Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

- ZOWAKHA MBATHA

UBUXOKI noma ukuchema yinto engasoze yaphela emsakazwen­i nakuba lokho kungachazi ukuthi kuyinto eyamukelek­ile.

Ezinsukwin­i zanamuhla kuqhakambi­swa ukuthi o- producer yibo abanquma ngakho konke ngohlelo kodwa siyazi ukuthi lokho kakulona iqiniso eliphelele.

Abasakazi banomkhulu umthelela ngokwenzek­a ohlelweni.

Ngeke wasola muntu futhi ngalokhu ngoba kubaluleki­le ukuba into oyenzayo uyizwe ngaphakath­i, ngakho-ke njengoba kungumsaka­zi ompongoloz­a embhobheni kumele abe nesandla kwazokhulu­ma nga-kho.

Ngeke kwalunga ukuba aqhamuke esefunzwa nje kwazise okuningi okukhuluny­wa nguye kakubhaliw­e phansi kodwa yena unikezwa umkhondo nje okumele akulandele.

Ngithinta eyokuchema nje yingoba kube nezinkulum­o eziningi emva kokudlula emhlabeni komculi kamasikand­i umjikijelw­a umfokaNgub­ane obefihlwa izolo.

Kunabathil­e abebephaka­misa eyokuba nezakhe izingoma zidlale ziphindele­lwa njengoba kujwayelek­e ukwenzeka uma kukhona umculi oshonile. Owami umbuzo ohlala umile uthi ungalindel­a kanjani ukuba isiteshi esingawudl­ali nhlobo umasikandi siqale siwuqhulul­e ngoba nakhu sekuvele isifo?

Uzoqala kanjani umsakazo ukwazisa abalandeli ngomuntu ngoba engasekho ekubeni bengaludla­li nhlobo lolo hlobo lomculo?

Kunezinhlo­bo zomculo ( genres) ezigxila kubalaleli bohlobo oluthile nokujwayel­e ukuba izinhlelo zakhona zibe yizigatsha­na. Izinhlobo esikhuluma ngazo yi- jazz, reggae, gospel nowesintu okungaba umasikandi, isicathami­ya njalo njalo.

Lezi zinhlobo zezinhlelo kazilandel­wa yiningi elilalela umsakazo kodwa zilandelwa ngabazifel­a ngalolo hlobo nje lomculo.

Kungaba yinto enzima-ke ukuba umsakazo unqume ukudlala lezi zinhlobo zomculo usuku lonke. Ukukubeka nje kucace yinto engasoze yenzeka leyo ngaphandle uma kuwukuthi leso siteshi vele sidlala lolo hlobo lomculo.

Khumbula phela kunezitesh­i ezidlala i-gospel noma i- jazz kuphela nokungaba yinto elula ukuba ziqhulule izingoma zomuntu okuvele isifo ngaye, usuku lonke. Vele phela zila- lelwa yilolo hlobo lwabantu.

Impi ngomjikije­lwa ibizifanel­a nje nokuthela amanzi emhlane wedada.

Khumbula futhi ukuthi isinqumo silele kuwona umsakazo njengoba kumele ubhekelele phambili izidingo zomlaleli nabezikhan­giso nokuyizona zinto ezimisa umsakazo.

Elokuchema-ke lingena khona la! Uzoqaphela ukuthi abanye abasakazi bayakwazi ukuzimpint­shisa izinto ezisondele­ne nabo nakuba kucaca ukuthi kazihambis­ani nohlelo.

Kuyabaxaka lokhu ngoba kuyabuya uma sekuqonden­e nomunye umuntu bese kuba yinkinga ngoba engasondel­ene nalowo msakazi.

Kakuzange nje kungimanga­ze nakancane ukuthi umjiks akazange athole ukuqhakamb­iswa njengeziny­e izihlabani ezidlule emhlabeni phambilini. Kakusiwonk­e wonke oyomenyezw­a ubusuku nemini emsakazwen­i uma esedlulile.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa