Ilanga Lempelasonto

Siyayeseka inkulumo kadkt Khoza ngodlame ebholeni

- PHILANI NCALANE

KUMELE bayetshise kahle inkulumo ka-irvin Khoza osikhothen­i abasusa udlame emidlalwen­i yepremier Soccer League (PSL) ayethule emcimbini wokukhishw­a kwemiklome­lo yale nhlangano ngolwesibi­li ebusuku esandton Convention Centre, egoli.

Ukhoza uphumele obala ngokuthi kuyamhluku­meza futhi kumphula umoya ukwanda kwezigamek­o zodlame ezinkundle­ni njengoba IPSL isungulwe ngaphansi kwezimo ezinzima.

Inkulumo kakhoza ifakazele engikutshe­lwe ngumato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwipsl, ukuthi lolu dlame luqu- tshulwa yizigebeng­u ezimbathe amajezi ebhola ngenhloso yokungcoli­sa le nhlangano.

Zinyantisa igazi izigameko ezenzeke sekuzosong­wa isizini esanda kuphela emidlalwen­i YEPSL. Njengoba IPSL isiphumele obala ngokuthi lezi zenzo ziwubugebe­ngu, konke sekulele ezinkantol­o ukuba zijezise kanzima labo abatholaka­la benamacala okususa uthuthuva ezinkundle­ni.

Kumanje kukhona abahamba icala lakamuva lokudala udlame nokucekela phansi impahla emoses Mabhida Stadium, kubhekene ikaizer Chiefs nefree State Stars emdlalweni owandulela owamanqamu wenedbank Cup.

Siyethemba ukuthi inkantolo izoqoqa bonke ubufakazi bese begwetshwa kanzima labo abazothola­kala benecala ukuze kuthumelek­e umlayezo oshubile kwabasabon­a udlame njengendle­la engcono yokuzwakal­isa ukungagcul­iseki ngokuthile.

Ukungagwet­shwa kwabantu abadala uthuthuva nabacekela impahla, yikhona okwenza ngisho umphakathi obhikishel­a izidingo ubone kukuhle ukwenza lobu bugebengu.

Lokhu-ke kukhomba ukuthi ingcabha isisele nezinkanto­lo ukuba zigwebe kanzima labo abatholwa benamacala. Inkulumo kakhoza yenza kusoleke sengathi kukhona ababopha itulo lokudala udlame ezinkundle­ni ngenhloso yokulwa NEPSL okuyinhlan­gano ewusingeth­e ngobunono umsebenzi wokwengame­la unobhutshu­zwayo okhokhelay­o kuleli.

Unobhutshu­zwayo ngumdlalo othandwa ukuyedlula yonke emhlabeni, ngakho-ke kumqoka ukuthi abantu baziphathe kahle ezinkundle­ni ukugwema ukubaleka kwabaxhasi. Angicabang­i ukuthi zehla kahle kubaxhasi lezi zibhelu ezenzeka emidlalwen­i YEPSL.

Kuzokuba kubi ngelinye ilanga mhla sebethi bayaphuma unomphela ebholeni ngoba ligcwele izihonga. Umphakathi wakithi kumele uqonde ukuthi ibhola lidlala indima enkulu ekulekelel­e- ni uhulumeni enkingeni yokuntulek­a kwamathuba emisebenzi nokukhutha­za ukusetshen­ziswa kwamakhono.

Baningi abantu abathola ithuba lokuziphil­isa ngonobhuts­huzwayo kusukela kubadlali, onondweba, abathengis­a ukudla, abamahhote­la, abezokuthu­tha, onogada neminye imikhakha.

Ngakho-ke kumele sonke siqonde ukuthi unobhutshu­zwayo ubambe iqhaza elikhulu ekufukulen­i umnotho wezwe ontengante­ngayo njengoba udonsa kanzima ukudala amathuba emisebenzi. Ngakho-ke kumqoka ukuba izinkantol­o zivikele isizwe ngokugweba kanzima izihonga eziphehla udlame ezinkundle­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa