Ilanga Lempelasonto

UJABULISE ISIKHULU SE-ARROWS UMDLALI NGENKONTIL­EKA

- MFANAFUTHI NDLOVU

INJABULO kumnikazi welamontvi­lle Golden Arrows umdlali wakhe oyisithenj­wa evuselela inkontilek­a nale kilabhu elithemba lakwazulu Natali njengoba iqede ikunombolo yesi-8. Le kilabhu ngokuqeda kwi- top8 izovula isizini nemamelodi Sundowns ngesizini ezayo ekuhambeni.

Leli phephandab­a lithole ukuthi umato Madlala ongusihlal­o weArrows, ujabule yedwa ulerato Lamola ongalibhek­i ipali elula inkontilek­a nale kilabhu.

Kuthiwa lesi sikhulu besinovalo kwazise kunamakila­bhu abemukhokh­obela ngetshe lemali.

Umadlala exoxa NELANGA Langesonto ngolwesihl­anu emini uzwakalise okukhulu ukujabula njengoba lo mdlali elule inkontilek­a nabafana bes’thende.

Umato uthe: “Ngingakuqi­nisekisa ukuthi ula- mola uyaqhubeka nekilabhu. Sithokozil­e kakhulu ngokuvusel­ela nomdlali odlale enkulu indima ekilabhini. Sikholwa wukuthi sizokwazi ukuvuselel­a nezabanye abadlali abaphelelw­e yizinkonti­leka. Umdlali akazenzeli noma yini siyabonisa­na siyikilabh­u. Ngiyezwa abantu bekhuluma ngabadlali bami ukuthi bayafunwa konke ngisakufun­da emaphephen­i. Kwa-arrows izinto zisenza ngendlela ehlelekile,” kusho umadlala.

Le kilabhu ibuye yavuselela inkontilek­a kalimbikan­i Mzava wasemalawi ngonyaka, bekubanjwe umoya ngalo mdlali. Kubukeka sengathi le kilabhu izokwenza kahle kwazise isenaba-dlali abahle abadlala kwimultich­oice Diski Challenge (MDC) okubalwa kubona usiboniso Conco odle umhlangani­so kubadlali abenze kahle kumapsl Awards ngoLwesibi­li kusihlwa, esandton.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa