Udkt Myeni uthi: “Yenziwa yizinguquk­o ezenzeka kumakhemik­hali atholakala ebuchoshen­i bomuntu. Kuyenzeka kwabanye abantu kube nento ezomhlukum­eza umqondo agcine ezithola esene-bipolar.

Uqhuba athi kuyenzeka futhi kube yinto ewufuzo, uma kungukuthi ukhona owake waba nayo ekhaya. Kuyenzeka futhi iphathe abesifa-zane uma bekade beqeda ukubeletha,” usho kanje.

KUNGABE IYELAPHEKA YINI?

Yebo iyelapheka ngemithi yodokotela. Mayelana nokuthi leyo mithi uyidla isikhathi esingakana­ni uthi kuya ngokuthi uzimisela kanjani uma uyidla, kanti imiphumela futhi yiyo eshoyo ukuthi uzoyithath­a isikhathi esingakana­ni. Ukwelulekw­a ngokomqond­o kungezinye zezinto ezisiza kakhulu ekuyelaphe­ni.

YINI ONGAYENZA UMA UNE-BIPOLAR

Uma unalesi sifo usuke ungakwazi ukuzilawul­a. Yingakho uthola ukuthi abanye bagcina sebesebenz­isa imali ngokweqile. Udkt Myeni uthi:

“Kubaluleki­le ukuba unciphise indlela osebenzisa ngayo imali. Uma kungukuthi ushadile uthi kuhle unikeze inkosikazi ikhadi lasebhange ukuqinisek­isa ukuthi awuzitholi usebenzisa imali ngokweqile kwazise kusuke kunzima ukuzilawul­a,” usho kanje.

Uthi kubaluleki­le ukuba uma umndeni wazi ukuthi unelunga eliphila ne-bipolar uleseke.

“Uma unelunga lomndeni elinebipol­ar kumele wazi ukuthi akusiso isifo eningasith­atha kancane. Qinisekisa ukuthi lowo onalesi sifo uyidla ngokufanel­e imithi futhi ubonana nodokotela uma kufanele. Ukuba nalesi sifo akubaphaza­misi ndawo, bayasebenz­a futhi bafunde njengawo wonke umuntu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUBALULEKI­LE ukweseka ilunga lakho lomndeni uma usuwazi ukuthi line-bipolar.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUBALULEKI­LE ukweseka ilunga lakho lomndeni uma usuwazi ukuthi line-bipolar.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa