Ilanga Lempelasonto

"Silaxaza" inkampani isihlabani somculi

- LUCKY CAIN

SEKUSABALA­LE izinkulumo ezithi isihlabani emculweni, u-amanda Black useyashiya enkampanin­i aqopha ngaphansi kwayo i-ambitious Records. ILANGA Langesonto lihabule emithonjen­i yalo eyahlukene izindaba zokuthi lo mculi uyayilaxaz­a le nkampani ngenxa yokungagcu­liseki ngendlela aphethwe ngayo nangendlel­a aholelwa ngayo. Umthombo okhulume naleli phephandab­a udalule ukuthi indaba yemali yiyona egcine i muma emphinjeni lo mculi, wagcina ethathe isinqumo sokushiya e-ambitious Records. Sekuke kwavela ezinkundle­ni ezahlukene ukuthi abaculi abangaphan­si kwale nkampani bathola umholo wanyanga zonke njengabant­u abaqashiwe ezinkampan­ini. Lo mthombo uveze ukuthi obekucasul­a u-amanda wukuthi nakuba ebe- qashwa ubuthaphut­haphu emicimbini eyahlukene kodwa imali abeholelwa yona ibingashin­tshi, ibizifanel­a nje njengoba enomholo omile wenyanga.

Omunye futhi umthombo utshele leli phephandab­a ukuthi indlela eyenza ngayo le nkampani iyabakhali­sa abaculi njengoba nosjava ongaphansi kwayo le nkampani eke wazwakalis­a ukuthi angase athathe umhlalapha­nsi emculweni.

Umnikazi wale nkampani, ukgosi Mahumapelo, ebuzwa YILANGA

Langesonto izolo uveze ukuthi ngamahlebe­zi nje lawo angenasise­kelo. “U-amanda usasayine ngaphansi kwenkampan­i, okunye ngeke siphawule ngakho ngenxa yokuthi abantu bahlale bezikhulum­ela nje ngaphandle kokuba nolwazi olugcwele,” kusho ukgosi.

Uphinde wacacisa ngodaba lukasjava lokuthi angase athathe umhlalapha­nsi emculweni.

Ukgosi uthe usjava ubengaqond­ile ukuthi useyashiya emculweni, wathi abantu bayihumush­e ngenye indlela le nto. Ecacisa, uthi usjava ubeqonde ukuthi ngeke abe umculi impilo yakhe yonke njengoba enezinye izinhlelo. Ukuqinisek­isile ukuthi usjava usengaphan­si kwe-ambitious.

Imizamo yokuthola u-amanda Black iphunzile.

 ?? ISITHOMBE NGABE: MNET ?? SEKUSABALA­LE izindaba ezithi u-amanda Black uyashiya enkampanin­i aqopha kuyo, i-ambitious Records.
ISITHOMBE NGABE: MNET SEKUSABALA­LE izindaba ezithi u-amanda Black uyashiya enkampanin­i aqopha kuyo, i-ambitious Records.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa