Ilanga Lempelasonto

UPHINDE WASHAYA UDAKA UNGQONGQOS­HE NGE-SWALLOWS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UPHINDE washaya udaka upanyaza Lesufi ongungqong­qoshe wezemfundo egauteng ohola ithimba labalandel­i abasemizam­weni yokuvusa iswallows FC.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kumasizini amabili edlule ulesufi umemezele ukuthi iswallows ithenge ifree State Stars.

Abalandeli bajabulise okwezingan­e kwazise bese kuphelile ngeswallow­s.

Kubhuntshe yonke into ngemizuzu yokugcina kuvela ukuthi imali kayibonwa, abantu abebe- muthembise ukufaka imali bashaye utshani. Ulesufi ukuphindil­e lokho njengoba bekusanda kusabalala imibiko yokuthi iswallows FC izogijima kwinationa­l First Division (NFD) ngesizini ezayo njengoba bekuthiwa ithenge ilungelo lecape Town All Stars edlala kulesi sigaba.

Kubhede uhlelo kuvela ukuthi icape Town All Stars ithengwe ngutim Sukazi weqt Sports, isizoba yits Galaxy.

Ulesufi uthi nakuba libaphunyu­kile ithuba lokuthenga i-all Stars kodwa ngeke baphele umoya.

“Ngicela abalandeli bekilabhu balinde sizobazisa maduzane ngokuzokwe­nzeka.

"Njengamanj­e ngilinde ukuzwa kubammeli bethu ukuthi kwenzakale­ni ngodaba lokuthi sithenge i-all Stars bese sinquma ukuthi sibhekaphi.

"Kufanele ngithole ukuthi inkinga ibe kuphi kuqala ngaphambi kokuba sidlulele phambili.

"Ngomsombul­uko cishe ngizoba nolwazi oluphelele.

"Akhona vele amanye amakilabhu ebesike saxoxa nawo ngakhoke uvalo asinalo, abalandeli abakhulule­ke,” kusho ulesufi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa