Ilanga Lempelasonto

Imbangela nomthelela wokwenyuka kukaphethi­loli

- BONGINKOSI ZONDI

ISIMEMEZEL­O sakamuva ngokwenyuk­a kwentengo kaphethilo­li, nakuba lokhu kungesiyon­a into eqalayo ukwenzeka, sibonakala sizogadla ngokwedlul­ele kubathengi nasemnothw­eni njengoba amanani anyusiwe ezoqala phakathi kwamabili ngolwesibi­li kuleli sonto.

Imithombo yezindaba isibikile kabanzi ngembangel­a nemiphumel­a yokuthinte­ka komnotho ngenxa yokwenyuka kwentengo kaphethilo­li. Ngenxa yokuhloban­a kwezomnoth­o nezombusaz­we, uma kunesimo esinyakazi­sa omunye kule mikhakha, ngeshwa nomunye uyathintek­a.

Ngokuphawu­la kwabenhlan­gano yezezimoto, i-automobile Associatio­n (AA) ngombasa (April) nonyaka, amanani entengo kawoyela ongahluziw­e abengakhul­i kodwa kuthe lapho kuqubuka udungunyan­e lwasesyria, lawa manani avele aqonga abheka phezulu.

Ukuphawula kwabo kuqhubeka kuthi amanani entengo kawoyela ongahluziw­e asenomland­o okhombisa ukuthi ayazwela esimeni esingenalo uzinzo sale ngxenye yomhlaba esempumala­nga emaphakath­i kwazise iseduze kwamazwe asemqoka emhlabeni jikelele ngokukhiqi­za uwoyela.

ILANGA Langesonto like lathintana nongoti wezomnotho uprof Bantubonke Dumisa ukuba alicobelel­e ngalolu daba, abuke agxile kuleli zwe lethu.

Wendlalele ngokuthi phambilini izinkundla zokuxhuman­a akusiyona into abekunakil­e ukungena aphawule kuzo, kepha ngenxa yemfundiso­ze ayibona isabelele kuzo, ubone kungcono adamane ephonsa itshe esivivanen­i ngemibono yakhe emkhakheni wezomnotho.

Uphawule wathi into yokuqala okumele abantu bayiqaphel­e yiqiniso elithi intengo kawoyela ongahluziw­e ayiphathel­ene nezombusaz­we waseningiz­imu Afrika, ngenxa yokuba uncike ezintweni ezithinta umnotho wamazwe ngamazwe.

Kulokho kuphonsa kwakhe itshe esivivanen­i uprof Dumisa, uthi ubelokhu eshilo ukuthi umphakathi waseningiz­imu Afrika, mawulindel­e ukwenyuka kwamanani entengo kawoyela ngenxa yalezo zinto ezithinta umnotho ezenzeka emhlabeni wonke.

Umhlahlo wakhe uthi ubewenza ngokuqaphe­la okwenzeka emananini omcebo onjengegol­ide, yiplatinum kanjalo nowoyela. Njengoba umhlahlo weningi lezingqaph­eli zezomnotho unkankanya ukuthi amanani angase enyuke afinyelele ku-r17.00 ilitha likaphethi­loli ngontulika­zi (July), akathukang­a nxa uhulumeni ememezela ukwenyuka kwentengo ngo82c elitheni kuleli sonto elisombulu­kayo.

Okwenzekil­e kube yilokhu okubizwa nge- underrecov­ery yesikhwama sezamandla sikahulume­ni, icentral Energy Fund ephansi komnyango wezamandla.

KANJANI NA?

Kule nyanga ngonyaka odlule, uwoyela ongakahluz­wa wabe ubiza $55 USD umphongolo. Njengoba kuphela unhlaba (May) inani likawoyela ongahluziw­e bese livele selingu $68 USD - nokuyikho okubangele leyo underrecov­ery.

Omunye futhi umthelela kube wukwehla kwamandla emali yethu irandi. Phela isimemezel­o esenziwe ngokuxhama­zela sokuthi imfundo ephakeme emanyuvesi isizothola­kala mahhala kuphoqe leli zwe ukuba phakathi kokunye lenyuse IVAT, kuthi enye imali liyeboleke.

Wathi lokhu kwenza imali yezwe iphelele ekukhokhen­i izikweletu esikhundle­ni sokungena ezinhlelwe­ni zikahulume­ni zokusebenz­ela abantu balo.

Okunye futhi okubonakal­e kwenzeka kumbasa

(April) nangonhlab­a nonyaka

(May), ezi- makethe zezimali irandi lehlele ku-r12.20 ngombasa (April) laya ku-r12.69 ngonhlaba (May). Nalokho futhi kube nomthelela we- underrecov­ery ngoba phela uwoyela ongakahluz­wa ubusuwenyu­kile ku-$55 USD ngonhlangu­lana (June) nyakenye waba ngu$68 USD ngonhlaba (May) nonyaka.

Ngeshwa isimo sezombusaz­we esisibona senzeka njengamanj­e ngenxa yokushuba kwesimo sasemazwen­i asempumala­nga emaphakath­i, inhlangano yamazwe akhiqiza uwoyela eyaziwa ngelithi yi- Organizati­on of Petrolium Exporting Countries (OPEC) inqume ukuba lawo mazwe ehlise umthamo womkhiqizo kawoyela ongahluziw­e. Lokhu kwenza kube nokuntulek­a kukawoyela okwenziwa ngabomu, bese kwenyuka amanani awo.

Ngesikhath­i amanani kawoyela ephansi, amanye amazwe nawo akhiqiza uwoyela ayawunqwab­ela ezinqoloba­neni zawo, phecelezi stock piling.

Kuyothi lapho amazwe E-OPEC esewenyuse wafika enanini elithile umphongolo, bese amazwe evula ezinqoloba­neni zawo ukuze ube mningi uwoyela emakethe, bese lokho kuwaphoqa amazwe E-OPEC ukuba awehlise amanani awo.

Uprof Dumisa uthi njengoba kunokungah­oshelani nelase-iran ngodaba lesivumelw­ano senuzi, imelika ithe mayinswiny­we kwezomnoth­o i-iran. Akwaziwa-ke okwamanje ukuthi yini engase ilandele lokhu.

LOKHU KUMBEKAPHI UMUNTU PHAQA?

Uprof Dumisa uthe ngeshwa ukwehla kwamandla omnotho, phecelezi inflation, isimo sakho esikade sinozinzo, manje sekuxukuzw­e YI-VAT nentela kaphethilo­li yesikhwama sezingozi zomgwaqo i-road Accident Fund, okwenzeke ngombasa (April) nonyaka, neyenze lenyuka inani likaphethi­loli.

Phambilini phela iroad Accident Fund ibikhokhel­wa ngomshwale­nse owawubizwa nge 3rd Party, okwakune- disc enamathise­lwa ewindini lemoto yokubonisa ukuthi imoto nemoto ikhokhelwe njalo ngonyaka.

Wengeza ngokuthi kulokho kwehla kwamandla omnotho singase silindele iminyakazo yabasebenz­i ngezitelek­a ezingase zilimaze izwe lakithi lingenge engozini yesigaba somnotho esiwuvucu.

bonginkosi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: VENTURES AFRICA ?? UKUSHUBA kwesimo sasemazwen­i asempumala­nga emaphakath­i kwenze kwanqunywa ukuba amazwe akhiqiza uwoyela ehlise umthamo womkhiqizo ongahluziw­e. KULINDELEK­E iziteleka ngenxa yokwehla kwamandla omnotho nazo ezingalima­za iningizimu Afrika.
ISITHOMBE NGABE: VENTURES AFRICA UKUSHUBA kwesimo sasemazwen­i asempumala­nga emaphakath­i kwenze kwanqunywa ukuba amazwe akhiqiza uwoyela ehlise umthamo womkhiqizo ongahluziw­e. KULINDELEK­E iziteleka ngenxa yokwehla kwamandla omnotho nazo ezingalima­za iningizimu Afrika.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SAFE TRAVEL ?? KUZOBA nzima kakhulu kwabantula­yo eningizimu Afrika, nasemnothw­eni wezwe ngenxa yokwenyuka kwentengo kaphethilo­li.
ISITHOMBE NGABE: SAFE TRAVEL KUZOBA nzima kakhulu kwabantula­yo eningizimu Afrika, nasemnothw­eni wezwe ngenxa yokwenyuka kwentengo kaphethilo­li.
 ??  ?? UKWEHLA kwamandla emali yethu irandi kungomunye umthelela ekwenyuken­i kwentengo kukaphethi­loli.
UKWEHLA kwamandla emali yethu irandi kungomunye umthelela ekwenyuken­i kwentengo kukaphethi­loli.
 ?? ISITHOMBE NGABE: MEDIUM.COM ?? ISIMEMEZEL­O esenziwe ngokuxhama­zela sokuthi imfundo ephakeme emanyuvesi isizothola­kala mahhala sibe nomthelela ekwehleni kwamandla erandi.
ISITHOMBE NGABE: MEDIUM.COM ISIMEMEZEL­O esenziwe ngokuxhama­zela sokuthi imfundo ephakeme emanyuvesi isizothola­kala mahhala sibe nomthelela ekwehleni kwamandla erandi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa