UBONE ITHUBA WALINQAKA
USENGENE ebhizinisini lokuba ngumhleli wemicimbi, usomahlaya osezakhele igama ikakhulukazi Kwazulu-natal, uqatha Khuzwayo.
Uqatha ungomunye wosomahlaya ababonakala kumzansi Magic esigabeni sabo samahlaya aqoshwa nyanga zonke. Uqatha uthi akasafuni nje ukuba ngusomahlaya kuphela, kodwa naye usengena ebhizinisini nokuyinto esijwayelekile kosomahlaya.
Cishe bonke abagqamile Kwazulu-natal abanjengosimphiwe Shembe, ujustice Kubheka nabanye sebenemicimbi abayenza nyanga zonke nokusho ukuthi sebengene shi ekubeni ngabahleli bemicimbi ngale nje koku- bhukhwa ukuyohlekisa kuphele kanjalo. Lokhu bathi kuyabathuthukisa ngolwazi lwamabhizinisi nokukwazi ukuzimela, bazakhele inzuzo bodwana njengoba beqashana bodwa.
Ngolwesine uqatha ubenze umcimbi wamahlaya obusendaweni yokujabula, i-under The Moon, enanda.
Kulo mcimbi bekunandisa umasta, ugab, uflymotion, nguyena umnikazi wendaba nabanye. Abantu abebethamele lo mcimbi bahleke kwaze kwaba buhlungu izisu.
I-under The Moon yiyona ndawo yokuzithokozisa esezingeni eliphezulu enanda. Uqatha uthi uzogxila kwi-ink area okuhlanganisa amalokishi amathathu inanda, Ntuzuma nakwamashu njengoba yena engowasenanda. Uke waya nakwamashu phambilini kodwa uthi ubengakasithathi lesi sinqumo asesithathile sokungena shi kuleli bhizinisi elibukeka lidlondlobala.
“Kangisezukuba nje ngusomahlaya, kodwa ngizohlela imicimbi. Ngibonile ukuthi amahlaya kawenziwa kangako ngakithi yingakho ngizosebenzisa izindawo zokujabula zangasekhaya njengayo i-under The Moon nesbus Lounge ukwenza imicimbi.
Lokhu kuzothuthukisa mina nazo lezi zindawo ngoba ngokuhamba kwesikhathi uma sekube nozinzo kulokhu engikuqalayo ngizokwenza neminye imicimbi kulezi zindawo,” kusho yena. zowakha@ilanganews.co.za