UNGENZANI UKUZE USINDISE UMNDENI?
UMQONDISI: James Mcteigue ABADLALI ABAPHAMBILI: Gabriel Union (Shaun Russell), Billy Burke (Eddie), Richard Cabral (Duncan), Ajiona Alexus (Jasmine Russell), Levi Meaden (Sam), Seth Carr (Glover Russell), Mark Furze (Peter), Jason George ( Justin Russell), Christa Miller (Maggie Harris), Damien Leake (Isaac) UHLOBO: Thriller IMINYAKA: 16 L/V UMHLAZIYI: ZOWAKHA MBATHA
BREAKING IN
IMALI iyazidala izinkinga empilweni yomuntu.
Emuva kokubulawa kukayise (Isaac), ushaun uphindela emzini akhulele kuwona nezingane zakhe ujasmine noglover ngenhloso yokuyodayisa umuzi kuqedwe nangezindaba zefa.
Uma befika bathola i- alarm lingasebenzi lize lilungiswe indodana uglover. Kabazi ngalo mzuzu ukuthi kunezigebengu ezine eziholwa ngu-eddie ezingaphakathi endlini ngenhloso yokuthola imali engu-$4 million ezikholwa wukuthi isesisefeni sikamufi.
Emuva kokubathumba, ushaun uyaphumelela ukubaleka angene ehlathini eliseduze ehujwa nguPeter ongesinye sezigebengu.
Ishuba lana-ke indaba ngoba kumele azame ukuyosindisa umndeni wakhe. Konke okwenzeka kusukela la kuyimpi kwizigebengu nabathunjwa abagcina sebebulalana bodwa nabo. Khona lapho kufika nojustin ongumyeni - kashaun engalindelwe, agcine eyingxenye yabathunjiwe. Ushaun nguye injini kulo mndeni osenkingeni. Njengokujwayelekile ekugcineni sukuyophuma ilanga ayafika amaphoyisa. Ingenile e- cinema ngolwesihlanu lwayizolo. zowakha@ilanganews.co.za
IMPELASONTO yokugoqa inyanga yomhlaka-25-27 May ishiye I-AVENGERS INFINITY WAR iphambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r67 311 050 kanti IDEADPOOL 2 ibihleli esicongweni ngokubukwa kakhulu. Nalu uhlu lwamafilimu ayishumi ahambe phambili ngokubukwa: