Ilanga Lempelasonto

6. USETHEMBIS­E ENYE INTOMBI UMSHADO

-

PASTOR, ngithandan­a nobhuti ongumfundi­si ebandleni lakhe. Kuthe ngeledlule wavele wathembisa enye intombi umshado wangifihle­la kodwa uthi usangithan­da. Ngiyazibuz­a ukuthi ungithanda kanjani esenze kanje.

IMPENDULO: Ngiyakubon­gela dadewethu ukuthi unkulunkul­u ukuvezele zonke izinto ungakashad­i. Kunabantu la emhlabeni ababona izinto sebeshadil­e. Noma kubuhlungu kodwa bonga ukuthi isikhathi sisekhona.

Ngiyacela ukhule ngokomqond­o, wazi ukuthi noma umuntu engaba umengameli, dokotela, ikhansela, umfundisi noma ngabe yini kodwa ungumuntu.

Impilo iyohlala isikhumbuz­a njalo ukuthi noma umuntu angaba mkhulu kanjani kodwa ungumuntu. Ngiyazi dadewethu uhlukumeze­kile kakhulu, kodwa ngithanda sonke sazi ukuthi akekho umuntu emhlabeni oyothi angaba yinto enkulu bese engabi ngumuntu - umuntu uyohlala engumuntu, ngisho angaba ngumengame­li.

Ungake ulinge emhlabeni ubone umuntu izinto anazo bese ucabanga ukuthi lokho kumenza angabi ngumuntu. Ngicela ungithinte ocingweni lwami olungezans­i ukuze sikwazi ukuxoxa kahle ngokuthi impilo injani.

Baningi abantu emhlabeni abakhohlis­wa ngamakhans­ela, abefundisi, uhulumeni, odokotela njalo njalo. Ungake ulinge ucabange ukuthi umuntu akayena umuntu ngoba nakhu esesikhund­leni esithile.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

* Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp:

082 070 8034.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa