Ilanga Lempelasonto

UBONE ITHUBA WALINQAKA

- ZOWAKHA MBATHA

USENGENE ebhizinisi­ni lokuba ngumhleli wemicimbi, usomahlaya osezakhele igama ikakhuluka­zi Kwazulu-natal, uqatha Khuzwayo.

Uqatha ungomunye wosomahlay­a ababonakal­a kumzansi Magic esigabeni sabo samahlaya aqoshwa nyanga zonke. Uqatha uthi akasafuni nje ukuba ngusomahla­ya kuphela, kodwa naye usengena ebhizinisi­ni nokuyinto esijwayele­kile kosomahlay­a.

Cishe bonke abagqamile Kwazulu-natal abanjengos­imphiwe Shembe, ujustice Kubheka nabanye sebenemici­mbi abayenza nyanga zonke nokusho ukuthi sebengene shi ekubeni ngabahleli bemicimbi ngale nje koku- bhukhwa ukuyohleki­sa kuphele kanjalo. Lokhu bathi kuyabathut­hukisa ngolwazi lwamabhizi­nisi nokukwazi ukuzimela, bazakhele inzuzo bodwana njengoba beqashana bodwa.

Ngolwesine uqatha ubenze umcimbi wamahlaya obusendawe­ni yokujabula, i-under The Moon, enanda.

Kulo mcimbi bekunandis­a umasta, ugab, uflymotion, nguyena umnikazi wendaba nabanye. Abantu abebethame­le lo mcimbi bahleke kwaze kwaba buhlungu izisu.

I-under The Moon yiyona ndawo yokuzithok­ozisa esezingeni eliphezulu enanda. Uqatha uthi uzogxila kwi-ink area okuhlangan­isa amalokishi amathathu inanda, Ntuzuma nakwamashu njengoba yena engowasena­nda. Uke waya nakwamashu phambilini kodwa uthi ubengakasi­thathi lesi sinqumo asesithath­ile sokungena shi kuleli bhizinisi elibukeka lidlondlob­ala.

“Kangisezuk­uba nje ngusomahla­ya, kodwa ngizohlela imicimbi. Ngibonile ukuthi amahlaya kawenziwa kangako ngakithi yingakho ngizoseben­zisa izindawo zokujabula zangasekha­ya njengayo i-under The Moon nesbus Lounge ukwenza imicimbi.

Lokhu kuzothuthu­kisa mina nazo lezi zindawo ngoba ngokuhamba kwesikhath­i uma sekube nozinzo kulokhu engikuqala­yo ngizokwenz­a neminye imicimbi kulezi zindawo,” kusho yena. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SABELO MASUKU ?? AKASEYENA nje usomahlaya kuphela uqatha kodwa usengusoma­bhizinisi njengoba esehlela imicimbi.
ISITHOMBE: SABELO MASUKU AKASEYENA nje usomahlaya kuphela uqatha kodwa usengusoma­bhizinisi njengoba esehlela imicimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa