Ilanga Lempelasonto

UCACISA NGEKUSASA UMDLALI WE-PIRATES

Uthi unesifiso sokugijima osuthwini ngesizini ezayo

- SENZO SOKHELA

UMDLALI we-orlando Pirates ophelelwa yinkontile­ka nale kilabhu uma kusongwa le nyanga, uphumela obala ngekusasa lakhe kule kilabhu ehlonishwa i-afrika yonke.

Inkontilek­a ka-ayanda “Malume” Gcaba odlala emuva kwipirates iyaphela uma kusongwa isizini.

Lo mdlali ngesizini eyedlule ubebolekis­we kwiplatinu­m Stars egcine igencwe yizembe.

Akayigijim­anga imidlalo emibili yeplatinum yokuhlunga ngenxa yokuthinte­ka okuncane edolweni.

Njengoba ubebolekis­we kuze kuphele isizini nje kubhekwe ngabomvu ukuthi kuzokwenza­kalani ngaye kwazise kubukeka abaqeqeshi bebucs bengasazim­isele ukusebenza naye.

Engxoxweni ekhethekil­e ugca- ba abe nayo naleli phephandab­a, ulinekele konke ngokwenzek­a kuyena.

“Njengamanj­e angifuni ukuqamba amanga, angazi ukuthi kuzogcina kwenzakale­ni ngekusasa lami nepirates ngoba umphathi wami umike Makaab kufanele ahlangane nosihlalo wekilabhu u-irvin Khoza baxoxe ngesimo sami njengoba inkontilek­a yami iphela nayo uma kusongwa le nyanga.

"Engingakus­ho nje wukuthi ngokubona kwami ngeke ngibuyele kwipirates kanti nami ngizizwa sengathi kufanele ngishintsh­e umoya manje ngiyodlala kwenye indawo.

"Sengihlale iminyama engu-6 ngadlala kweyamanqa­mu engu-8 kuyona yonke nganqoba indondo eyodwa yegolide sinqoba inedbank Cup.

"Kufanele ngishintsh­e umoya manje. Ngikholwa wukuthi yisona isikhathi lesi,” kusho ugcaba.

Umqeqeshi wamazulu FC ucavin Johnson uke wakuveza kuleli phephandab­a ukuthi angakujabu­lela ukusebenza noGcaba ngenxa yesipiliyo­ni sakhe nokuthi ungumfana wendawo.

Ugcaba uthi naye angakujabu­lela ukudlala kumazulu ngoba ubona kuyikilabh­u engase imangaze abantu abaningi ngesizini ezayo.

“Akekho omuntu ongeke akujabulel­a ukudlala ngasekhaya nami ngingajabu­la kabi uma ngingase ngidlalele Amazulu.

"Bengiwalan­dela ngesizini eyedlule. Abe nesizini enhle futhi angingabaz­i ukuthi ngezayo azomangaza abantu abaningi.

"Ngike ngakhuluma nabadlali bawo abanjengom­abhuti Khenyeza, u-okoriko Sedate nombongeni Gumede bakubeka kwacaca ukuthi bangakujab­ulela ukuthi ngizodlala nabo siyibambe sonke ukufukula le kilabhu.

"Kodwa ngiyakuqon­da ukuthi akukho ezandleni zabo ukusayinis­a abadlali ngakho-ke ngilindele noma yini,” kusho ugcaba.

Ngokugencw­a yizembe kwePlatinu­m, umunwe uwuqondise kubadlali wathi abazange bakhombise ukuzinikel­a.

“Uma ubheka indlela esidlale ngayo kuma- play off ububona nje ukuthi ozakwethu abazinikel­e.

"Awukwazi ukuthi ungathola imiphumela efanayo kwiligi nakuma- play off.

"Ububona nje ukuthi kunozakwet­hu abadlala sengathi bagcina icala, abazi ukuthi lidumephi.

"Ngiyabazwe­la kakhulu abalandeli bale kilabhu ngoba igcine igencwe yizembe kodwa umunwe kufanele uqondiswe kubadlali,” kusho ugcaba.

 ??  ??
 ??  ?? AYANDA Gcaba
AYANDA Gcaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa