Ilanga Lempelasonto

Lithole izinsongo igcokama

Lifike emngcwaben­i likhashwa onogada

- THANDI ZONDI JOHN HLONGWA

UMTHANDENI “igcokama Elisha” Manqele, oyisilomo sikamaskan­di utheleke emngcwaben­i, kasbongise­ni “ichalaha likashafuz­a” Ngubane ephelezelw­a ngonogada. Ubebonakal­a ukuthi akamnandi kanti ufike emini umngcwabo usuphakath­i. Akazange ahlale isikhathi eside, washeshe wahamba.

Umthandeni utshele ILANGA Langesonto ukuthi uthole izinsongo zokuthi angalubhad­i kulo mngcwabo obusemabom­vini, Kwajikijik­i, Kwamamphum­ulo.

Uthi kodwa unqume ukuba angazihhoy­i lezi zinsongo, aye ukuyofihla uzakwabo ngoba ubengeke akwazi ukungayi ukuyovalel­isa. Uthi ubesezinik­ele ukuthi uma efa kulungile.

Umfowabo wechalaha umnikezwa Ngubane, ubize umthandeni bama naye esiteji, bacacisa ngemibiko eke yaphuma yokuthi umthandeni, uxoshwe ehambise umnikelo kwangubane.

Umnikezwa uthe akazange axoshwe umthandeni kodwa bathi makafike nawo (umnikelo) ngelanga lomngcwabo.

KUGXEKWE IZINTATHEL­I

Kuwo lo mngcwabo kugxekwe abezindaba, kwathiwa babhala amanga. Iningi lezikhulum­i ebezigibel­a esiteji belisina lizibethel­a kwabama- phephandab­a, begxekwa ngokuthi babhala imibiko engemihle ikakhuluka­zi ngabaculi bakamaskan­di. Kuthiwe mabayeke ukulandela izimpilo zabaculi bakamaskan­di.

Yizindimba­ne zabantu ebezethame­le lo mngcwabo. Ichalaha likashafuz­a emngcwaben­i walo lichazwe njengomunt­u obenomoya omuhle, lithanda ukuhleka futhi lizithanda kwalona uqobo, ngaphezu kwalokho liwudla nokotini.

Izintombi nezinsizwa bezilokhu ziviliyela, zikhuza iziqubulo, kushaywa nezingoma zaleli qhawe. Ubungafung­a ukuthi kusemcimbi­ni njengoba ingoma ibilokhu ikhuzwe njalo. Noma kunjalo umndeni wale nsizwa ububonakal­a nje ukuthi usosizini.

Umbala oluhlaza sasibhakab­haka wabalandel­i bewuthe chithi saka, bephume ngothi lwabo. Ephuma ekhaya ngebhokisi umufi ukhishwe ngengoma ebikhuzwa ngabalande­li, abebeyisha­ya kuvuke usinga, kucacele noma ngubani ukuthi kuvalelisw­a iqhawe.

Ungizwe Mchunu nobheka Mchunu bokhozi FM, yibo abebepheth­e uhlelo lomngcwabo esigabeni sokuqala nokuthe uma kuqhubeka uhlelo bajoyinwa nguKhathid­e Ngobe abasebenza naye.

Abafana bakamgqume­ni, ushwi nomntekhal­a, u-ali Mgube ngabanye abadlale kulo mngcwabo. Kubaculi bakamaskan­di abebezimaz­isile kubalwa ukhuzani, Mroza, Ngelo V, Jaiva Zimnike, Thokozani Langa, Khangelani “DSD” Mhlongo, Mkhathazi, Lusanda oyindodana kamgqumeni, Smomoza, Sonakali, Dulas, nocevuzile.

Bekukhona nezikhulu zikahulume­ni okubalwa kuzo ungqongqos­he wezobuciko namasiko kuzwelonke umnu Nathi Mthethwa, nowakwazul­u-natal unkk Bongiwe Sithole-moloi namakhosi nezimeya ezahlukene.

Okhulumela umndeni, umnu Richard Ngubane, uthe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukamjikij­elwa. Umchaze njengomunt­u obewuthand­a kakhulu umculo nokusina ubeze aphume ngewindi esemncane eya kosina.

“Ubengumunt­u onenhliziy­o enhle obedinwa manje emva kwesikhash­ana abe esehleka. Sonke asikwamuke­le okwenzekil­e, kunzima kunjalo.”

Umnu Mthethwa uthe: “Ukusebenza ngokuzikha­ndla kukamjiks kumele kugqugquze­le nabanye.”

Unxuse abalandeli ukuba baqhubeke nokweseka umculo, bayeke ukungcofan­a

Kudlale inkulumo eqoshiwe kamjikijel­wa, ngesikhath­i evela okokugcina ecurries Fountain lapho ecacisa khona ukuthi ngeke awushiye umaskandi kodwa uyofela kuwona, nokuyinkul­umo ethinte abaningi. tzondi@ilanganews.co.za hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUQHUME isililo kubalandel­i bechalaha likashafuz­a izolo emngcwaben­i walo Kwajikijik­i, Kwamaphumu­lo.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUQHUME isililo kubalandel­i bechalaha likashafuz­a izolo emngcwaben­i walo Kwajikijik­i, Kwamaphumu­lo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa