Ilanga Lempelasonto

I-COMRADES INGENELWE NANGABAHAM­BA NGEZIHLALO

- MZWAMANDLA ZONDI

ONGOTI baqine idolo ngokuphuma kuleli kwezingqwe­le zecomrades Marathon yanonyaka ezokuba ngesonto isukela ecity Hall yaseMgungu­ndlovu isongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini. Lo mjaho ungenelwe ngabasubat­hi abangaphez­ulu kuka-20 000, kanti uzoqala ngo-05h30.

Umjaho wanonyaka uzokube ugubha iminyaka engu-93 wasungulwa kanti uzokube uyibanga lika-90km.

Ungenelwe ngabasubat­hi abaphuma emazweni angaphezul­u kuka-80.

Nonyaka umzila uzokube uhluke kakhulu njengoba kuzosukelw­a ecity Hall, emgungundl­ovu kuqondwe njalo kudlulwe escottsvil­le bese kujoyinwa un3 amakhilomi­tha ambalwa bese uyajika usubheke emzileni wawo omdala.

Uma sekudlulwa esherwood lapho kune-cut off khona yokugcina, lo mjaho uzohamba ngasohlang­othini elibheke ethekwini kungafani nakuqala lapho ubuphamban­a nezimoto uma kwehliwa.

Kulo mjaho kubhekwe ngabomvu ubongumusa Mthembu wa- Kwazulu-natal osubathela i-arthur Ford ukuzama ukuvikela ngempumele­lo isicoco sakhe.

Umthembu kubhekwe ukuba athwale kanzima kubasubath­i abaphekwa ngujohn Hamlett, ikakhuluka­zi kudavid Gatebe ophethe irekhodi uma kwehliwa alenze ngo-2016 (5:18) nogift Kelehe obe yingqwele ngo2015.

Abanye ababhekiwe nguLudwick Mamabolo onqobe ngo2012 kanti ngemuva kwalokho uhlale njalo engena nabokuqala abayisihla­nu, uclaudia Moshiywa onqobe ngo-2013, ucharles

Tjiane, umncedisi Mkhize ongakwazan­ga ukuwuqeda nyakenye ngenxa yokulimala ukubala nje abambalwa.

Kwabangaph­andle kubhekwe uhatiwande Nyamande wasezimbab­we ocishe wadlisela umthembu ogageni nyakenye, uprodigal Khumalo wasezimbab­we ongene nabokuqala abangu-10 nyakenye, utebogo Sello waselesoth­o ukubala nje abambalwa base-afrika, kanti bakhona naba- phuma emazweni angaphandl­e abasefomin­i enhle.

Ucuan Walker nowillie Mtolo abangabahl­aziyi bezokugiji­ma batshele leli phephandab­a ngo- IJOMO Cosmos ihlule iplatinum Stars ngo2-1 emdlalweni wokugcina icala wama-playoff okunyukela kwi-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama evosloorus Stadium.

Lo mdlalo ubugijinye­lwa ukuzifudum­eza njengoba udlalwe iblack Leopards isinyukele kwi-absa Premiershi­p. Ingene ngokuhlula icosmos ngo-1-0 elimpopo.

Manje amehlo asethe njo ecaleni elifakwe yi-ajax Cape Town elwelwa ukubuyisel­wa amaphuzu amathathu anikezwe iplatinum. I-ajax ikhala ngokuthi iplatinum inikwe amaphuzu kungafanel­e ngoba kayisifaka­nga isikhalo ngokudlali­swa kukatendai Ndoro osolwa ngokudlale­la amakilabhu amathathu ngesizini eyodwa, okuyinto ephambene nomthetho wefifa.

Icala le-ajax kulindelek­e ukuba lingene ngolwesith­athu enkantolo enkulu yasegauten­g kanti isabise ngokuthi uma liyilahla, izolidluli­sela kwicourt of Arbitratio­n for Sport (Cas) eswitzerla­nd. Isinqumo esiphuma kwicas kusuke kuwujuqu.

Okwenza sibhekwe ngabomvu isinqumo ngaleli cala wukuthi uma singavuna i-ajax kungasho ukuthi imidlalo yama-play off ibingekho emthethwen­i njengoba igijinywe yiplatinum. kwahlukana ukuthi kumnyama kubomvu izingqwele zalo mjaho kubo bobubili ubulili kuzokuba ngezakulel­i.

Nonyaka icomrades izokube inabasubat­hi abahamba ngezihlalo (wheelchair) nalabo ababona lufifi kanti odumile kubona nguMandla Zwane wakwanongo­ma ozokube egijima lo mjaho ihlandla lika-12.

Lo mjaho ube nezigigaba eziningi ikakhuluka­zi kwabesifaz­ane kuhoxa ngaphambi kwawo ingqwele yanyakenye, ucamile Herron olandele ucaroline Wostmann wakuleli naye ikilabhu yakhe IKPMG ememezele ngemizuzu yokugcina ukuthi ngeke esalibamba iqhaza kulo mjaho ngenxa yokungabi qatha ngokwanele.

Ukuhoxa kwalaba basubathi kubukeka kuzokwenza izinto zibe lula kugerda Steyn oyingqwele yetwo Oceans Marathon othwelwe ngeqoma ukuhamba ezinyathel­weni zikacaroli­ne odle ubhedu kuyo yomibili le mijaho ngo-2015.

Yize ugerda ethe akafuni ukuzifaka ingcindezi engenasidi­ngo ngalo mjaho, kodwa ukushiya kwakhe umsebenzi wequantity Surveying edubai, kukubeka ngokusobal­a ukuthi akezile ukuzosinis­a amahleza.

Kwabesifaz­ane usteyn ubukeka engase athwale kanzima kucharne Bosman obe yingqwele ngo-2016 eshiya imfivilith­i ucaroline.

Abanye ababhekiwe ngudanette Smith, uyolande Maclean, umary Kourie ukubala nje abambalwa.

Izingqwele zizohlomul­a ngoR475 000 kwehle njalo kuze kufike kwabangene endaweni yeshumi.

Umsubathi wokuqala wakuleli uzothola u-r200 000 ngaphezulu bese kuthi owakwazulu-natal ahlabane ngo-r35 000 ophuma emnyangwen­i wezemidlal­o.

Umklomelo wesifundaz­we kubhekwe ukuba uthathwe nguMthembu kanti abangase bamthwalis­e kanzima ngumkhize, unkosinath­i Duma othuse abaningi nyakenye engena nabokuqala abangu-20 ukubala nje abambalwa.

Kwabesifaz­ane besifundaz­we kubhekwe ufikile Mbuthuma ukuba ahlomule igolide lesibili kulo mjaho kanti omunye ngulisa Collett owenza kahle kakhulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa