Lithole izinsongo igcokama
Lifike emngcwabeni likhashwa onogada
UMTHANDENI “igcokama Elisha” Manqele, oyisilomo sikamaskandi utheleke emngcwabeni, kasbongiseni “ichalaha likashafuza” Ngubane ephelezelwa ngonogada. Ubebonakala ukuthi akamnandi kanti ufike emini umngcwabo usuphakathi. Akazange ahlale isikhathi eside, washeshe wahamba.
Umthandeni utshele ILANGA Langesonto ukuthi uthole izinsongo zokuthi angalubhadi kulo mngcwabo obusemabomvini, Kwajikijiki, Kwamamphumulo.
Uthi kodwa unqume ukuba angazihhoyi lezi zinsongo, aye ukuyofihla uzakwabo ngoba ubengeke akwazi ukungayi ukuyovalelisa. Uthi ubesezinikele ukuthi uma efa kulungile.
Umfowabo wechalaha umnikezwa Ngubane, ubize umthandeni bama naye esiteji, bacacisa ngemibiko eke yaphuma yokuthi umthandeni, uxoshwe ehambise umnikelo kwangubane.
Umnikezwa uthe akazange axoshwe umthandeni kodwa bathi makafike nawo (umnikelo) ngelanga lomngcwabo.
KUGXEKWE IZINTATHELI
Kuwo lo mngcwabo kugxekwe abezindaba, kwathiwa babhala amanga. Iningi lezikhulumi ebezigibela esiteji belisina lizibethela kwabama- phephandaba, begxekwa ngokuthi babhala imibiko engemihle ikakhulukazi ngabaculi bakamaskandi. Kuthiwe mabayeke ukulandela izimpilo zabaculi bakamaskandi.
Yizindimbane zabantu ebezethamele lo mngcwabo. Ichalaha likashafuza emngcwabeni walo lichazwe njengomuntu obenomoya omuhle, lithanda ukuhleka futhi lizithanda kwalona uqobo, ngaphezu kwalokho liwudla nokotini.
Izintombi nezinsizwa bezilokhu ziviliyela, zikhuza iziqubulo, kushaywa nezingoma zaleli qhawe. Ubungafunga ukuthi kusemcimbini njengoba ingoma ibilokhu ikhuzwe njalo. Noma kunjalo umndeni wale nsizwa ububonakala nje ukuthi usosizini.
Umbala oluhlaza sasibhakabhaka wabalandeli bewuthe chithi saka, bephume ngothi lwabo. Ephuma ekhaya ngebhokisi umufi ukhishwe ngengoma ebikhuzwa ngabalandeli, abebeyishaya kuvuke usinga, kucacele noma ngubani ukuthi kuvaleliswa iqhawe.
Ungizwe Mchunu nobheka Mchunu bokhozi FM, yibo abebephethe uhlelo lomngcwabo esigabeni sokuqala nokuthe uma kuqhubeka uhlelo bajoyinwa nguKhathide Ngobe abasebenza naye.
Abafana bakamgqumeni, ushwi nomntekhala, u-ali Mgube ngabanye abadlale kulo mngcwabo. Kubaculi bakamaskandi abebezimazisile kubalwa ukhuzani, Mroza, Ngelo V, Jaiva Zimnike, Thokozani Langa, Khangelani “DSD” Mhlongo, Mkhathazi, Lusanda oyindodana kamgqumeni, Smomoza, Sonakali, Dulas, nocevuzile.
Bekukhona nezikhulu zikahulumeni okubalwa kuzo ungqongqoshe wezobuciko namasiko kuzwelonke umnu Nathi Mthethwa, nowakwazulu-natal unkk Bongiwe Sithole-moloi namakhosi nezimeya ezahlukene.
Okhulumela umndeni, umnu Richard Ngubane, uthe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukamjikijelwa. Umchaze njengomuntu obewuthanda kakhulu umculo nokusina ubeze aphume ngewindi esemncane eya kosina.
“Ubengumuntu onenhliziyo enhle obedinwa manje emva kwesikhashana abe esehleka. Sonke asikwamukele okwenzekile, kunzima kunjalo.”
Umnu Mthethwa uthe: “Ukusebenza ngokuzikhandla kukamjiks kumele kugqugquzele nabanye.”
Unxuse abalandeli ukuba baqhubeke nokweseka umculo, bayeke ukungcofana
Kudlale inkulumo eqoshiwe kamjikijelwa, ngesikhathi evela okokugcina ecurries Fountain lapho ecacisa khona ukuthi ngeke awushiye umaskandi kodwa uyofela kuwona, nokuyinkulumo ethinte abaningi. tzondi@ilanganews.co.za hlongwaj@ilanganews.co.za