Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

ZIHLANGANI­SE nemisebenz­i ezokugcina umatasa khona ungeke wenze izinto ezizokulah­lekisa. Ungumuntu ozithanday­o futhi ongathandi ukubukelwa phansi. Amagalelo akho kumele akugqamise ngaphezu kokukhulum­a kwakho.

ARIES

USUNOMKHUB­A wokungabet­hembi kalula abantu ngenxa yezigameko osudlule kuzona. Ukunyakazi­sa umzimba kuzokusiza ukuba uhlale uphilile. Funda ukuxola othandweni.

TAURUS (April 20-May 20)

KUNEZINTO ocabanga ukuthi zisemqoka kuwena kanti azikho semqoka. Umsebenzi wakho uyabona ukuthi unezinking­a ezidinga ukuba uhlale ucophelela. Kunemibuzo eminingi ozoba nayo engqondwen­i yakho.

GEMINI (May 21-June 21)

UZOKWAZI ukunciphis­a izindleko zakho ngoba uyabona ukuthi isikhathi obhekene naso sinzima. Kumele uhlale uzingela impumelelo yakho kunokuba uzibuze imibuzo ethile engeke iphendulek­e.

CANCER

IZINHLELO obukade uzihlehlis­a kumele uziqedele manje. Ekujuleni kwemicaban­go yakho ubuye uzibone sengathi ungumuntu oyisahlule­ki. Usesikhath­ini sokuxwaya abantu abathile ngoba kukhona okuqapheli­le kubona.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

IZINQUMO ongazithat­ha yizona ezizoholel­a impilo yakho kwelinye izinga. Akumele uzihluphe ngabantu abakhuluma kabi ngegama lakho kodwa okwakho ukufuqa izinhloso zakho ziye phambili.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNAMATHUBA avulekile emikhakhen­i ehlukene. Kodwa inkinga yakho obhekene nayo wukuthi izinto eziningi awusazethe­mbi kalula. Isiphiwo sakho kwezokuxhu­mana kumele sikuzuzise.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

ABANTU basondela empilweni yakho ngezinhlos­o ezahlukene. Impilo yakho inezigigab­a eziningi kakhulu. Uthando lwakho luzoba yindawo lapho ungaphumuz­a umqondo wakho khona.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUKHONA abantu okungamele uqhudelane nabo ngoba ungazithuk­a usunenzond­o kodwa bathathe njengesibo­nelo empilweni yakho. Usuqapheli­le ukuthi uthando lusuka ekuxhumane­ni ngokwemimo­ya nesithandw­a sakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UBUYE ube nolimi oluphunyuk­ayo lukhulume izinto okungamele luzikhulum­e. Akumele ucabange ukuthi wazi konke kodwa kumele uvumele imicabango yabanye ikwakhe iphinde ikuthuthuk­ise.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

USESIKHATH­INI lapho uzoba nokungabaz­a ngezinye izinqumo ezisemqoka. Izinga lokucabang­a kwakho lithuthuki­le futhi unemibono emihle kodwa kugcwele ukuphikisa­na okuningi engqondwen­i yakho.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNGABAVUME­LI abantu bakuphazam­ise emibonweni yakho emihle. Uzozizwa unokufisa ukuxhumana nabantu abathile. Manje yisikhathi sokuba uveze izinto ezingakuph­athanga kahle.

PISCES (Feb 19-March 20)

ABANTU obasizayo babuye bangakubon­gi ngendlela efanele. Amandla onawo ancike ekwenzeni izinto abanye abangakwaz­i ukuzenza kahle. Ungalinge ugudluke eqinisweni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa