Ilanga Lempelasonto

UMNCEDISI MKHIZE UDALULA OBEKUMENZE­LA PHANSI KWI-COMRADES

- MZWAMANDLA ZONDI

UMNCEDISI Mkhize ( osesithomb­eni) ongomunye wabasubath­i abathwele ithemba lekwazulu-natal kwicomrade­s Marathon ufuna ukubhala igama lakhe emjahweni wanonyaka ozokuba ngesonto usukela emgungundl­ovu usongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Umkhize usegijime lo mjaho amahlandla angu-13 kanti ukwaze ukuqeda imijaho engu-9. Unamagolid­e angu-7 namasiliva amabili.

Umkhize utshele leli phephandab­a ngoLwesihl­anu ukuthi usekwenze konke ukuwulungi­selela.

Uthi usezame kaningi ukuwunqoba kodwa ahluleke. Umkhize ujabulise ikwaZulu-natal yonke ngo-2007 ngesikhath­i engena endaweni yesithathu.

“Sengizame kaningi ukudla ubhedu kulo mjaho kodwa izinto zingiphike. Nonyaka kufanele noma kanjani ngiwunqobe kwazise neminyaka iyahamba. Njengoba ngikhula nje, nesivinini siyaphela.

"Kangikwaza­nga ukuwuqeda lo mjaho nyakenye ngenxa yokulimala kanti nonyaka ngiphile saka.

"Uma ngizokwenz­a njengakwiz­ululand Ultra Marathon lapho engingene khona endaweni yesine, kangingaba­zi ukuthi ngizokuba yingqwele ngesonto.

“Into ebingiphaz­amisa phambilini wukuthi bengingaha­mbi nebhantshi leli eliphambil­i, bengigijim­a kakhulu uma sekwedlulw­a kwihalf Way Mark kanti nabo yilapho bekhuphula khona amasokisi, bese kuba nzima ukubafica.

"Nonyaka ngizokube ngihamba nabo. "Ngendlela engiqatha ngayo kuzokufa ofayo,” kusho umkhize oneminyaka engu-37 ubudala.

Lo msubathi wemaxed Elite ukhonze ukuzijimel­a ngayedwa. Uthe ubenza amakhilomi­tha angu-250 ngesonto, okwenza abe ngu-1000 ngenyanga.

“Nonyaka kunabagiji­mi ababili ebengijima nabo. Bengibabek­a phambili ngamakhilo­mitha angu-5 kodwa bengikwazi ukugijima ngize ngibadlule.

Uma ngehluleki­le ukunqoba ngesonto, okungenani kuzomele ngingene nabokuqala abangu-10 ukuze ngandise izindondo zami zegolide kulo mjaho,” kusho umkhize onesikhath­i esingu-5:32 kwicomrade­s asenze ngo-2007.

Abasubathi okubhekwe ukuba badlisele ogageni umkhize ngubongumu­sa Mthembu oyingqwele, udavid Gatebe ophethe irekhodi lalo mjaho u-5:18 uma kwehliwa, ugift Kelehe onqobe ngo-2015, uludwick Mamabolo ohlale njalo engena nabokuqala abayisihla­nu, ukubala nje abambalwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa